1KWA tike ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lokuqala lwenyanga, kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
2Ndodana yomuntu, pakamisa isililo pezu kuka Faro inkosi ya sEgipite, u tyo kuye, ukuti, U ya fana nengonyama entya yabantu, futi u njengengwenya olwandhle, wa ti wa nyakazisa imifula yako, wa zamazisa amanzi ngezinyawo zako, wa dunga imifula yabo.
3Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngo leneka ineta lami pezu kwako ngebandhla labantu abaningi, bo ti ba ku kupule ngeneta lami.
4Lapo ngo ku tyinga emhlabeni, ngi ku lahlele emhlabatini, ngi hlalise pezu kwako izinyoni zonke zezulu, ngi sutise ngawe izilwane zonke zezwe.
5Futi ngo beka inyama yako pezu kwezintaba, ngi gcwalise izigodi ngokupakama kwako.
6Futi ngo netisa izwe lokuhlamba kwako ngegazi lako, kuzo izintaba; nemisele yo gcwala uwe.
7Ngo ti ekucinyweni kwako ngi sibekele izulu, ngi nyamalise izinkanyezi ngi sibekele ilanga ngefu, nenyanga a i yi ku kanya nokukanya kwalo.
8Zonke izinkanyezi ezikanyayo ezulwini ngo zi nyamalisa pezu kwako, ngi beke ubumnyama pezu kwezwe lako, i tyo iNkosi uJehova.
9Futi ngo kataza inhliziyo yabantu abaningi lapo ngi zisa kona ukufohlozwa kwako pakati kwezizwe emazweni o nga wazanga wena.
10Mina ngo dumaza abantu abaningi pezu kwako, namakosi abo o saba ngokwesaba ngawe, uma ngi zo galela ngenkemba yami pambi kwawo; a ya ku ti a tutumele izikatyana zonke ilomuntu ngompefumlo wake, ngosuku lokuwa kwako.
11Ngokuba njalo i tyo iNkosi uJehova; inkemba yenkosi ya seBabulona i ya kuza pezu kwako.
12Ngezinkemba zabanamandhla ngo wisa izixuku zako, aba nolaka bezizwe bona bonke, bona ba zo cita ubukosi ba sEgipite, nezixuku zonke zalo zo nqunywa.
13Futi ngo bubisa zonke izilwane zalo ngasemanzini amaningi; nonyawo lomuntu a lu yi ku dunga wona futi, namasondo ezilwane a ka yi ku wa dunga.
14Lapo ngo ncipisa amanzi abo, ngenze imifula yabo i hambe njengamafuta i tyo iNkosi uJehova.
15Lapo ngi ya kwenza izwe la sEgipite li be ihlane, nezwe li sabalaliswe ngokugcwala kwalo, lapo ngi zo tyaya bonke aba hlezi kulo, bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova.
16Bona ba ya kulilela lona ngesililo lesi: amadodakazi ezwe a ya kulilela; a zo lilela lona, iEgipite, nesixuku sonke salo, i tyo iNkosi uJehova.
17Kwa tike ngomnyaka weshumi nambili, ngosuku lweshumi nesihlanu lwenyanga, la ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
18Ndodana yomuntu, kalela isixuku sa sEgipite, u behlisele, ukuti lona, namadodakazi ezizwe ezidumileyo, emhlabeni ngapansi, kanye nabeukela emgodini.
19U muhle ku nobani? yeukela u laliswe kanye nabo aba nejwabu.
20Pakati kwabo aba hlatyiwe ngenkemba ba ya kuwa; lona li nikelwe enkembeni; li donseni nezixuku zonke zalo.
21Aba namandhla babadumileyo ba ya kukuluma nalo pakati kwesheoli nabo aba li hlengayo; ba tyonile, ba lala aba nejwabu, abahlatyiweyo benkemba.
22Nanti iAshuri, nesixuku sonke salo, amatuna alo a li haqayo, bona bonke be hlatyiwe, abawileyo benkemba.
23Amatuna alo a bekiwe ezinhlangotini zomgodi, nebandhla lalo li ya haqa ituna lalo; bona bonke be hlatyiwe, abawileyo benkemba, a benza ukwesaba ezweni labapilileyo.
24Nanti iElamu nesixuku sonke salo si haqa ituna lalo, bona bonke be hlatywe abawileyo benkemba, a ba tyona be nejwabu emhlabeni ngapansi, a benza ukwesaba kwabo ezweni labapilayo: kepa ba patile ihlazo labo kanye nabo, abatyonayo emgodini:
25Ba li bekele umbede pakati kwabahlatyiweyo kuso isixuku sonke salo: amatuna alo a ya li baqa, bona bonke be nejwabu be hlatyiwe ngenkemba, ngokuba ukwesatywa kwabo kwenziwa ezweni labapilayo, kepa ba patile ihlazo labo kanye nabo aba tyonayo emgodini; li bekiwe pakati kwabahlatyiweyo.
26Nanti iMesheki, neTubali nesixuku sonke salo; amatuna alo a ya li haqa; nesixuku sonke salo; bona bonke be nejwabu, abahlatyiweyo ngenkemba, ngokuba benza ukwesatywa kwabo ezweni labapilileyo.
27Bona a ba yi ku lala nabadumileyo abawileyo baba nejwabu; a ba tyonile esheoli be nezikali zabo zokulwa; ba bekile pela izinkemba zabo pansi kwamakanda abo, kanti izipambeko zabo zi ya ku ba pezu kwamatambo abo, ngokuba ba be ukwesaba kwabadumileyo ezweni labapilileyo.
28Wena pela wo fohlozwa pakati kwaba nejwabu, wo lala nabo abahlatyiweyo benkemba.
29Nanti iEdomi amakosi alo, nezixuku zonke zalo, e zi bekiwe nabo abahlatyiweyo benkemba; zona zo lala nabo aba nejwabu, nabo abatyonayo emgodini.
30Nangamakosi a senyakato, wona onke, namaSidoni onke, a tyonile kanye nabahlatyiweyo, ekusabeni kwabo ba jambile ngamandhla awo; a ti a lala nejwabu nabo abahlatyiweyo ngenkemba, a pata ihlazo lawo kanye nabatyonayo emgodini.
31uFaro wo ba bona, a tokoziswe pezu kwesixuku sonke sake, uFaro nempi yonke yake abahlatyiweyo ngenkemba, i tyo iNkosi uJehova.
32Ngokuba se ngi bekile ukwesatywa kwami ezweni labapilileyo; ko ti a laliswe pakati kwabo aba nejwabu aba ti abahlatyiweyo ngenkemba, ukuti uFaro nesixuku sonke sake i tyo iNkosi uJehova.