1WENAKE, Ndodana yomuntu, yazisa kuzo izintaba za seIsraeli, u tyo, Zintaba za seIsraeli, yizwani izwi lika Jehova.
2Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngokuba ozondayo u tyilo nga kimi, ukuti, Aha! izindawo ezipakamileyo zamandulo zi yifa letu.
3Ngako yazisa u tyo; ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngokuba ba ni cita, ba ni fisela ekuzungezeni, ukuze ni be ifa kuyo insalo yezizwe, futi ni patwa ezindebeni zohlebayo ngolimi, ni yisihlebo sabantu.
4Ngako, Zintaba za seIsraeli, yizwani izwi leNkosi uJehova; Njalo i tyo iNkosi uJehova kuzo izintaba, na kuyo imimango, kuzo izifunda, na kuzo izigodi, na kuwo amahlane a yizincitakalo, na kuyo imizi e shiyiweyo, e be impango nesihleko kuyo insalo yezizwe ezizungezayo;
5Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova; Impela ngomlilo womona wami ngi kulumile nga kuyo insalo yezizwe, na nga kulo iEdomi lonke, e zi nikela izwe lami ku zona li be ifa ngenjabulo yenhliziyo yonke, ngokuzonda kompefumlo, ukuze, li lahlelwe impango.
6Ngako yazisa ngomhlabati wa seIsraeli, u tyo kuzo izintaba na kuyo imimango, na kuzo izifunda, na kuzo izigodi, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina, ngi kulumile ngomona wami, na ngokuvuta kwami, ngokuba ni twalile amahloni ezizwe.
7Ngako njalo i tyo iNkosi uJehova: Ngi pakamisile isandhla sami, Impela izizwe ezi ni zungezayo, zona zo twala ihlazo lazo.
8Kepa nina Zintaba za seIsraeli no pumisela amagatya enu, ni telele izinhlamvu zenu kubantu bami abaIsraeli; ngokuba ba sondela be za.
9Ngokuba bheka mina ngi kini, ngo pendukela nina, ni zo linywa ni hlwanyelwe:
10Ngi ya kuti ngandise abantu pezu kwenu, indhlu yonke ya seIsraeli, ukupela kwayo: nemizi yo ba nabahlalayo, nezincitakalo zo yakwakiwa.
11Futi ngi ya kwandisa pezu kwenu umuntu nesilwane, zi ya kwanda zi zale; ngi ni hlalise ezindaweni zenu zamandulo, ngi nenzele okuhle ku nakuqala; ni ya kwazi ukuba ngi nguJehova.
12Ngo ti ngi hambise pezu kwako abantu, ukuti abantu bami abaIsraeli; ba be nawe, u be ku bona ifa, u nga pindi u benze ba felwe abantu futi.
13Njalo i tyo iNkosi uJehova; ngokuba ba tyo kuwe, Wena mhlaba u ya dhla abantu, u ngo zenze izizwe zako zi felwe abantu;
14Ngako a u yi ku dhla abantu futi; u ngenzi izizwe zako zi felwe futi, i tyo iNkosi uJehova.
15A ngi yi ku zwakalisa kuwe futi amahloni ezizwe, a u yi ku twala ihlazo labantu bako futi, a u yi ku putisa izizwe zako futi, i tyo iNkosi uJehova.
16Kwa ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova, lokuti.
17Ndodana yomuntu, lapo abendhlu ya seIsraeli ba be be hlala emhlabatini wabo, ba wu ngcolisa ngendhlela yabo na ngezenzo zabo, indhlela yabo pambi kwami i be njengokungcola kotombayo.
18Nga ti nga tela pezu kwabo ukuvuta kwami ngenxa yegazi a ba li palaza pezu kwezwe, na ngezitombe zabo a ba li ngcolisa ngazo.
19Nga ba hlakaza pakati kwezizwe, ba hlwanyelwa emazweni; nga bahlula njengendhlela yabo, na njengokwenza kwabo.
20Ba ti ba ngena kuzo izizwe lapo ba ya kona, ba ngcolisa igama lami eli ingcwele, ngokutyo kuzo, ukuti, Laba ba ngabantu baka Jehova, ba pumile kulo izwe lake.
21Kepa nga haukela ngenxa yegama lami eli ingcwele, a ba li ngcolisile abendhlu ya seIsraeli pakati kwezizwe lapo beza kona.
22Ngako yityo kuyo indhlu ya seIsraeli, Njalo i tyo iNkosi uJehova; a ngenzi ngenxa yenu, Ndhlu ya seIsraeli, kodwa ngegama lami eli ingcwele, e ni li ngcolisile pakati kwezizwe lapo ni ye kona.
23Ngi ya kuti ngenze li be ngcwele igama lami elikulu, elingcolisiweyo pakati kwezizwe, e ni li ngcolisile pakati kwazo; ko ti izizwe zazi ukuba ngi nguJehova, i tyo iNkosi uJehova, lapo ngenziwe ngcwele kini emehlweni azo.
24Futi ngo ni tabata kuzo izizwe, ngi m bute kuwo onke amazwe, ngi ni zise ezweni lakini.
25Futi ngo fafaza pezu kwenu amanzi a cwengekileyo, nina ni ya kuhlanzeka kuko ukungcola konke kwenu, na kuzo zonke izitombe zenu ngo ni hlanza.
26Inhliziyo entya ngo ni nika yona, nomoya omutya ngo wu faka ngapakati kwenu: ngi suse inhliziyo yetye kuyo inyama yenu, ngi nike kini inhliziyo yenyama.
27Ngo beka umoya wami ngapakati kwenu, ngi ni hambise emitetweni, yami nina no gcina izahlulelo zami ni zenze.
28Nina ni zo hlala ezweni e nga li nika kubo oyihlo benu, ni be abantu kimi, mina ngo ba uTixo kini.
29Mina ngo ni sindisa kuko ukungcola konke kwenu; futi ngo bizela ukudhla, ngi kwandise, ngi nga beki pezu kwenu indhlala.
30Futi ngo kwandisa ukudhla komuti, nesitelo somhlabati, ngenxa yokuba ni ngamkeli futi isijambiso sendhlala pakati kwezizwe.
31Lapo ni zo kumbula izindhlela ezimbi zenu, nezenzo zenu e zi nga lungile; ni zi dele emehlweni enu ngobubi benu, nangokunengeka kwenu.
32A ngenzi loku ngenxa yenu i tyo iNkosi uJehova, ku ya kwaziwa kini; yibani namahloni, ni jabe ngezindhlela zenu, Ndhlu ya seIsraeli.
33Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngosuku e ngo ba se ngi ni hlanzile ngalo kubo ububi bonke benu, ngo ni hlalisa emizini, nezincitakalo zi ya kwakiwa.
34Nezwe eli ihlane lo linywa, loku la be li incitakalo emehlweni aba bonke abadhlulayo.
35Bona ba ya kutyo, ukuti, Lelilizwe e li be li citakele li njengensimu ya sEdene; nemizi e sabalaleyo e citekileyo e hlakaziweyo, i biyiwe, i nabahleziyo.
36Futi izizwe ezi seleyo ezi ni zungezayo zi ya kwazi ukuba mina Jehova ngi ya zaka izindawo ezihlakaziweyo ngi tyale ezicitakeleyo: mina Jehova ngi kulumile, ngi ya kwenza mina.
37Njalo i tyo iNkosi uJehova; Ngo funwa ngaloku pela abendhlu ya seIsraeli ukwenzela bona; ngo bandisa ngabantu njengomhlambi.
38Njengomhlambi wokuyingcwele, njengomhlambi wa seJerusalema emibusweni yalo; njalo imizi esabalaleyo i ya kuza i gcwale imihlambi yabantu; bona ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova.