1ILESI isibusiso, a ba busisa ngaso abantwana baka Israeli, uMosi umuntu ka Tixo, e nga ka fi.
2Wa ti, uJehova wa vela eSinai, wa puma eSira wa ya kubona; wa kanya entabeni iParani, wa fika nabangcwele aba izinkulungwane ezi ishumi; ngasesandhleni sake sokuponsa kwa puma umteto womlilo wabo.
3Yebo, wa ba tanda abantu; bonke abangcwele bake ba sesandhleni sako; ba hlala ezinyaweni zako; bonke ba ya kwamkela amazwi ako.
4uMosi wa si yaleza umteto, ifa lebandhla lika Jakobe.
5Wa e inkosi eJeshuruni, lapo izinhloko zabantu, nezizwe za kwa Israeli za zi butene.
6Ma ka pile uRubeni a nga fi; ba ngabi incozana abantu bake.
7Lesi isibusiso sika Juda wa ti, yizwa Jehova, izwi lika Juda u m lete kubantu bake; izandhla zake ma zimanele; u m size eziteni zake.
8NgoLevi, wa ti, iTumimi, neUrimi lako ma li be no ingcwele wako, o wa m linga eMassa, no walwa naye emanzini a seMeriba;
9O wa ti kuyise nonina, a ngi m bonanga; a ka vumanga abafo wabo, nabantwana bake ka bazanga; ngokuba bona ba li qapela izwi lako, ba gcina isimemezelo sako.
10Ba ya kufundisa uJakobe ukulunga kwako, nabakwaIsraeli umteto wako; ba ya kubeka impepo ngapambi kwako, nomnikelo otyisiweyo opeleleyo pezu kwelati lako.
11Busisa, Jehova, okwake, u wamukele umsebenzi wezandhla zake; ba hlabe okalweni bona aba m vukelayo nabo a ba m zondayo; ukuba ba nga pindi, ba vuke.
12NgoBenjamini, wa ti, o tandiweyo kaJehova u ya kuhlala kahle; uJehova u ya kumsibekela lonke usuku, a hlale emkatini wamahlombe ake.
13NgoJosefa, wa ti, Izwe lake lo busiswa uJehova, ngezinto ezi ingcwele zezulu, ngombete, na ngolwandhle olu hamba pansi.
14Na ngezitelo ezi igugu ezi veziwa ilanga, na ngezinto ezi igugu ezi veziwa inyanga.
15Na ngezinto ezinkulu zezintaba za kade, na ngezinto ezi igugu zezintatyana e zi ma njalo,
16Na ngezinto ezi igugu zomhlaba, nokugcwala kwawo, na ngentando elungileyo yake o wa e hlezi ehlatini; isibusiso ma si ze pezu kwekanda lika Josefa, na pezu kwekanda lake o wa hlukanisiwe nabafo wabo.
17Udumo lwake lu njengezibulo lenkomo yake, nezimpondo zake zi njengezimpondo zezinyati; ngazo u ya kuqubela abantu ekugcineni komhlaba; ba izinkulungwane ezishumi zakwa Efraimi nezinkulungwane zakwa Manassa.
18NgoZebuloni wa ti, jabula Zebuloni ekupumeni kwako nawe Isaka kotente bako.
19Ba ya kubizela abantu entabeni; lapo ba ya kunikela iminikelo yokulunga, ngokuba ba ya kudhla kokuningi kolwandhle, namagugu a fihliweyo esihlabatini.
20NgoGadi, wa ti, U busisiwe yena o kulisayo uGadi u hlezi njengebubesi, wapula ingalo kanye, nokakayi lwekanda.
21Wa za hlukanisela inxenye yokuqala yena, ngokuba lapo wa e hlezi kona e ngu m niki womteto; wa fika kanye nezinhloko zabantu, wa feza imiteto ka Jehova, nokwahlula kwake kwaba ka Israeli.
22NgoDani wa ti, uDani u iundhlu lebubesi, u ya kweqa e vela eBashani.
23NgoNaftali wa ti, O Naftali, u koliwe umusa, u suti isibusiso sika Jehova; yidhla intyonalanga neningizimu wena.
24NgoAsheri, wa ti, Ma ka busiswe uAsheri ngabantwana, ma ka tandeke kubafo wabo, ma ka cwilise unyawo iwake emafuteni.
25Izicatulo zako zi ya kuba insimbi, netusi; njengezinsuku zako o ba njalo namandhla ako,
26A ka ko o fana noTixo ka Jeshuruni, o kwela pezu kwezulu ekunisizeni, na ngobukulu bake pezu kwamafu.
27uTixo ongenakupela u inqaba yako, ngapansi ku kona izingalo ezi ngunapade, u ya kukipa isita ngapambi kwako; a ti bulalani.
28uIsraeli u ya kuhlala kahle e yedwa; umtombo ka Jakobe u ya kuba sezweni lombila newaini; amazulu ake a ya kuconsisa umbete.
29U ya jabula wena Israeli; ubani o njengawe na? nina bantu aba sindisisweyo uJehova, isihlangu sokunisiza, o inkemba yokulunga kwako! izita zako zi ya kufunyanwa zi ngabaqambamanga kuwe; u ya kunyatela izindawo zabo ezipakemeyo.