1A U baseGalatia abangaqondiyo! neduswa ubani, ukuze ni nga laleli iqiniso na? nina, a bekwa obala pambi kwamehlo enu uJesu Kristu, e betelwe pakati kwenu.
2Iloku kodwa engi tanda ukuzwa kinina ukuti, Na piwa uMoya ngemisebenzi yomteto, na u piwa ngokuzwa kokukolwa ini na?
3Ni ulekile kangaka na? Ni qalile ngokoMoya, se ni ya kugcina ngokwenyama na?
4Ni hlupeke kangaka ngeze na? uma ku ngeze.
5Yena o ni nikayo uMoya, nowenzayo imisebenzi emikulu pakati kwenu, wenza ngemisebenzi yomteto, wenza ngokuzwa kokukolwa ini na?
6NjengoAbrahama wa kolwa uTixo, kwa tiwa ukulunga kuye.
7Yazini ngako ukuti, abokukolwa ba ngabantwana baka Abrahama.
8Umbalo u bona ngapambili ukuti uTixo u za kutetelela abezizwe ngokukolwa, wa li shumayela ivangeli kuAbrahama, u ti, Izizwe zonke zi ya kubusiswa ngawe.
9Njaloke abokukolwa ba busiswa njengoAbrahama okolwayo.
10Bonke abemisebenzi yomteto, ba sekulahlweni; ngokuba ku lotyiwe ukuti, Ba sekulahlweni bonke aba ngemi njalo kuko konke okulotyiweyo encwadini yomteto, ba kwenze.
11Kepake ku sobala ukuti, a ku ko muntu o tetelelwa ngomteto pambi kuka Tixo; ngokuba, Abatetelelwayo ba ya kupila ngokukolwa kwabo.
12Kepa umteto a si ngokokukolwa; kodwa, Umuntu ozenza lezizinto u ya kupila ngazo.
13uKristu wa si hlenga ekulahlweni oku ngomteto, ngokulahlwa ngenxa yetu; (ngokuba ku lotyiwe ukuti, Ba lahliwe bonke aba panyekwa emtini;)
14Ukuba ukubusiswa kuka Abrahama ku fike ezizweni ngaye uKristu Jesu; ukuba si piwe isitembiso sika Moya ngokukolwa.
15Bazalwane, ngi ya kuluma njengomuntu. Uma isivumelwano, noma esomuntu, si qiniswe, a ku ko muntu o si citayo, nowenezela uto kuso.
16Kepa izitembiso za menyezelwa kuAbrahama na kuyo inzalo yake, ka tyo, Na kuzo izinzalo, njengokungati ziningi kodwa njengokungati inye, u ti, Na kuyo inzalo yako, e nguKristu.
17Kepa ngi tyo loku ukuti Isivumelwano esa qiniswa uTixo, si qiniselwa uKristu umteto, owa menyezelwa emva kweminyaka emakulu amane namashumi amatatu, a u si citi sona, u ze u senze isitembiso si be ize.
18Ngokuba uma ifa li kona ngomteto, a li se ko ngesitembiso; kepa uTixo wa li nika uAbrahama ngesitembiso.
19Po, umteto u ini na? Wenezelwa ngenxa yezono, ya ze ya fika inzalo, e bi nikiwe isitembiso, u bu hlelwe ngezingelosi esandhleni somlamuli.
20Kepa umlamuli a siye wamunye; kodwa uTixo munye.
21Poke, umteto u ya tiyana nezitembiso zika Tixo na? Ai; ngokuba uma u bu piwe umteto o nga pilisayo, ukulunga nga ku ba kona ngomteto isibili.
22Kodwa umbalo u valele bonke ekoneni, ukuba abakolwayo ba piwe isitembiso esi ngokukolwa kuJesu Kristu.
23Kepa ku nga ka fiki ukukolwa sa gcinwa pansi komteto, si valelwa ukukolwa o be ku za kwambulwa.
24Njalo umteto u umhloli wetu ukusiyisa kuKristu, ukuba si tetelelwe ngokukolwa.
25Kepake se ku fikile ukukolwa a si se pansi komholi.
26Ngokuba nina nonke ni ngabantwana bakaTixo ngokukolwa uKristu Jesu.
27Ngokuba nina ena bapatizelwa kuKristu, nambete uKristu.
28Akuko umJuda nomGreki, akuko obotyiweyo nokululekileyo, akuko owesilisa nowesifazana; ngokuba ni munye kuKristu Jesu nonke.
29Uma ni ngabaka Kristu, ni inzalo ka Abrahama, izindhlalifa njengokutenjisiweyo.