1UMA ku tolakala umuntu e buleweyo endhle ezweni o li piwe uJehova uTixo wako ukuba u li fuye, ku ngaziwa ombuleleyo;
2Ba ya kusuka abakulu ba kini nabahluli, ba linganise emizini o m zungezayo o buleweyo;
3Ku ya kuti, abakulu bomuzi o seduze naye obuleweyo ba tate isitole, e si nga zanga si sebenze, nesi nga bonanga si botyelwe ejokweni.
4Abakulu ba lowomuzi ba ya kusehlisela leso isitole esigodini esi isiwa e si nga bonanga si linywa si hlwanyelwa ba yapule intamo yesitole lapo esigodini.
5Nabapristi, amadodana ka Levi, ba ya kusondela; ngokuba ibona a ba ketiweyo uJehova uTixo wako ukuba ba konze, ba busise, ngegama lika Jehova; ku ya kunqanyulwa konke ukuxabana nokutyaya ngezwi labo.
6Izikulu zonke za lowo muzi o seduze nomuntu obuleweyo, zi ya kuhlanzela izandhla zabo pezu kwesitole esi nqunyelwe ikanda esigodini;
7Ba ya kupendula ba ti, Izandhla zetu a zi li citanga leligazi, namehlo etu a ka li bonanga.
8Yiba nomusa, O Jehova, kubantu bako abaIsraeli, o ba sindisileyo, u nga li pindiseli igazi eli nge nacala, kubantu bako abaIsraeli. Igazi ba ya kulitetelelwa.
9Nga lokoke ni ya kususa indaba yegazi eli nge nacala kinina, lapo nenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova.
10Lapo u pumayo ukulwa nezita zako, uJehova uTixo wako e se zi nikele ezandhleni zako, nawe u su zi tumbile,
11Uma u bona kwabatunjiweyo owesifazana omuhle, u m tanda, ukuba u menze a be umkako.
12U ya kumleta endhlini yako; a pucule ikanda lake, a nqume izinzipo zake.
13A zi suse izingubo zake zobugqili, a hlale endhlini yako, a kalele uyise, nonina inyanga yonke; na ngasemva kwa loko u ya kungena kuye, u be indoda yake, naye a be umkako.
14Ku ya kuti, uma u nga jabuli ngaye, u m dedele a ye lapo e tanda kona; kodwa u nga tengisi ngaye ngemali, u nga m pati kabi, ngokuba u m tobisile.
15Uma indoda i nabafazi ababili, omunye e tandeka, omunye aliwa, ba m zalele abantwana bobabili otandekayo, nowaliwayo, indodana yezibulo i nge yowaliwayo;
16Ku ya kuti lapa e zahlukanisela amadodana ake ifa a nalo, a nga i dhlulisa indodana yotandekayo ngapezu kwendodana yowaliwayo o ka uyena wamazibulo ngempela.
17Kodwa u ya kuvuma indodana yomfazi o waliwayo ukuba i izibulo, ngokuinika izinxenye ezimbili kuko konke a nako; ngokuba yona i ngukuqala kwamadodana ake okufanele izibulo ku ngo kwayo.
18Uma umuntu e nendodana e shingayo, embi, e nga vumiyo ukulilalela izwi lika yise, ne lika nina, noko se be i tyayile, i dhlule i nga ba laleli;
19Uyise nonina ba ya kuibamba, ba i yise ezikulwini zomuzi, esangweni lendawo yake.
20Ba ya kuti ezikulwini zomuzi wake, Lendodana yetu i ya shinga, imbi, a i li laleli izwi letu; i umpangi, nesidakwa.
21Amadoda onke omuzi wa kubo, a ya ku m gxoba ngamatye a fe; nga loko ni ya kususa lobububi kinina; abaIsraeli bonke ba ya kuzwa, besabe.
22Uma umuntu enzile isono esi lingenwe ukufa, a be ngo za ku bulawa, ni m panyeke emtini;
23Isidumbu sake ma si nga hlali bonke ubusuku emtini, kodwa u ya kumgqiba impela ngalolusuku, (ngokuba yena o panyekiweyo u isinengiso kuTixo) ukuba li nga ngcoliswa izwe lakini o li piwe uJehova uTixo wako li be ifa lako.