1KONA uDarisu inkosi wa misa umteto, kwa hlolwa endhlini yezincwadi lapo kwa bekelelwa kona imfuyo eBabulona.
2Kwa funyanwa eAkmeta esigodhlweni oku sezweni la seMedia, incwadi okwa lotywa kuyo isikumbuzo sokuti;
3Ngomnyaka wokuqala ka Kuresi inkosi, lowo uKuresi inkosi, wa misa umteto ngendhlu ka Tixo eJerusalema ngokuti; Ma kwakiwe indhlu, lapa kwa nikelwa kona iminikelo, zi bekwe izisekelo zayo, ubude bayo pezulu bu be amakubiti a ngamashumi a isitupa; ububanzi bayo amakubiti a ngamashumi a isitupa;
4A ku be izindwendwe ezintatu zamatye amakulu, nodwendwe lunye lwemiti emitya; a ku nikwe inkokelo e vela endhlini yenkosi;
5Futi izitya zegolide nesiliva uNebukadnezari a zi kipa etempeleni eli seJerusalema, wa zi yisa eBabulona, ma zi buyiselwe, zi yiswe etempeleni eli seJerusalema, ku be ileso endaweni yaso, zi bekwe endhlini ka Tixo.
6Ngaloku, Tatnai, induna e pesheya komfula, noShetarboznai, nani abahlanganyele nabo abaAfarsake, aba pesheya komfula, a ni be kude lapo.
7Ni yeke umsebenzi wa lendhlu ka Tixo; induna yabaJuda namalunga abaJuda ma ba yake lendhlu ka Tixo endaweni yayo.
8Ngi memezela umteto ngaloku eni ya kukwenza kulawa malunga abaJuda, ukuba kwakiwe lendhlu ka Tixo, a ku nikwe kulaba bantu manje inkokelo i vela kuyo imfuyo yenkosi, e isitelo sa ngapesheya komfula, ukuba ba nga tiywa.
9Naloko okufunwayo, izinkabi ezintya, nezinqama, namaundhlu, ku be iminikelo yokutya ka Tixo wa sezulwini, nokolweni, nosaoti, newaini, namafuta, njengokutyo kwabapristi aba seJerusalema, ma ba ku piwe imihla ngemihla, ku nga puti;
10Ukuba ba nikele iminikelo e nolwasi ku Tixo wa sezulwini, ba kulekele ukupila kwenkosi namadodana ayo.
11Ngi memezela umteto wokuti; lomuntu o za kupendulela lelizwi, umuti ma u kitywe endhlini yake, a panyekwe, a betelwe kuwo; indhlu yake ma yenziwe i be indawo yezibi ngenxa yaloku.
12uTixo o hlalisile igama lake kona, ma a wise amakosi onke nabantu aba ya kubeka isandhla ukuipendulela nokuicita leyondhlu ka Tixo e seJerusalema. Mina Darisu, ngi memezele umteto, a kwenziwe masinyane.
13Kona uTatnai induna e nganeno komfula, noShetaboznai, nabahlanganyele nabo; benza masinyane njengokutunywa uDarisu inkosi.
14Amalunga abaJuda aka, a busa ngokuprofeta kuka Hagai, umprofeti, noZekeria indodana ka Ido. Baka, ba qeda, ngomteto ka Tixo wabaIsraeli, na ngomteto ka Kuresi, noDarisu, noArtasasta inkosi ya sePersia.
15Leyondhlu ya qedwa ngosuku lwesitatu lwenyanga uAdare, oku ngomnyaka wesitupa wokubusa kuka Darisu inkosi.
16Ba ti abantwana baka Israeli, nabapristi, nabaLevi, nabanye abatunjiweyo ba londa ukwahlukanisa kwa lendhlu ka Tixo, be tokoza.
17Ekwahlukaniseni kwa lendhlu ka Tixo, ba nikela izinkabi ezi ikulu, nezinqama ezi ngamakulu amabili, namaundhlu a ngamakulu amane; ku be umnikelo wezono ngabaIsraeli bonke, kwa nikelwa izimpongo zezimbuzi ezi ishumi nambili, ngokuma kwezizwe zabaIsraeli.
18Ba misa abapristi ngezahlukaniso zabo, nabaLevi ngokuhlelwa kwabo, ba be senkonzweni ka Tixo e seJerusalema; njengokubaliweyo encwadini ka Mosi.
19Izitunjwa za londa ipasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga yokuqala.
20Ngokuba abapristi nabaLevi ba zihlambulula kanye, bonke ba be hlambululekile, ba hlaba ipasika, ba zihlabela, bona nabatunjiweyo bonke, nabapristi abafo wabo.
21Ba ti abantwana baka Israeli, aba be buyile ekutelisweni, nabo bonke aba be shiyile imikuba emibi yezizwe za lelozwe ba hlangana nabo, ukuba ba m konze uJehova uTixo wabaIsraeli ba dhla,
22Ba londa umhlangano wesinkwa e si nge nambiliso, izinsuku ezi isikombisa, be tokoza; ngokuba uJehova wa e ba tokozisile, wa i guqulela inhliziyo yenkosi ya seAsiria kubona, ukuba ku qiniswe izandhla zabo emisebenzini yendhlu ka Tixo wabaIsraeli.