1KWA se ku fika izwi lika Jehova kimi, li ti.
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bako kuzo izintaba za seIsraeli, wazise nga kuzo.
3U tyo, ukuti, Zintaba za seIsraeli yizwani izwi leNkosi uJehova. Njalo! tyo iNkosi uJehova kuzo izintaba, na kuzo izintabana, na kuzo izihlambo, na kuzo izigodi; Bheka, ngo zisa pezu kwenu inkemba, ngi sabalalise izako zenu zokukuleka ezindaweni ezipakamileyo.
4Amalati enu a zo citwa, nemifanekiso yenu yelanga yo fehlezwa; ngo wisa abahlatyiweyo benu pambi kwezitombe zenu.
5Ngo beka izidumbu zabantwana ba seIsraeli pambi kwezitombe zabo, ngi hlakaze amatuna enu ekuzungezeni nga pambi kwamalati enu.
6Ezinhlalweni zenu zonke imizi yo citakaliswa, nezako zokukuleka ezindaweni ezipakamileyo zo sabalaliswa; ukuze amalati enu a citakale a pute, nezitombe zenu zi fehlezwe zi pele, nemifanekiso yenu yelanga i nqunywe, nemisebenzi yenu i hlangulwe.
7Ko ti abahlatyiweyo ba we pakati kwenu, nazi ukuba ngi nguJehova.
8Kepa ngo shiya ba be kona kini aba pepa inkemba pakati kwezizwe, ekuhlakazweni kwenu emazweni.
9Ko ti abapepayo bakini ba ngi kumbule pakati kwezizwe lapo ba ya kutunjelwa kona; e ngi dabukiswa inhliziyo yabo epingayo, e hlubukile kimi, namehlo abo a pinga nezitombe zabo; futi ba ya kuzidelela ngenxa yokubi a ba kwenzileyo ngokunengeka konke kwabo.
10Ba ya kuti bazi ukuba ngi nguJehova, a ngi tyongo ngeze, ukuti, ngo kwenza ku bona lokokubi.
11Njalo i tyo iNkosi uJehova; Tyaya ngesandhla sako, u gqume ngonyawo lwako, u tyo, Au kuko konke ukunengeka okubi kwendhlu ya seIsraeli! ngokuba ba ya kuwa ngenkemba, na ngendhlala na ngesifo.
12Yena o katyane wo fa ngesifo, yena o seduze wo fa ngenkemba, yena o sele e vimbezelwe wo fa ngendhlala; njalo ngo feza intukutelo yami pezu kwabo.
13Ko ti bazi ukuba ngi nguJehova, nxa abahlatyiweyo bako aba kona pakati kwezitombe zabo ekuzungezeni kwamalati azo pezu kwezintabana zonke ezipakamileyo, naseziqongeni zonke zezintaba, na nga pansi kwemiti yonke ehlumayo, na nga pansi kwamaterabinte onke ahlangeneyo, e indawo lapo ba nikela kona impepo emnandi kuzo zonke izitombe zabo.
14Ngo ti ngelula isandhla sami pezu kwabo, ngenze izwe li be ukuciteka, nencitakalo ku nehlane eDiblati, ezinhlalweni zonke zabo; futi ba ya kwazi ukuba ngi nguJehova.