1EKUQALENI uTixo wenza izulu nomhlaba.
2Umhlaba wa uze, u yicenge; kwa ku mnyama ebusweni bamanzi. Umoya ka Tixo wa ya wa hlala ebusweni bamanzi.
3Wa ti uTixo, A ku be kona ukukanya: kwa ba kona ukukanya.
4uTixo wa bona ukukanya ukuti, ku lungile: uTixo wahlukanisa ukukanya nobumnyama.
5uTixo wa qamba ukukanya Imini, wa qamba ubumnyama Ubusuku. Ukuhlwa nokusa kwa ba usuku lokuqala.
6Wa ti uTixo, A ku be kona umkati pakati kwamanzi, wahlukanise amanzi namanzi.
7uTixo wa wenza umkati, wahlukanisa amanzi a ngapansi komkati namanzi a ngapezu komkati: kwa ba njalo.
8uTixo wa qamba umkati Izulu: Ukuhlwa nokusa kwa ba usuku lwesibili.
9Wa ti uTixo, Ka qoqeke ndawonye amanzi a ngapansi kwezulu, u bonakale umhlabati owomileyo: kwa ba njalo.
10uTixo wa qamba umhlabati owomileyo Umhlaba, ukuqoqeka kwamanzi wa ku qamba Ulwandhle: uTixo wa bona ukuti, ku lungile.
11Wa ti uTixo, Umhlaba a u veze utyani, nemiti e hlanza imbeu, nemiti yezinhlamvu e tela izinhlamvu izinhlobo ngezinhlobo, imbeu yayo i kuyo, emhlabeni: kwa ba njalo.
12Umhlaba wa veza utyani, nemiti e hlanza imbeu ngezinhlobo zayo, nemiti e tela izinhlamvu, imbeu yayo i kuyo, izinhlobo ngezinhlobo: uTixo wa bona ukuti, ku lungile.
13Ukuhlwa nokusa kwa ba usuku lwesitatu.
14Wa ti uTixo, A ku be kona izinkanyiso emkatini wezulu, zahlukanise imini nobusuku, zi be izibonakaliso zemizuzu, nezezinsuku, nezeminyaka;
15Zi be izinkanyiso emkatini wezulu, zi kanye emhlabeni: kwa ba njalo.
16uTixo wa zenza izinkanyiso ezimbili; inkanyiso enkulu yokubusa imini, nenkanyiso encinyane yokubusa ubusuku: nezinkanyezi futi.
17uTixo wa zi misa emkatini wezulu, ukuba zi kanye emhlabeni,
18Zi buse imini nobusuku, zahlukanise ukukanya nobumnyama: uTixo wa bona ukuti, ku lungile.
19Ukuhlwa nokusa kwa ba usuku lwesine.
20Wa ti uTixo, Amanzi ka vame izilwane ezi nemipefumlo ezwayo, a zi ndize izinyoni pezu komhlaba emkatini wezulu.
21uTixo wa yenza imikomo emikulu, nezinto zonke ezizwayo ezihambayo, a zi vamayo amanzi, ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezi namapiko, ngezinhlobo zazo: uTixo wa bona ukuti, ku lungile.
22uTixo wa zi busisa, wa ti, zalani, nande, ni gcwalise amanzi a solwandhle, nezinyoni a zi vame emhlabeni.
23Ukuhlwa nokusa kwa ba usuku lwesihlanu.
24Wa ti uTixo, Umhlaba a u veze izinto ezizwayo izinhlobo ngezinhlobo, izinkomo, nezilwanyana, nezilo zomhlaba, ngezinhlobo zazo: kwa ba njalo.
25uTixo wa zenza izilo zomhlaba izinhlobo ngezinhlobo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke zomhlaba izinhlobo ngezinhlobo: uTixo wa bona ukuti, ku lungile.
26Wa ti uTixo, A senze abantu ngomfanekiso wetu, ba si fuze; ba buse pezu kwezinhlanzi zolwandhle, na pezu kwezinyoni zezulu, na pezu kwezinkomo, na pezu komhlaba wonke, na pezu kwezilwane zonke ezihambayo emhlabeni.
27uTixo wa benza abantu ngomfanekiso wake; wa benza ngomfanekiso ka Tixo; wenza umlisa nesifazana.
28uTixo wa ba busisa, uTixo wa ti kubo, Zalani, nande, ni gcwalise umhlaba, ni u nqobe; ni buse pezu kwezinhlanzi zolwandhle, na pezu kwezinyoni zezulu, na pezu konke okuzwayo, okuhambayo emhlabeni.
29Wa ti uTixo, Bhekani, ngi ni nika imiti yonke e tela imbeu, e semhlabeni wonke, nemiti yonke e nezinhlamvu zomuti o tela imbeu, i be ukudhla kwenu.
30Izilo zonke zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezinto zonke ezihambayo emhlabeni, ezi nemipefumlo ezwayo, ngi zi nike imiti yonke eluhlaza, i be ukudhla kwazo: kwa ba njalo.
31uTixo wa bona konke, a be kwenzile; bheka, kwa ku lungile impela. Ukuhlwa nokusa kwa ba usuku lwesitupa.