1NGENYANGA yesitatu ngasemva kokupuma kwabaka Israeli ezweni la sEgipite, ngalolosuku ba fika ehlane la seSinai.
2Besuka eRefidime ba fika ehlane la seSinai, ba ngenisa ehlane; lapo abaIsraeli ba ngenisa pambi kwentaba.
3uMosi wenyuka wa ya kuTixo; uJehova wa memeza kuye entabeni, wa ti, Yityo kuyo indhlu kaJakobe; u ba tyele abaka Israeli, u ti,
4Na bona loko enga kwenzayo kuwo abasEgipite, nokuti, nga ni twala ngamapiko okozi, nga ni leta kimi.
5Bhekani, uma ni lalela izwi lami impela, ni gcine isivumelwano sami, kona ni ya kuba imfuyo yami ku nazo zonke izizwe; ngokuba umhlaba wonke u ngowami;
6Ni ya kuba umbuso wami wabapristi, nesizwe esingcwele. Lawa a ngamazwi o ya kuwatyo kwabaka Israeli.
7uMosi weza, wa biza izikulu zabantu, wa beka pambi kwazo lawomazwi onke, a m yalela wona uJehova.
8Abantu bonke ba pendula kanyekanye, ba ti, Konke a ku tyiloyo uJehova, si ya kukwenza. uMosi wa buyisela kuJehova amazwi abantu.
9uJehova wa ti kuMosi, Bheka, ngi za kuwe ngefu elinzima, ukuba abantu bezwe, nxa ngi kuluma nawe, ba kwetembe wena njalonjalo uMosi wa m landisa uJehova amazwi abantu.
10uJehova wa ti kuMosi, Hamba u ye kubantu, u ba hlambulule namhla na ngomuso; a ba hlanze izingubo zabo;
11Ba be a se be lungile ngosuku lwesitatu; ngokuba ngosuku lwesitatu uJehova u ya kwehlela entabeni ya seSinai emehlweni abantu bonke;
12Wo ba misela abantu umkaulo inxa zonke, u ti, Xwayani, ni ngenyukeli entabeni, ni nga pati eceleni kwayo; lowo o ya kupata intaba u ya kubulawa impela;
13Ka nga patwa ngesandhla, kodwa a kandwe ngamatye, nokuba a tyawe ngemicibityolo impela; a ku nga pili, noma ku inkomo, noma ku umuntu nxa ku tyaywa itilongo lokumemeza, a benyukele entabeni.
14uMosi wehla entabeni wa ya kubantu; wa ba hlambulula abantu; ba hlanza izingubo zabo.
15Wa ti kubantu, Yibani se ni lungile ngosuku lwesitatu; ni nga sondeli kumfazi.
16Kwa ti ngosuku lwesitatu, se ku sile, kwa ba kona ukuduma, nonyazi, nefu elinzima, pezu kwentaba; nokukala kwetilongo okukulu kakulu; ba tutumela bonke abantu aba sekamu.
17uMosi wa puma nabantu ekamu ukuya kuhlangana noTixo; ba ya bema enzansi nentaba.
18Intaba yonke ya seSinai ya tunqa umusi; ngokuba uJehova wa ehlele pezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi weziko; intaba yonke ya zamazama kakulu.
19Ukukala kwetilongo kwanda kwezwakala kakulu, uMosi wa kuluma, uJehova wa m pendula ngezwi.
20uJehova wehlela pezu kwentaba ya seSinai, esihlokweni sentabeni pezulu; uJehova wa biza uMosi ukuba eze esihlokweni sentaba; uMosi wa kupuka.
21uJehova wa ti kuMosi, Yehla, u ba yalisise abantu, funa ba fohlele kuJehova ukuba ba bheke; ba fe abaningi kubo.
22Abapristi, aba sondela ku Jehova, a ba zihlambulele nabo, funa uJehova a ba sukele.
23uMosi wa ti kuJehova, Abantu ba nge kupukele entabeni ya seSinai; ngokuba u si yalisisile, wa ti, Misela intaba umkaulo, u i hlambulule.
24uJehova wa ti kuye, Hamba, wehle; wo buya u kupuke, wena noAroni; kodwa abapristi nabantu a ba nga fohli ukukupukela ku Jehova, funa eqele kubo.
25uMosi wehla wa ya kubantu, wa ba tyela.