1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti,
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako nga kuwo amadodana ka Amoni, wazise nga kuwo.
3U tyo kumadodana ka Amoni Yizwani izwi leNkosi uJehova; Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba wa ti, Aha, nga kuko okuyingcwele kwami lapo kwa ngcoliswa kona; na nga kulo izwe la seIsraeli lapo la citakala kona; na nga kuyo indhlu ya seJuda lapo ya tunjwa kona;
4Ngako bheka mina ngi ku nikela kumadodana a sempumalanga u be ifa; a ya kubeka amatanga awo pakati kwako; wona a ya kudhla isitelo sako, a puze nobisi lwako.
5Ngo ti ngenze iRaba indawo yokupumula yamakameli, namadodana a seAmoni indawo yokucambalala kwezimvu; ni ya kwazi ukuba ngi nguJehova.
6Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba u tyayile isandhla, u betile ngonyawo, u jabulile ngokudela konke kwako empefumlweni nga kuwo umhlabati wa seIsraeli;
7Ngako bheka mina ngo selula isandhla sami pezu kwako, ngi ku nikele u be ukudhla kuzo izizwe; futi ngo ku nquma kubantu, ngi ku bubise emazweni; ngo ku cita; wo ti wazi ukuba ngi nguJehova.
8Njalo i tyo iNkosi; Ngokuba uMoabi noSira ba tyo, Bheka, indhlu ya seJuda i njengezizwe zonke;
9Ngako bheka, mina ngo vula icele la seMoabi kuyo imizi, kuyo imizi yalo e nga seceleni lalo, ubuhle bezwe iBethjesimote, neBaal-meoni, neKiritami.
10Kuwo amadodana a sempumalanga nga kuwo amadodana kaAmoni, ngo wa nika a be ifa ukuze amadodana kaAmoni a nga kunjulwa pakati kwezizwe.
11Futi ngi ya kwenza ukwahlulela pezu kwabaMoabi, bo ti bazi ukuba ngi nguJehova.
12Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngenxa yokwenza kwabo abakwaEdomi ekupindiseleni impindiselo kuyo indhlu ya seJuda, bonile ngokona, ba pindisela kuwo.
13Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngo selula isandhla sami pezu kweEdomi ngi nqume kulo umuntu, nesilwane; ngi lenze li be incitakalo ku suke eTemani; nabaDedani ba ya kuwa ngenkemba.
14Ngi ya kuti ngi beke impindiselo yami pezu kweEdomi ngesandhla sabantu bami abaIsraeli; bona ba ya kwenza eEdomi njengolaka lwami, na njengokuvuta kwami; Ku ya kuti bazi impindiselo yami i tyo iNkosi uJehova.
15Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngenxa yokwenza kwabaFilisti ekupindiseleni, ba pindisela impindiselo ngokudela kompefumlo, ukucita ngenzondo ya sendulo.
16Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngi selula isandhla sami pezu kwabaFilisti, ngo nquma abaKereti, ngi cite insalo yolugu lolwandhle.
17Ngo ti ngenze pezu kwabo impindiselo, izilungiso ezikulu zentukutelo: bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova, uma ngi beke impindiselo pezu kwabo.