1UBEZALELE wenza ikese ngomuti womshita; ubude balo ba bu amakubiti amabili nenxenye, nobubanzi balo ba bu ikubiti nenxenye, nokupakama kwalo ikubiti nenxenye.
2Wa li nameka ngegolide elihle ngapakati na ngapandhle, wa lenzela udini lwegolide inxa zonke.
3Wa li pekela amasongo amane egolide, a sezinyaweni zone zalo, amasongo amabili kolunye uhlangoti, namasongo amabili kolunye uhlangoti.
4Wenza izinti ngomuti womshita, wa zi nameka ngegolide.
5Wa faka izinti emasongweni a sezinhlangotini zekesi, ukuba ikese li twalwe ngazo.
6Wenza isisibekelo ngegolide elihle; ubude baso ba bu amakubiti amabili nenxenye, nobubanzi baso ba bu ikubiti nenxenye.
7Wenza amakerubi amabili ngegolide, wa wenza ngomsebenzi olunjiweyo, ekugcineni kwesisibekelo inxa zombili;
8Elinye ikerubi ekugcineni ngalapa, nelinye ikerubi ekugcineni ngalapa; wenza amakerubi a ba kunye nesisibekelo, ekugcineni kwaso inxa zombili.
9Amakerubi elulela amapiko awo ngapezulu, a mboza isisibekelo ngamapiko awo, a bhekana ngobuso; ubuso bamakerubi ba bheka isisibekelo.
10Wenza itebula ngomuti womshita, ubude balo ba bu amakubiti amabili, nobubanzi balo ba bu ikubiti, nokupakama kwalo ikubiti nenxenye.
11Wa li nameka ngegolide; wa lenzela udini lwegolide inxa zonke.
12Wa lenzela usiko, olwa lingana nesandhla ngobubanzi balo, inxa zonke; wa lwenzela usiko udini ngegolide inxa zonke.
13Wa li pekela amasongo amane egolide, wa beka amasongo ezinqutyini zone zalo, ezi sezinyaweni zone zalo.
14Amasongo a e nga sodinini, ezindawo zezinti zokutwala itebula.
15Wenza izinti ngomuti womshita, wa zi nameka ngegolide, ukuba itebula li twalwe ngazo.
16Nezitya eza zi kona etebuleni, amapulete alo, namakapu alo, namabolwe, namafelasko alo okutela, wa zenza ngegolide elihle.
17Wenza ikandelabra ngegolide elihle; wa lenza ikandelabra, ngomsebenzi olunjiweyo nesinqe salo, noti lwalo; amagebia alo, namakaftori alo, nezimbali zalo, konke kwa ku kunye nalo.
18Nezimbaxa ezi isitupa ezipuma ezinhlangotini zalo; izimbaxa ezintatu zekandelabra kolunye uhlangoti lwalo, nezimbaxa ezintatu zekandelabra kolunye uhlangoti lwalo;
19Amagebia amatatu a faniswa nezimbali zamaalmondi kwenye imbaxa, ikaftori, nembali; namagebia amatatu a faniswa nezimbali zamaalmondi kwenye imbaxa, ikaftori, nembali; kwa ku njalo kuzo zositupa izimbaxa ezi puma kulo ikandelabra.
20Kwa ku kona kulo ikandelabra amagebia amane a faniswa nezimbali zamaalmondi, amakaftori alo, nezimbalo zalo;
21Ikaftori pansi kwezimbaxa ezimbili zi kunye nalo; nekaftori pansi kwezimbaxa ezimbili zi kunye nalo; nekaftori pansi kwezimbaxa ezimbili zi kunye nalo, kuzo izimbaxa zositupa ezi puma kulo.
22Amakaftori alo, nezimbaxa zalo, kwa ku kunye nalo; kwa ku kunye konke okwalo, okomsebenzi olunjiweyo wegolide elihle.
23Wenza amakandela a isikombisa alo, nezizenzi zalo, nezitya zalo zezinsizi, ngegolide elihle.
24Wa lenza ngetalenta legolide elihle, nezinto zonke zalo.
25Wenza nelati lempepo ngomuti womshita; ubude balo ba bu ikubiti, nobubanzi balo ba bu ikubiti; la li nezinhlangoti ezine ezilingenayo; ukupakama kwalo kwa ku amakubiti amabili; izimpondo zalo za zi kunye nalo.
26Wa li nameka ngegolide elihle, ngapezulu na sezinhlangotini zalo inxa zonke, nezimpondo zalo; wa lenzela udini lwegolide inxa zonke.
27Wa lenzela amasongo amabili egolide pansi kodini lwalo, ezinhlangotini zombili zalo, inxa zombili, a be izindawo zezinti zokulitwala.
28Wa zenza izinti ngomuti womshita, wa zi nameka ngegolide.
29Wenza namafuta a ngcwele okugcoba, nempepo enhle ngamaka, umsebenzi womqoli.