1LABA ba izikulu za oyise babo, ukubalwa kwabo ngokuzalwa, abakupuka nami eBabulona, ekubuseni kuka Artasasta inkosi.
2Kumadodana ka Finehasi; uGershomi; kumadodana ka Itamari; uDanyeli; kumadodana ka Davida; uHatushe.
3Kumadodana ka Shekenia, kumadodana ka Paroshe; uZekeria; kanye naye kwa balwa, ngokuzalwa abesilisa aba ikulu namashumi amahlanu.
4Kumadodana ka Pahatmoabi; uElihoenai, indodana ka Zerahia, kanye naye abesilisa aba ngamakulu amabili.
5Kumadodana ka Shekania; indodana ka Jahazieli, kanye naye abesilisa aba makulu amatatu.
6Kumadodana ka Adine; uEbedi indodana ka Jonatani, kanye naye abesilisa aba mashumi amahlanu.
7Na kumadodana ka Elami; uJeshaia indodana ka Atalia, kanye naye abesilisa aba mashumi a isikombisa.
8Na kumadodana ka Shefetia, uZebedia indodana ka Mikaeli; kanye naye abesilisa aba mashumi a shiyangalombili.
9Kumadodana ka Joabi, uObadia indodana ka Jehieli, kanye naye abesilisa aba makulu amabili neshumi nashiyangalombili.
10Na kumadodana ka Shelomite; indodana ka Josifia, kanye naye abesilisa aba ikulu namashumi a isitupa.
11Kumadodana ka Bebai; uZekeria indodana ka Bebai kanye naye abesilisa aba mashumi amabili nashiyangalombili.
12Na kumadodana ka Azgade; uJohanani indodana ka Hakatane, kanye naye abesilisa aba ikulu neshumi.
13Na kumadodana okupela ka Adonikamu, amagama awo i lawa; uElifeleti, noJehili, noShemia, kanye nabo abesilisa aba mashumi a isitupa.
14Na kumadodana ka Bigvai; uTai, noZabude, kanye nabo abesilisa aba mashumi a isikombisa.
15Nga ba butela emfuleni o ya eAhava; sa hlala kona ematenteni izinsuku ezintatu; nga suka nga buka abantu nabapristi, ka ngi fumananga namunye kumadodana ka Levi.
16Nga tuma nga m biza uEliezeri, noArieli, noShemaia, noElnatani, noJaribi, noElnatani; noNatani, noZekeria, noMeshulamu, aba izikulu; noJoyaribe, noElnatani, abaqondileyo.
17Nga ba tumela nezwi kuIdo o isikulu endaweni e iKasifia, nga ba nika amazwi ukuba ba wa kulume kuIdo, nabafo wabo abaNetini, endaweni e iKasifia, ukuba ba si zisele abakonzi bendhlu ka Tixo wetu.
18Si se pezu kwetu isandhla esilungileyo sika Tixo, ba si zisela umuntu oqondileyo, kumadodana ka Mali, indodana ka Levi, indodana ka Israeli; noSherebia, kanye namadodana ake, nabafo wabo aba ishumi nashiyangalombili.
19NoHashabia, kanye noJeshaya kumadodana ka Merari, nabafo wabo, namadodana abo aba mashumi amabili.
20Na kubaNetini, uDavida nezinduna eza ba misela inkonzo yabaLevi, abaNetini aba makulu amabili namashumi amabili; bonke ba bizwa ngamagama.
21Nga ya nga memezela ukuzila ukudhla kona emfuleni okutiwa iAhava, ukuba si zitobele pambi kuka Tixo wetu, si fune kuye indhlela e qondayo, si zifunele tina, nabantwana betu, nemfuyo yonke.
22Ngokuba be ngi namahloni ukucela enkosini amabuto nabamahashi, ukuba ba si gcine eziteni endhleleni; ngokuba be si tyilo enkosini ukuti; Isandhla sika Tixo wetu si pezu kwabo bonke abamfunayo, ku be kuhle; kodwa amandhla ake, nolaka lwake lu kubo bonke abamshiyayo.
23Njalo sa zila ukudhla, sa kulekela loku kuTixo; wa si zwa.
24Nga keta izikulu zabapristi ezi ishumi nambili, uSherebia, noHashabia, nabafo wabo aba ishumi.
25Nga linganisela kubona isiliva, negolide, nezitya, umnikelo wendhlu ka Tixo wetu owa nikelwa inkosi nompakati wayo, nezikulu zayo, nabaIsraeli bonke aba be kona.
26Nga linganisela esandhleni sabo isiliva amatalenta amakulu a isitupa namashumi a isihlanu, nezitya zesiliva amatalenta a ikulu, negolide amatalenta a ikulu.
27Nemityengele yegolide, e ngamashumi mabili e ngamadarike a inkulungwane; nezitya ezimbili zetusi elikazimulayo, elihle njengegolide.
28Nga ti kubo, Nina ni ngcwele kuJehova; nezitya zi ngcwele; isiliva negolide li umnikelo wesihle kuJehova uTixo wa oyihlo benu.
29Lindani ni zi londoloze ni ze ni zi linganise pambi kwezikulu zabapristi nabaLevi, nezikulu za oyise kubaIsraeli, eJerusalema emagumbini endhlu ka Jehova.
30Abapristi nabaLevi, bamkela isiliva, negolide, nezitya, zi linganiswa ukuba ba zi yise eJerusalema endhlini ka Tixo wetu.
31Se suka emfuleni eAhava ngosuku lweshumi nambili lwenyanga yokuqala, ukuba si ye eJerusalema; isandhla sika Tixo sa ba pezu kwetu, wa si sindisa esandhleni sesita, na kwabaqapelayo endhleleni.
32Sa fika eJerusalema, sa hlala kona izinsuku ezintatu.
33Ngosuku lwesine, kwa linganiswa isiliva, negolide, nezitya, endhlini ka Tixo wetu, ngesandhla sika Meremote indodana ka Uria umpristi; wa e naye uEleazari indodana ka Finehasi, ba be nabo uJozebade, indodana ka Jeshua, noNoadia indodana ka Binui, abaLevi;
34Ngokubalwa na ngokulinganiswa kwazo zonke; kwa lotywa ukulinganiswa konke ngaleso sikati.
35Abatunjwayo aba vela kwabapangwayo ba nikela iminikelo yokutya kuTixo wabaIsraeli, izinkabi ezi ishumi nambili, ngabaIsraeli bonke, nezinqama ezi mashumi a shiyagalolunye, nesitupa, namaundhlu amashumi a isikombisa nesikombisa, izimpongo zomnikelo wezono, ezi ishumi nambili; konke loku kwa ba umnikelo wokutya kuJehova.
36Ba nika imiteto yenkosi kuzo izinduna zenkosi ezinkulu, nezinduna za nganeno komfula, ba quba abantu kanye nendhlu ka Tixo.