1LAPO wa ngi buyisele endhleleni yesango lendawo e ingcwele engapandhle, okubukwa kwalo ku sempumalanga, e la li valekile.
2Wa ti kimi uJehova, Isango leli li ya ku valwa, a li yi ku vulwa, umuntu a ka yi ku ngena kulo; ngokuba uJehova uTixo kaIsraeli u ngenile ngalo, lona li ya ku valwa.
3Li be e lesikulu; isikulu so hlala kulo ukudhla isinkwa pambi kuka Jehova; So ngena ngendhlela yendhlu yomnyango wa leli sango, si pume ngendhlela yayo.
4Lapo wa ngi zisa ngendhlela yesango la senyakato ngapambi kwendhlu; nga se ngi buka, bhekake, ukukazimula kuka Jehova kwa gcwalisa indhlu ka Jehova; nga ti nga wa ngobuso bami.
5Lapo uJehova wa ti kimi, Ndodana yomuntu bheka inhliziyo yako, u bone ngamehlo ako, u zwe ngezindhlebe zako konke e ngi ku kuluma kuwe, ngeziyalelo zonke zendhlu ika Jehova, na ngemiteto yonke yayo; u beke inhliziyo kuko ukungena kwendhlu, nokupuma konke kwendawo e ingcwele.
6Futi u ya kutyo kubo abapambeneyo kuyo indhlu ya seIsraeli, Njalo i tyo iNkosi uJehova; Se ku ningi kini kuko konke ukunengeka kwenu, Ndhlu ya seIsraeli,
7Ngokungenisa kwenu amadodana abafokazi a ba nejwabu ngenhliziyo, be nejwabu na ngenyama ba be endaweni e ingcwele yami uku yi ngcolisa indhlu yami, lapo ni nikela isinkwa sami, nokunona, negazi, futi bapulile uvumelwano lwami ngenxa yokunengeka konke kwenu.
8Futi a ni gcinanga ukulinda koku ingcwele kwami; kanti ni zimisele abagcini bokalinda kwami ebungcweleni bami.
9Njalo i tyo iNkosi uJehova, a i yi ku ngena endaweni yami e ingcwele indodana nayodwa yomfokazi e nejwabu ngenhliziyo, e nejwabu na ngenyama, kuwo onke amadodana abafokazi aba pakati kwamadodana a seIsraeli.
10Ngokuba abaLevi a ba deda kude nami ekubambukeni kwabaIsraeli, a ba pambuka kimi emva kwezitombe, bona ba zo twala ububi babo.
11Bona ba ya kuba izikonzi ebungcweleni bami, be miselwe emasangweni endhlu, be konza nakuyo indhlu; bona ba ya kuhlaba umnikelo wokutyiswa nokuhlatywa kwabantu, bona ba zo ma pambi kwabo ukubakonza.
12Ngenxa yokuba ba ba konza pambi kwezitombe zabo, futi ba be kuyo indhlu ya seIsraeli, be ba qubekisela ebubini; ngako ngi pakamisile isandhla sami ngakubo, i tyo iNkosi uJehova, bona ba zo twala ububi babo.
13Bona a ba yi ku sondela kimi, ukutetelela kimi, nokusondela kuko konke oku ingcwele, kuko oku ingcwele koku ingcwele; futi ba zo twala ihlazo labo, nokunengeka kwabo a ba kwenzileyo.
14Kodwa ngo benza abagcini bokulinda kwendhlu, kuko konke ukukonza kwayo, na kuko konke o ku ya kwenzwa kuyo.
15Kepa abateteleli kaLevi, amadodana ka Zadoki, a ba gcina ukulinda koku ingcwele kwami ekupambukeni kwamadodana a seIsraeli kimi, bona ba ya kusondela kimi ukungikonza, bona ba ya kuma pambi kwami ukunikela kimi ukunona negazi, i tyo iNkosi uJehova.
16Bona ba zo ngena endaweni e ingcwele yami ba sondele etebuleni, ukungikonza, futi ba ya kugcina ukulinda kwami.
17Ko ti ekungeneni kwabo emasangweni etanga elingapakati ba mbatiswe ngezambato zelineni; uboya a bu yi ku za pezu kwabo, be sa konza emasangweni etanga elingapakati, nangapakati.
18Umshuqulo welineni wo ba ekanda kubo, namabulukwe elineni o ba okalweni lwabo; a ba yi ku binca ku be kona ukujuluka.
19Na lapo be ya etangeni elingapandhle, kwe li ngapandhle kubantu, bo susa izambato zabo a ba konza ngazo, ba zi hlalise emakamelweni a ingcwele, ba fake izambato ezinye; a ba yi kwenza abantu ba be ngcwele ngezambato zabo.
20Futi a ba yi ku pucula amakanda abo, a ba yi ku yeka zi lenge izinwele; bo gunda nokugunda amakanda abo.
21Futi a ka yi ku puza iwaini umteteleli noyedwa, uma be ngena etangeni elingapakati.
22Bona a ba yi ku tabata kubo abafazi, umfelokazi, nolahlwayo; ngokuba ba zo tabata izintombi zenzalo yendhlu ya seIsraeli, noma mhlaumbe ba nga tabata umfelokazi o ngumfelokazi womteteleli.
23Ba ya kuti ba bonise abantu bami ukuhlukanisa pakati koku ingcwele nokungahlukaniswayo, napakati kokungcolileyo nokuhlanzekayo.
24Ko ti ekupikeni be me bona kuko ukwahlula; ba hlule njengokwahlula kwami; futi ba zo gcina imiteto yami neziyalelo zami emihlanganweni yonke yami, benze a be ngcwele amasabata ami.
25Bona a ba yi ku za kumuntu o fileyo uku zingcolisa; kodwa ngoyise, na ngonina, na ngendodana, na ngendodakazi, na ngomne, na ngodade o nge nandoda, ba nga zingcolisa.
26Kepa emva kokuhlanzwa kwake, wo zibalela izinsuku ezi isikombisa.
27Ko ti ngosuku e ngena ngalo endaweni e ingcwele kulo itanga elingapakati, ukukonza kuko oku ingcwele, wo nikela umnikelo wake wokona, i tyo iNkosi uJehova.
28Loku ko ba kubo ifa; Mina ngi yifa labo; a ni yi ku ba nika inzuzo eIsraeli; Mina ngi yinzuzo yabo.
29Umnikelo wokutyiswa, no wokona no wecala bona ba ya ku wu dhla; nokuhlukaniselweyo konke eIsraeli ko ba okwabo.
30Futi ulibo lonke lokuqala lwako konke, nezipo zonke kuzo zonke izipo zenu, zo ba ezabateteli; no nika umteteleli futi ukuqala kwempupu yenu, ukuze a hlalise ubusiso pezu kwendhlu yako.
31Abateteleli a ba yi ku dhla into efileyo, nedatyulweyo, noma kuzo izinyoni noma kuzo izinkomo.