1WA ngi zisa etempelini, wa linganisa izinsika za ba izingalo ezi isitupa ngobubanzi ngalapa, nezingalo ezi isitupa ngobubanzi nga lapa, ububanzi betempeli.
2Nobubanzi bomnyango ba ba izingalo ezi ishumi; namacele omnyango izingalo ezi isihlanu ngalapa nezingalo ezi isihlanu ngalapo; wa linganisa ubude bawo ba ezingamashumi amane nobubanzi izingalo ezingamashumi amabili.
3Lapo wa ngena ngapakati, wa linganisa izinsika zomnyango, izingalo ezimbili; nomnyango, izingalo ezi isitupa; nobubanzi bomnyango, izingalo ezi isikombisa.
4Futi wa linganisa ubude bawo izingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi izingalo ezingamashumi amabili ebusweni betempeli; wa se e ti kimi, Lendawo i yingcwele yoku ingcwele.
5Lapo wa linganisa udonga lwendhlu izingalo ezi isitupa; nobubanzi bekamelo, emaceleni, izingalo ezine, ekuzungezeni kwendhlu emaceleni onke.
6A ti amakamelo a semaceleni a ba matatu, ikamelo pezu kwekamelo, kwa pindwa ngamashumi amatatu; a ti a ngena odongeni olu sendhlini ngasemakamelweni ekuzungezeni a be nokubambelela, kepa a ka banga nakubambelela kulo udonga lwendhlu.
7Kwa ti kwa ba banzi, kwa zungelezwa ekukupukeni kuwo amakamelo a semaceleni, ngokuba ukuzungeza kwendhlu kwa ba sekwenyukeni njalo ekuzungezeni kwendhlu; ngako ububanzi ba ba sekwenyukeni, kwa ti kwa kupuka njalo ku suke kwelipansi ku fike kulo elipezulu ngapakati.
8Nga ti nga bona ukupakama kwendhlu ekuzungezeni; izisekelo zamakamelo za pelela uhlanga lwezingalo ezi isitupa ekuhlanganisweni kwazo.
9Ububanzi bodonga o lu semakamelweni nga pandhle, bu be izingalo ezi isihlanu; kwa ti loku okushiyelweyo ku be indawo yamakamelo angapakati.
10Kwa ti ngapakati kwamakamelo kwa ba kona ububanzi bezingalo ezingamashumi amabili ekuzungezeni kwendhlu ngezinhlangoti zonke.
11Kwa ti umnyango wekamelo wa ba nga kuko okushiyelweyo, umnyango omunye ngasendhleleni ya senyakato, nomnyango omunye ngaseningizimu; futi ububanzi bendawo eshiyelweyo bu be izingalo ezinhlanu ekuzungezeni.
12Nendhlu e kona ngapambili kwendawo ehlukanisiweyo ohlangotini lwa sentyonalanga i be izingalo ezingamashumi a isikombisa ububanzi bayo; futi udonga lwendhlu lu be izingalo ezinhlanu ububanzi balo ekuzungezeni, nobude balo bu be izingalo ezingamashumi ashiyagalolunye.
13Wa ti wa linganisa indhlu, izingalo ezi ikulu ubude bayo; nendawo ehlukanisiweyo, nendhlu, kanye nezindonga zayo, izingalo ezi ikulu ubude;
14Nobubanzi bobuso bendhlu, nendawo ehlukanisiweyo ngasempumalanga bu be izingalo ezi ikulu.
15Wa linganisa ubude bendhlu ngapambi kwendawo ehlukanisiweyo e bi semuva kwayo, nezindhlu ezengamayo zayo ngalapa na ngalapa, izingalo ezi ikulu, kanye netempeli elipakati, nezindhlu zetanga;
16Izinsika zeminyango, nezibuko ezivaliweyo, nezindhlu ezengamayo ekuzungezeni kuzo izindhlu ezintatu esinye pezu kwesinye, nga pambi kwomgulugulu ku be iplankwe lomuti ekuzungezeni, ku suke emhlabtini ku fike ezibukweni, za sibekelwa nezibuko.
17Kuko o ku pezu komnyango, na ku ko o ku sendhlini ngapakati, na nga pandhle, na ngasodongeni lonke ekuzungezeni ngapakati nangapandhle ngezilinganiso.
18Kwenziwe ngamakerubi namasundu, la ti isundu la ba pakati kwekerubi nekerubi, kwa ba kona ubuso obubili kulo ikerubi.
19Bu te ubuso bomuntu ba ba kulo isundu ngalapa nobuso bengonyama entya kulo isundu ngalapa; kwenziwa kuyo yonke indhlu ekuzungezeni.
20Ku suke emhlabeni ku ze ku be pezu komnyango a be kona amakerubi namasundu enziweyo, ukuti odongeni lwetempeli.
21Izinsika zomnyango zetempeli, za ba nezinhlangoti ezine; kwa ti ngobuso boku ingcwele isimo sobunye sa ba njengesimo sobunye.
22Ilati lomuti li be izingalo ezintatu ngokudepa, nobude balo bu be izingalo ezimbili; amagumbi alo, nobude balo nezindonga zalo, zi be umuti; Yena wa ti kimi, Yileli itebula e li pambi kuka Jehova.
23Ya ti ya ba kona imivalo emibili kulo itempeli na kuko oku ingcwele.
24Za ti za ba kona izicaba ezimbili kuyo imivalo emibili ependukayo; izicaba ezimbili kuwo umvalo omunye, nezicaba ezimbili kuwo omunye.
25Kwa ti kwenziwa ku yona, imivalo yetempeli, amakerubi namasundu, njengaloku enziwa ezindongeni; nomgulugulu womuti ebusweni bendhlu yomnyango ngapandhle.
26Nezibuko ezivaliweyo namasundu ngalapa nangalapa, ngasemaceleni endhlini yomnyango na kuwo amakamelo endhlu, na kuyo imigulugulu.