1IZIMPUKANE ezi fileyo zenza amafuta enyanga yemiti a nuke kabi, nobuula obu incozana bu menza njalo yena o nodumo ngokuhlakanipa nokulunga.
2Inhliziyo yohlakanipileyo i nga kwesokunene e yesiula i nga kwe sokohlwa.
3Futi nxa o isiula e hamba endhleleni, ukuhlakanipa kwake ku ya pela, u tyo kubo bonke ukuti siula.
4Uma ulaka lombusi lu ku vukela u nga shiyi indawo yako ngokuba ukulalela ku ya tulisa izono ezikulu.
5Ku kona okubi e ngi ku bonile ngapansi kwelanga, isiposiso esi velayo kumbusi.
6Ubuula bu ya pakanyiswa bu nodumo olukulu kodwa abacebileyo ba pansi.
7Ngi bonile izinceku zi kwele amahashi namakosi e hamba pansi emhlabeni njengezinceku.
8Ombayo umgodi u ya ku wela kuwo nowapulayo utango u ya kulunywa inyoka.
9Osusayo amatye u ya ku linyazwa iwo naye obandayo izinkuni u ya ku ba nengozi ngazo.
10Uma insimbi i butuntu, u nga yi loli usiko, kona u ya kwandisa amandhla, kodwa ukuhlakanipa ku fanele ukuqondisa.
11Impela i ya luma inyoka i nga buliwe, ipotyopotyo a li dhluli.
12Amazwi omlomo wohlakanipileyo a nomusa kodwa izindebe zesiula zo gwinya.
13Ukuqala kwamazwi omlomo wake ku buula, nokupela kokukuluma kwake ku ukuhlanya okubi.
14Isiula sandisa amazwi, umuntu a nge tyele loku o ku ya kuba kona. Noko o ku ya ku ba kona emva kwake, ubani o nga si tyela na?
15Ukusebenza kwesiula ku ya ba dinisa bonke ngabanye: ngokuba a si yazi indhlela e qonda emuzini.
16Au kuwena, Lizwe, uma inkosi yako i umntwana namakosana ako e dhla ekuseni.
17U busisiwe wena, Lizwe, uma inkosi yako i umntwana wezikulu namakosana ako e dhla ngesikati esifaneleyo ku be ukuqiniswa kwawo, ku nga bi ukudakwa kwawo.
18Indhlu ya bola ngobuvila obukulu nangokungena i nete.
19Idili lenzelwa ukutokoza newaini li yenamisa kodwa imali i lingene konke.
20U nga yi tuki inkosi, cabo, na senhliziyweni yako u nga hlebi abacebileyo na sendhlini yako yokulala; inyom i ya ku hambisa izwi ne namapiko i ya ku tyela indaba.