1KWA ti ngomnyaka wesikombisa, ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, kweza abatile babantu abadala ba seIsraeli ukubuza kuJehova, ba ti ba hlala pambi kwami.
2Kwa ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti,
3Ndodana yomuntu, kuluma kubo abadala ba seIsraeli, u tyo ku bona, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Se ni ze ukubuza kimi na? Kupila kwami, a ngi yi ku buzwa inina, i tyo iNkosi uJehova.
4Wo ba tetelela na? wo ba tetelela ndodana yomuntu na? ma u bazise ukunengeka koyise babo.
5U tyo ku bona ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngosuku e nga m keta uIsraeli ngalo, nga pakamisa isandhla sami kuyo inzalo yika Jakobe, ngaziwa kubo ezweni la sEgipite, nga pakamisa isandhla sami kubo, ukuti. Ngi nguJehova uTixo wenu;
6Ngosuku lolo e nga pakamisa ngalo isandhla sami kubo, uku ba pumisa ezweni la sEgipite be ze ezweni e ngi be ngi li hlolele bona, eli nobisi nezinyosi, eli ubuhle lona kuwo onke amazwe.
7Lapo nga ti kubona, Lahlani kini yilomuntu ukudineka kwamehlo ake, ni nga zingcolise ngezitombe za sEgipite; ngi nguJehova uTixo wenu.
8Kepa ba hlubuka kimi be nga vumi ukulalela kimi; a ba lahlanga yilomuntu ukudineka kwamehlo ake, a ba yekanga izitombe za sEgipite: lapo nga ti, Ngo tela intukutelo yami pezu kwabo, ukupelelisa ulaka lwami kubo pakati kwezwe la sEgipite.
9Kodwa nga sebenza ngenxa yegama lami, funa li ngcoliswe emehlweni ezizwe, a ba kona pakati kwazo, e ngaziwa kubona emehlweni azo, ngokubapumisa ezweni la sEgipite.
10Nga ti nga ba pumisa ezweni la sEgipite, nga ba zisa ehlane.
11Nga ba nika imiteto yami, nga bazisa izahlulelo zami, a ya kupila ngazo lomuntu o zenzayo.
12Nga ba nika amasabata ami a be umboniso pakati kwami nabo, ukuze bazi ukuba ngi nguJehova e ngi ba hlanzisayo.
13Kanti abendhlu ya seIsraeli ba hlubuka kimi ehlane; a ba hambanga emitetweni yami, ba dela izahlulelo zami, a ya kupila ngazo lomuntu o zenzayo; futi ba ngcolisa kakulu amasabata ami: lapo nga ti ngo tela intukutelo yami pezu kwabo ehlane, uku ba qeda.
14Kodwa nga sebenza ngenxa yegama lami, funa li ngcoliswe emehlweni ezizwe, e nga ba pumisa emehlweni azo.
15Nga tike nga pakamisa isandhla sami ku bona ehlane, ngi nge ze nga ba zisa ezweni e ngi ba nika lona eli nobisi nezinyosi, eli ubuhle kuwo onke amazwe;
16Ngenxa yokuba ba dela izahlulelo zami, a ba hambanga emitetweni yami, ba ngcolisa amasabata ami: ngokuba inhliziyo yabo ya hambela izitombe.
17Noko iso lami la dabuka ngabo ukuze ngi nga ba bubisi, futi a ngi ba qedanga ehlane.
18Kanti nga ti kubantwana babo ehlane, Ni nga hambi emitetweni ya oyihlo benu, ni nga laleli kuzo izahlulelo zabo ni nga zingcolisi ngezitombe zabo.
19Mina ngi nguJehova uTixo wenu; hambani emitetweni yami, ni lalele kuzo izahlulelo zami, ni zenze:
20Nenze a be ngcwele amasabata ami; ko ti a be umboniso pakati kwami nani, ukuze nazi ukuba ngi nguJehova uTixo wenu.
21Kanti abantwana ba hlubuka kimi; a ba hambanga ezahlulelweni zami, a ba lalelanga, ukuzenza, a ya kupila ngazo lomuntu o zenzayo; ba ngcolisa amasabata ami: lapo nga ti, Ngo tela intukutelo yami pezu kwabo, uku pelelisa ulaka lwami kubo ehlane.
22Noko nga buyisa isandhla sami, nga sebenza ngenxa yegama lami, funa li ngcoliswe emehlweni ezizwe, e ngi ba pumisa emehlweni azo.
23Futi nga pakamisa isandhla sami kubo ehlane, uku ba hlakaza ezizweni, noku ba sabalalisa emazweni:
24Ngokuba ba be be ngenzanga izahlulelo zami, futi ba be be delile imiteto yami; ba be be ngcolisile namasabata ami, namehlo abo a be e landela izitombe za oyise babo.
25Yeboke nga ba nika imiteto e nga lungile, nezahlulelo a ba nga yi ku pila ngazo:
26Futi nga ba ngcolisa eminikelweni yabo ekudabuliseni kwabo emlilweni bonke yilo wamazibulo, ukuze ngi ba cite, ba ze bazi ukuba ngi nguJehova.
27Ngako kuluma kuyo indhlu ya seIsraeli, Ndodana yomuntu, u tyo kubo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Oyihlo benu ba ngi fenyise futi nga loku, ba kohlisile ngoku ngi kohlisa.
28Lapo nga be ngi ba zisile ezweni, e nga pakamisa isandhla sami uku ba nika lona, ba se be bona zonke izintaba ezipakamileyo, nayo yonke imiti ehlangeneyo, ba hlaba lapo ezihlatyelweyo zabo, na lapo ba nika kona isicunulo somnikelo wabo: ba beka nalapo impepo emnandi yabo, ba telela kona iminikelo yokupuzwa.
29Lapo nga ti ku bona, Ku yini indawo epakamileyo lapo ni za kona? Li ti igama layo li bizwa iBama ku ze ku be namhla.
30Ngako yityo kuyo indhlu ya seIsraeli, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ni ngcolisile yini ngokwezindhlela za oyihlo benu na? futi ni ya pinga yini ngokulandela ukudineka kwabo na?
31Ngokuba ekuleteni izipo, ekudhluliseni kwenu abantwana benu emlilweni, ni ya zingcolisa ngezitombe zonke zenu ku ze ku be namhla: po ngi zo buzwa inina Ndhlu ya seIsraeli na? kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova a ngi yi ku buzwa inina.
32Futi loku oku ngenayo enhliziweni yenu, a ku sa yi ku ba kona, e ni ku tyoyo ukuti, So ba njengezizwe njengemindeni yamazwe, ukukonza umuti netye.
33Kupila kwami, i tyo iNkosi uJehova, ngesandhla esi namandhla, na ngengalo eluliweyo, na ngentukutelo etelelweyo, ngo busa pezu kwenu isibili:
34Ngi ya kuti ngi ni pumise kubantu, ngi ni bute kuwo amazwe e ni hlakaziwe kuwo, ngesandhla esi namandhla, na ngengalo eluliweyo, na ngentukutelo etelelweyo.
35Ngo ti ngi ni zise ehlane labantu, na lapo ngo ya ecaleni kanye nani ubuso nobuso.
36Njengaloko nga ya ecaleni noyihlo benu ehlane lezwe la sEgipite, njalo ngo ya ecaleni nani, i tyo iNkosi uJehova.
37Ngi ya kuti ngi ni yise pansi kwentonga, ngi ni zise ekubotyweni kovumelwano.
38Futi ngo hlukanisa kini abahlubuki, nabapambekayo kimi; ngi ba pumise ezweni lokuhlala kwabo; a ba yi ku za emhlabatini wa seIsraeli bona; ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova.
39Kepa nina Ndhlu ya seIsraeli, njalo i tyo iNkosi uJehova; ukuti, Hambani nina ni konze ilomuntu izitombe zake, na ngasemuva, uma a kuko kini ukulalela kimi: kodwa a ni zo ngcolisa futi igama lami eliyingcwele ngezipo zenu, na ngezitombe zenu.
40Ngokuba entabeni yami eyingcwele, entabeni yokupakama kwa seIsraeli, i tyo iNkosi uJehova, lapo ba ya ku ngi konza bonke abendhlu ya seIsraeli, ku be kona bonke impela abasezweni: nalapo ngi ya ku bamkela, nalapo ngo biza iminikelo yenu, nezihloko zezipo zenu, nako konke okuyingcwele kwenu.
41Ngo namkela nempepo emnandi lapo ngi ni pumisa kubantu, ngi ni bute kuwo amazwe e ni hlakaziwe kuwo; ngi ya ku ti ngenziwe ngcwele kini emehlweni ezizwe.
42Futi ni ya kwazi ukuba ngi nguJehova, lapo ngi ni zise emhlabatini wa seIsraeli, ezweni e nga pakamisa isandhla sami uku nika lona kubo oyihlo benu.
43No ti ni kumbule lapo izindhlela zenu, nezenzo zenu zonke e ni ngcoliswe kuzo; ni ya ku dineka emehlweni enu futi ngokubi konke e ni kwenzileyo.
44Ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova lapo ngenzile kini ngenxa yegama lami, ku nga bi njengezindhlela ezimbi zenu, na njengezenzo zenu ezizondekileyo, Ndhlu ya seIsraeli, i tyo iNkosi uJehova.
45Kwa ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi loku ti.
46Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako ngendhlela ya seningizimu, u shumayele ngasezansi, wazise nga kulo ihlati la seningizimu:
47U tyo kulo ihlati la seningizimu, yizwa izwi lika Jehova; Njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngo pemba umlilo pakati kwako, wo dhla wona kowe imiti yonke emanzi, nemiti yonke eyomileyo: ilangabi elivutayo a li yi ku cima, ko ti ku hamulwe kulo ubuso bonke ba seningizimu nenyakato.
48Futi inyama yonke yo bona ukuba mina Jehova ngi wu basile; a u yi ku cima.
49Lapo nga ti Au! Nkosi Jehova, ba tyo kimi, ukuti, A ka fanekisi ngezifaniso yena na?