1ESE kulekile uEzra, se e bikile, e kala e zibukuzisa pambi kwendhlu ka Tixo, kwa butanela kuye aba kubaIsraeli, ibandhla elikulu kakulu lamadoda nabafazi nabantwana; ngokuba abantu ba be kala kakulu.
2Kwa suka uShekania indodana ka Jehieli wa kumadodana ka Elami, wa pendula wa ti, kuEzra, Sonile kuTixo, si tabatile abafazi abangaziwayo kubantu ba semizini; kepa li kona itemba kubaIsraeli ngalento.
3A ke senze isivumelwano noTixo wetu sokuba ku mukiswe abafazi bonke, nabazelwe ibo, ngecebo lenkosi yami, nabatutumela ngomyalo ka Tixo wetu; a kwenziwe ngomteto.
4A ku suke; ngokuba lendaba e yako, tina si ya kuba nawe; qinisa u be nesibindi u kwenze.
5Wa suka uEzra wa fungisa izikulu zabapristi, nabaLevi, nabaIsraeli bonke, ukuba benze njenga lelizwi. Ba funga.
6Wa suka uEzra ngapambi kwendhlu ka Tixo, wa ya endhlini ka Johanani indodana ka Eliashibe; e se fikile kona, ka dhlanga ukudhla, ka puzanga amanzi; ngokuba wa e kala ngokona kwabatunjiweyo.
7Ba memezela umteto eJudia na seJerusalema, kubo bonke abatunjiweyo ukuba ba butanele eJerusalema.
8Nokuba lowo o nga fikiyo ngezinsuku ezintatu, njengecebo lezikulu namalunga, ku dhliwe yonke imfuyo yake, a kitywe yena ebandhleni labempango.
9Ba butanela eJerusalema abantu bonke baka Juda noBenjamini, ngezinsuku ezintatu. Kwa ku inyanga yesishiyagalolunye, usuku lwamashumi amabili lwenyanga. Bonke abantu ba hlala esihonqeni sendhlu ka Tixo, be tutumela nga lento na ngemvula enkulu.
10Wa suka uEzra umpristi, wa ti, Nonile, ni tabatile abafazi bezizwe, ukuze kwande ukona kwabaIsraeli.
11A ke ni bike kuJehova uTixo wa oyihlo benu, ni yenze intando yake; nahlukane nabantu ba sezweni, nabafazi bezizwe.
12Kwa pendula ibandhla lonke, la ti ngezwi elikulu, Nga senza njengokutyo kwako.
13Kodwa abantu baningi, se ku isikati semvula; a si namandhla okuma ngapandhle; lomsebenzi a siwo owosuku lunye, nowezimbili; ngokuba si vamile ukona nga lento.
14A ke zi me izikulu zetu zebandhla lonke, bonke aba semizini yetu aba tabatileyo abafazi bezizwe, a be ze ngezikati ezimisiweyo, be ze namalunga emizi ngemizi, nabahluli bayo, lu ze lu bohle ulaka oluvutayo luka Tixo ngaloku.
15uJonatani indodana ka Asaheli, noJahazia indodana ka Tikva, ba i mela lendaba, kupela; kepa ba sizwa uMeshulamu noShabetai umLevi.
16Benza njalo abatunjiweyo. Kwa ketwa uEzra umpristi, nabantu aba izikulu za oyise, abendhlu ya oyise babo, bonke ngamagama abo, ba hlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi, ukuba ba i penye lendaba.
17Ba i qeda indaba yabantu bonke a ba be tabatile abafazi e be be nga bezizwe, ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
18Kwa funyanwa pakati kwamadodana abapristi a be be tabatile abafazi bezizwe; kumadodana ka Jeshua, indodana ka Jozadake, nabafo wabo; uMaseia, uEliezari, noJaribi, noGedalia.
19Ba nika izandhla zabo, ba ti ba za ku mukisa abafazi babo; loku ba be necala, ba nikela inqama yomhlambi, ngecala labo.
20Na kuwo amadodana ka Imere; uHanani noZebadia.
21Na kuwo amadodana ka Harimo; uMaseia, noElija, noShemala, noJehieli, noUzia.
22Na kuwo amadodana ka Pashure; uElioenai, uMaseia, uIshmaeli, uNataneli, uJozabade noElasa.
23Na kumadodana abaLevi; uJozabade, noShimi, noKelaia, onguKelita, uPetahia, uJuda noEliezeri.
24Na kubahlabeleli; uEliashibe, na kwabalindiminyango; uShaluma, noTelemu, noUri.
25Na kubo abaIsraeli; kuwo amadodana ka Paroshe; uRamia noJezia, noMalkia, noMijamini, noEleazari, noMalakija, noBenaia.
26Na kumadodana ka Elami, uMatania, uZekeria, noJehieli, noAbdi, noJeremote, noElia.
27Na kumadodana ka Zatu; uElioenai, uEliashibe, uMatania, noJeremote, noZabadi, noAziza.
28Kumadodana ka Bebai; uJehohanani, uHanania, uZabai, noAtlai.
29Na kumadodana ka Bani; uMeshulamu, uMaluki, noAdaia, uJashube, noSheale, noRamoti.
30Na kumadodana ka Pahatimoabi; uAdna noKelale, uBenaia, uMaseia, uMatania, uBezaleli, noBinui, noManasa.
31Na kumadodana ka Harimo; uElieza, uIshija, uMalkia, uShemaia, uShimeoni.
32uBenjamini, uMaluki, noShemaria.
33Kumadodana ka Hashume; uMatenai, uMataha, uZabadi, uElifaleti, uJeremai, uManasa, noShimi.
34Kumadodana ka Bani; uMadai, uAmramu noMele.
35uBenaia, uBedeia, uKelu.
36uVania, uMeremote, uEliashibe.
37uMatania, uMatenai, noJesau.
38NoBani, noBunui, noShimei.
39NoShelemia, noNatani, noAdaia.
40uMaknadebai, uShashai, uSharai.
41uAzareli, noShelemia, uShemaria,
42uShaluma, uAmaria, noJosefa.
43Kuwo amadodana ka Nebo; uJehieli, uMatitia, uZabadi, uZebina, uJadau, noJoeli, uBenaia.
44Laba bonke ba be tabatile abafazi bezizwe; abanye kubo ba be nabafazi, a be be zalelwe abantwana ibo.