1KWA ti emihleni ka Amrafeli inkosi ya seShinari, noArioki inkosi ya seElasare, noKedolomeri inkosi ya seElami, noTidali inkosi yezizwe,
2Laba ba lwa noBera inkosi ya seSodoma noBiresha inkosi ya seGomora, noShinabe inkosi ya seAdma, noShemebere inkosi ya seZebomi; nayo inkosi ya seBela, okuti iZora.
3Laba bonke ba hlangana emfundeni ya seSidimi, e se li ulwandhle luka Sawoti.
4Iminyaka ya ba ishumi nambili be m konza uKedolomeri, ngomnyaka weshumi nantatu ba hlubuka.
5Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedolomeri namakosi a naye, ba cita amaRefai a seAshtorote Karenami, namaZuzi a seHamu, namaEmi a semfundeni ya seKiritami,
6nAmahori a sentabeni yabo iSira, ku ze ku fike Elparani, oku sehlane.
7Ba buya beza Enmishpata, okuti iKadeshi, ba cita izwe lonke lamaAmaleki, nawo amaAmori a e hlezi eHazezontamari.
8Kwa puma inkosi ya seSodoma, nenkosi ya seGomora, nenkosi ya seAdema, nenkosi ya seZebomi, nenkosi ya seBela, okuti iZora; ba hloma ba lwa nabo emfundeni ya seSidimi;
9Ba lwa noKedolomeri inkosi ya seElami, noTidali inkosi yezizwe, noAmrafeli inkosi ya seShinari, noArioki inkosi ya seElasare; amakosi amane a lwa namahlanu.
10Imfunda ya seSidimi ya i nemigodi yebitume: inkosi ya seSodoma neya seGomora, a baleka, a hluleka kona; abaseleyo ba baleka ba ya entabeni.
11Ba tabata izinto zonke za seSodoma neza seGomora, nokudhla konke kwabo, bemuka.
12Ba m tabata uLoti indodana yomfo wabo ka Abrama, owa e hlezi eSodoma, nezinto zake, bemuka.
13Kweza o sindileyo, wa m bikela uAbrama umHeberu; ngokuba wa e hlala emikobeni ka Mamre umAmori, umfo wabo ka Eshikoli, nomfo wabo ka Aneri: labo ba be hlangene noAbrama.
14uAbrama e zwa ukuti, u tunjiwe umfo wabo, wa ba hlomisa abake abafundileyo, aba zaliwe endhlini yake, aba amakulu amatatu neshumi nashiyagalombili, wa ba landela, wa za wa fika eDani.
15Wa bahlukanisa abake wa ya kubo ebusuku, yena nezinceku zake, wa bahlula, wa ba landela wa za wa fika eHoba, eli ngasokohlo kweDamaseku.
16Wa buyisa izinto zonke, wa m buyisa naye uLoti umfo wabo, nezinto zake, nabesifazana, nabantu.
17Ngasemva kokubuya kwake ekwahluleni uKedolomeri namakosi a naye, ya puma inkosi ya seSodoma ukumhlangabeza emfundeni ya seShavi, eli imfunda yenkosi.
18uMelkizideki inkosi ya seSalemi, wa leta ukudhla newaini: wa e umpristi ka Tixo o pezu konke.
19Wa m busisa, wa ti, U busiswe uAbrama nguTixo o pezu konke, umninizulu nomhlaba.
20U busisiwe uTixo o pezu konke, o zi nikele izita zako esandhleni sako. Wa m nika okweshumi kuko konke.
21Ya ti inkosi ya seSodoma kuAbrama, Ngi nike abantu, u tabate izinto.
22Wa ti uAbrama enkosini ya seSodoma, Ngi pakamisile isandhla sami kuJehova, uTixo o pezu konke, umninizulu nomhlaba,
23A ngi yi kutabata intanjana, noqoto lwesicatulo, a ngi yi kutabata uto kuko konke okwako, ukuba u nga tyo, ukuti Ngi m fuyisile uAbrama;
24Loko kupela, oku dhliwe izinceku, nokwababelwe abantu aba be hamba nami, uAneri, noEshikoli, noMamre: a ba tabate abakwabelweyo.