1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova kimi, lokuti.
2Ndodana yomuntu bhekisa ubuso bako nga kulo iGogi izwe lika Magogi inkosi ikanda la seMesheki neTubali, wazise nga kulo.
3U tyo, ukuti, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Bheka mina ngi nga kuwe Gogi nkosi kanda la seMesheki neTubali.
4Mina ngo ku buyisela, emva ngi fake amasondo emihlatini yako, ngi ku pumise, nempi yonke yako, amahashi nabamahashi bonke be gqoke okuhle impela, ibandhla elikulu li nesihlangu nehau, be pete izinkemba bonke.
5iParasi, neKushi neFuti kanye nabo, bonke be nehau nesigqoko sensimbi.
6iGomere nezimpi zonke zalo; indhlu ya seTogarma yezinhlangoti zenyakato, nezimpi zonke zalo; abantu abaningi kanye nawe.
7Yiba u lungile, u zilungisela, wena, nebandhla lonke lako eli hlanganisiwe kuwe, u be umlindi kulo.
8Emva kwezinsuku eziningi wo boniswa; eminyakeni esemuva wo fika ezweni e li buyisiwe kuyo inkemba, li butiwe kubantu abaningi aba ngakuzo izintaba za seIsraeli, e zi be zi sabalalekile njalo; kepa li pumisiwe kubantu, bona ba zo hlala ngokutemba bonke.
9Wo kupuka wena, njengesipepo wo fika, wo ba njengefu ukusibekela izwe, wena nezimpi zonke zako, nabantu abaningi kanye nawe.
10Njalo i tyo iNkosi uJehova, ukuti; Ko ti nga lomhla izinkumbulo zo ngena enhliziyweni yako, u cebe icebo elibi.
11Wena u ya kutyo ukuti; Ngo kupukela ezweni lemizi e nge nandonga; ngo ngena kubo aba tulileyo be hlezi ngokwetemba, bonke be hlezi ku ngeko udonga, ku ngeko umvalo nesango kubo.
12Ukupanga impango, nokwamuka ngokwamuka; ukupendulela isandhla sako pezu kwezindawo ezi sabalaleyo e zi nabahleziyo, na nga kubantu a ba butiwe kuzo izizwe, be zuzile izinkomo nengcebo, be hlezi esiqongeni sezwe.
13iSheba, neDedani, nabatengi ba seTarshishi, nezingonyama ezintya zonke zalo, zi ya kutyo kuwe, ukuti; U fikile wena ukupanga impango na? u butile ibandhla lako ukwamuka na? ukususa isiliva negolide, ukutabata izinkomo nengcebo, ukupanga impango enkulu na?
14Ngako, ndodana yomuntu, yazisa u tyo kuGogi Njalo i tyo iNkosi uJehova, ukuti; Ngosuku lolo aba hlezi ngokwetemba ngalo abantu bami abaIsraeli, a u yi ku kwazi na?
15Ko ti u ze wena u vele ezindaweni zako ezinhlangotini za senyakato, wena, nabantu abaningi kanye nawe, be kwele emahashini bonke, ibandhla elikulu nempi enkulu:
16Ku ya kuti u kupukele nga kubantu abaIsraeli, njengelifu ukusibekela izwe; ko ba ngezinsuku ezi semuva, mina ngo ku zisa nga kubantu bami, ukuze izizwe zazi mina, lapo ngo kwenziwe ngcwele kuwe, Gogi, pambi kwamehlo azo.
17Njalo i tyo iNkosi uJehova; Wena u nguye e nga kuluma ngaye ngezinsuku zamandulo, ngesandhla sezinceku zami abazisi ba seIsraeli, a bazisa ngezinsuku lezo, iminyaka ukuzisa wena ngakubo na?
18Ko ti ngosuku lolo, ngosuku iGogi li zo za ngalo pezu komhlabati wa seIsraeli i tyo iNkosi uJehova, ukuvuta kwami ko kupukela emakaleni ami.
19Ngokuba ngomona wami, na ngomlilo wolaka lwami ngi tyilo, Impela ngalolosuku ko ba kona ukututumela okukulu emhlabatini wa seIsraeli;
20Zi ya kuti zi tutumele ebusweni bami izinhlanzi zolwandhle nezinyoni zezulu, nezilo zomhlabati, nezikasayo zonke e zi kasa emhlabatini, nabantu bonke a ba sebusweni bomhlabati; nezintaba zo wiswa pansi, namawa o wa pansi, nezindonga zonke zo wa pansi emhlabeni.
21Ngi ya ku biza inkemba nga kuye ezintabeni zonke zami, i tyo iNkosi uJehova, inkemba yomuntu yo ba nga kuye umfo wabo.
22Futi ngo mahlulela ngesifo na ngegazi; ngo netisa pezu kwalo, na pezu kwezimpi zalo, na pezu kwabantu abaningi a ba kulo imvula edhlulayo, nesiqoto, nomlilo nosolufa.
23Mina ngo zikulisa, ngi zenze ngcwele; ngaziwe emehlweni ezizwe eziningi, zi ya kwazi zona ukuba ngi nguJehova.