1ILOKU o ya kukwenza kubo ukubahlukanisa ba be abapristi bami, ukuti, Tabata itole, nezinqama ezimbili ezi nge nacala,
2Nesinkwa esi nga vutyelwe, nezinkwana ezi nga vutyelwe ezi telwe ngamafuta, nezinkwana ezi izingcwecwana ezi nga vutyelwe ezi gcotywa ngamafuta; u zenze ngempupu ka kolweni.
3U zi beke ku baskiti munye, u zi lete ngaye ubaskiti, kanye netole nezinqama zombili.
4U sondeze uAroni namadodana ake emnyango wetabanekele lokuhlangana, u ba geze ngamanzi.
5U tabate izivato, u fake kuAroni ituniki nemeili leefodi, neefodi, nekoshene, u m bincise ibande elifeketisiweyo leefodi.
6U fake isigqoko ekanda lake, u beka idiadema elingcwele esigqokweni.
7U tabate amafuta okugcoba, u wa tele ekanda lake, u m gcobe.
8U sondeze amadodana ake, u bembese amatuniki.
9U ba bope ngamabande, uAroni namadodana ake, u ba fake iziqoko, ba be nobupristi ngomteto opakade, u ba beke uAroni namadodana ake.
10U sondeze itole pambi kwetabanekele lokuhlangana; uAroni namadodana ake ba beke izandhla zabo enhlokweni yetole.
11U hlabe itole pambi kuka Jehova emnyango wetabanekele lokuhlangana.
12U tabate igazi letole, u li bece ezimpondweni zelati ngomunwe wako, u tele igazi lonke pansi ngaselatini.
13U tabate amafuta onke embilini, namanoni pezu kwesibindi, nezinso zombili, namafuta a kuzo, u ku tyise elatini.
14Kepa inyama yetoli, nesikumba salo nomswani walo, u ku tyise ngomlilo ngapandhle kwekamu; ku umnikelo wokona.
15U tabate inqama i be nye; uAroni namadodana ake ba beke izandhla zabo enhlokweni yayo.
16U i hlabe inqama, u tabate igazi layo, u fafaze ilati ngalo inxa zonke.
17U i hlahlele inyama, u hlanze izibilini zayo, namanqina ayo, u ku beke ndawonye nezito nekanda.
18U tyise inqama yonke elatini, ku umnikelo wekutyiswa ku Jehova; ku ipunga elimnandi, ku umnikelo womlilo kuJehova.
19U tabate enye inqama; uAroni namadodana ake ba beke izandhla zabo enhlokweni yayo.
20U hlabe inqama, u tabate igazi layo, u li bece esitinzini sendhlebe sokunene sika Aroni, na sezitinzini zezindhlebe zokunene zamododana ake, nasesitupeni sesandhla sokunene sabo, na sozwanini olukulu lonyawo lokunene lwabo u fafaze ilati ngalo inxa zonke.
21U tabate igazi eli selatini, namafuta okugcoba, u fafaze ngako uAroni, nezivato zake, namadodana ake, nezivato zamadodana ake; a be ngcwele yena, nezivato zake, namadodana ake, nezivato zamadodana ake.
22U tabate amafuta enqama, nomsila ononileyo, namafuta embilini, namanoni pezu kwesibindi, nezinso zombili, namafuta a kuzo, nomlenzi wokunene; i inqama yokwahlukanisa;
23U tabata isinkwa sinye, nesinkwana sinye esi telwa amafuta, nesinkwana sinye esi ucwecwe kubaskiti wezinkwa ezi nga vutyelwe ezi pambi kuka Jehova;
24U beke konke ezandhleni zika Aroni na sezandhleni zamadodana ake; u ku zulise ku be umnikelo wokuzuliswa pambi kuka Jehova.
25U buye u ku tabate ezandhleni zabo, u ku tyise elatini kanye nomnikelo wokutyiswa, ku be ipunga elimnandi pambi kuka Jehova, ku umnikelo womlilo ku Jehova.
26U tabate isifuba senqama yokwahlukanisa uAroni, u si zulise, si be umnikelo wokuzuliswa pambi kuka Jehova; ko ba isabelo sako.
27U ngcwelise isifuba somnikelo wokuzuliswa, nomlenzi womnikelo wokuzuliswa, a zuliswayo nonikelwayo, okwenqama yokumiswa, loko okuka Aroni, naloko okwamadodana ake;
28Ko ba okuka Aroni nokwamadodana ake ngomteto opakade kwabaka Israeli; ku umnikelo; ko ba umnikelo kwabaka Israeli, kuyo imihlatyelo yeminikelo yabo yokutula, umnikelo wabo kuJehova.
29Izivato ezingcwele zika Aroni zo ba ezamadodana ake emva kwake, ukuba ba gcotywe, bamiswe bembete zona.
30Indodana yake e ngumpristi a i zambate izinsuku ezi isikombisa, nxa i ngena etabanekeleni lokuhlangana ukukonza endaweni engcwele.
31U tabate inqama yokumisa, u peke inyama yayo endaweni engcwele.
32uAroni namadodana ake a ba dhle inyama yenqama, nesinkwa esi kubaskiti, ngasemnyango wetabanekele lokuhlangana.
33Ba dhle loko oku hlaulwe ngako, ukuba ba miswe ba ngcweliswe; ku nga dhliwa omunye, ngokuba kungcwele.
34Uma ku sala inyama yokumisa ku ze ku se, noma isinkwa, wo ku tyisa okuseleyo ngomlilo, a ku nga dhliwa, ngokuba ku ngcwele.
35Wo kwenza njalo kuAroni na kuwo amadodana ake; njengako konke engi ku yalile ngako; a ku be izinsuku ezi isikombisa u ba misa.
36U nikele imihla ngemihla itole, li be umnikelo wokona, ku hlaulwe; u hlambulule ilati ngokulihlaulela, u li gcobe, u li ngcwelise.
37A ku be izinsuku ezi isikombisa u hlaulela ilati, u li ngcwelisa; li ya kuba ilati elingcwelengcwele; lowo o li patayo ilati ka be ngcwele.
38A ku be iloku o ya kukunikela elatini, ukuti; amaundhlu amabili a nomnyaka munye imihla ngemihla ngesikati sonke.
39U nikele elinye iundhlu kusasa, u nikele nelinye iundhlu kusihlwa.
40Kanye nelinye iundhlu u nikele okweshumi kweefa lempupu kakolweni i xubanisiwe nokwesine kwehini lamafuta agxotyiweyo nokwesine kwehini lewaini, ku be umnikelo wokupuza.
41Elinye iundhlu u li nikele kusihlwa, u nikele nalo umnikelo wempupu, nomnikelo wokupuza njenga kusasa; ku be ipunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
42Lo u ya kuba umnikelo wokutyiswa njalonjalo ezizukulwaneni zenu emnyango wetabanekele lokuhlangana pambi kuka Jehova, lapo ngi ya kuhlangana kona nani, ngi kulume kini.
43Lapo ngi ya kuhlangana nabaka Israeli; li ya kungcweliswa ngobukosi bami.
44Ngi ya kungcwelisa itabanekele lokuhlangana, nelati; ngi ya kungcwelisa naye uAroni namadodana ake, ba be abapristi bami.
45Ngi ya kuhlala pakati kwabaka Israeli, ngi be uTixo wabo.
46Ba ya kwazi ukuti, ngi nguJehova uTixo wabo, owa ba kipa ezweni la sEgipite ukuba ngi hlale pakati kwabo; ngi nguJehova uTixo wabo.