1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti,
2Ndodana yomuntu, yazisa, u tyo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Kalani, Maye kulo usuku!
3Ngokuba usuku lu seduze, lona usuku luka Jehova lu seduze, usuku lwamafu; lu ya kuba isikati kuzo izizwe.
4Ko ti inkemba i fika pezu kwEgipite, nokwesaba pezu kweKushi, lapo ba we kona abahlatyiweyo Egipite, lapo ba ya kutabata isixuku salo, zi dabulwe nezisekelo zalo.
5iKushi, neFuti, neLudi, nesixuku sonke esihlanganisiweyo, neKube, namadodana ezwe avumeleneyo, a ya kuwa nabo ngenkemba.
6Njalo u tyo uJehova, bona a ba pasa iEgipite ba ya kuwa; nobuhle bamandhla alo a ya kweuka; ba ya kuwa ngenkemba kulo ku qale enqabeni yaseSyene, i tyo inNosi uJehova.
7Futi ba ya kucitakala pakati kwamazwe acitekileyo, nemizi yalo yo ba pakati kwemizi ebuleweyo.
8Bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova, lapo ngo ba ngi bekile kona umlilo Egipite, na lapo abasizayo bonke balo bo ba se be fohloziwe.
9Nga lolosuku izitunywa zo puma ngemikumbu ebusweni bami ukusabisa iKushi eli hlezi ngokwetemba, futi ko ba kona ubuhlungu ku bona njengasosukwini lwa sEgipite; ngokuba, bheka, ko fika.
10Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngi ya kuqeda isixuku sa sEgipite ngesandhla sika Nebukadrezari inkosi ya seBabulona.
11Yena nabantu bake kanye naye aba nolaka bezizwe, ba ya kuziswa ukucita izwe, ba ya kuti ba koke izinkemba zabo nga kulo Egipite, ba gcwalise izwe ngabahlatyiweyo.
12Ngo ti ngenze imifula i tye, ngi tenge izwe esandhleni sababi; ngi sabalalise izwe, nokugcwala kwalo ngesandhla sabafo; mina Jehova ngi tyilo.
13Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngo bubisa izitombe, ngi qede izitixo eNofi; ko ti ku nga bi ko futi inkosi yezwe la sEgipite; futi ngo beka ukwesaba ezweni la sEgipite.
14Ngi ya kuti ngi sabalalise iPathrosi ngi beke umlilo eZoani ngenze isahlulelo eNo.
15Ngi tele pezu kweSini inqaba yasEgipite ukuvuta kwami, ngi nqume isixuku sa seNo.
16Ngi beke umlilo Egipite; iSini lo zibinya ngobuhlungu, neNo li ya kudatyulwe, neNofi lo ba nezinkatazo ngemihla.
17Amadoda amatya a seAvene nasePibesete a ya kuwa ngenkemba; yona imizi yo hamba ekutunjweni.
18Futi eTahafanesi ko ba kona usuku olumnyama, lapo ngi ya kupula kona amayokwe a sEgipite; ubukosi bamandhla alo bo pela kulo; na lo ifu li ya ku li sibekela, futi amadodakazi alo a ya kuya ekutunjweni.
19Ngi ya kwenza izahlulelo Egipite mina; ba ya kwazi bona ukuba ngi nguJehova.
20Kwa tike ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikombisa lwenyanga kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
21Ndodana yomuntu, se ngapulile ingalo ka Faro inkosi ya sEgipite; bhekake; a i yi ku botywa uku telela imiti, uku faka isibopo uku yi songela uku yi qinisa uku galela ngenkemba.
22Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngi nga kuye uFaro inkosi ya sEgipite, futi ngo zapula izingalo zake, eqinileyo kanye neyapukileyo; mina ngi ya kwenza inkemba i we esandhleni sake.
23Futi ngo hlakaza aba sEgipite ezizweni, ngi ba hlwanyele emazweni.
24Ngo ti ngi qinise izingalo zenkosi ya seBabulona, ngi nike inkemba yami esandhleni sayo; kanti ngo pula izingalo zika Faro, yena wo bubula ngezibubulo zohlatyiweyo pambi kwake.
25Kanti ngo qinisa izingalo zenkosi ya seBabulona, kodwa izingalo zika Faro zi ya kuwa; ba ya kwazi bona ukuba ngi nguJehova lapo se ngi nikile kona inkemba yami esandhleni senkosi ya seBabulona, na lapo yo ye lulile pezu kwezwe la sEgipite.
26Ngo ti ngi hlakaze aba sEgipite ezizweni, ngi ba hlwanyele emazweni; ba ya kwazi bona ukuba ngi nguJehova.