1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti,
2Bheka, ngi bizile ugegama uBezazalele, indodana ka Uri, indodana ka Huri, owesizwe sika Juda.
3Ngi m gcwalisile ngomoya ka Tixo, ngokuhlakanipa, na ngokuqonda, na ngokwazi, na ngayo yonke imisebenzi,
4Ukuba a qambe imisebenzi emihle, a sebenze ngegolide, na ngesiliva, na ngetusi,
5Na ngokuqopa amatye okwalukwa, na ngokubaza imiti, ukuba a sebenze imisebenzi yonke yokulumba.
6Bheka, ngi nikile kanye naye uAholiabi, indodana ka Ahisamaka, owesizwe sika Dani, na sezinhliziyweni zabo bonke abahlakanipileyo ngenhliziyo ngi bekile ukuhlakanipa, ukuba ba kwenze konke engi ku yalile ngako,
7Ukuti, itabanekele lokuhlangana, nekese lemiteto, nesisibekelo esi kulo, nezitya zonke zetabanekele.
8Netebula nezitya zalo, nekandelabra elihle, nezitya zonke zalo, nelati lempepo,
9Nelati lomnikelo wokutyiswa, nezitya zonke zalo, nelave, nesinqe salo,
10Nezivato zokukonza, nezivato ezingcwele zika Aroni umpristi, nezivato zamadodana ake, a be abapristi,
11Namafuta okugcoba, nempepo eqoliweyo yendawo engcwele; a benze njengako konke engi ku yalile ngako.
12uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
13Yityo kwabaka Israeli, u ti, A no gcina amasabata ami impela; ku isibonakaliso pakati kwami nani ezizukulwaneni zenu; ukuba nazi ukuti, ngi nguJehova o nahlukanisayo.
14A no gcina isabata; li ngcwele kini; lowo o li dumazayo a ka fe impela; o sebenza umsebenzi ngalo wo nqunywa kwaba kubo.
15Ku nga setyenzwa izinsuku ezi isitupa; kepa ngosuku lwesikombisa ku kona isabata lokupumula, li ngcwele kuJehova; o sebenza umsebenzi ngosuku lwesabata a ka fe impela.
16Ngakoke abaka Israeli a ba gcine isabata, ba bheke isabata ezizukulwaneni zenu, li be isivumelwano esipakade;
17Li isibonakaliso pakati kwami nabaka Israeli ku ze ku be pakade; ngokuba ngezinsuku ezi isitupa uJehova wenza izulu nomhlaba, wa pumula ngolwesikombisa, wa tokoza.
18Se e qedile ukukuluma naye uMosi entabeni ya seSinai, wa m nika izibhebhe ezibili zemiteto, izibhebhe zamatye ezi qotywe ngomunwe ka Tixo.