1KU te se ku hlwile kwa fika eSodoma izitunywa ezimbili; uLoti wa e hlezi esangweni la seSodoma: uLoti, e zi bona, wesuka wa ya ukuzihlangabeza; wa kotama bu bheka pansi ubuso bake.
2Wa ti, Bhekanike makosi ami, a ke ni pambuke, ni ngene endhlini yenceku yenu, ni hlale ubusuku, ni geze izinyawo zenu; ni ya kuvuka kusasa, ni ye endhleleni yenu. Za ti, Qa, si ya kuhlala endhleleni.
3Wa zi ncenga kakulu, kona za pambukela kuye, za ngena endhlini yake; wa zenzela ukudhla, wa peka isinkwa esi nga kukumele, za dhla.
4Kwa ti, zi nga ka lali, abantu bomuzi, abantu ba seSodoma, ba haqa indhlu, abatya nabadala, bonke abantu be vela inxa zonke:
5Ba m memeza uLoti, ba ti kuye, A pi lawa madoda a ngene kuwe ngalobubusuku na? si pumisele wona ukuba si wazi.
6uLoti wa pumela kubo ngasemnyango, wa vala umnyango ngasemva kwake,
7Wa ti, Bafo wetu, ake ni ngoni kangaka.
8Bhekanike, ngi namadodakazi amabili, a nga bonanga e yazi indoda; ake ngi ni pumisele wona, nenze kuwo ngokufanele emehlweni enu: kepa ku lawamadoda ni ngenzi luto; ngokuba beza ngaloko emtunzini wendhlu yami.
9Ba ti, Suka. Ba ti, Lomuntu weza ukwaka, u ya kubusa nokubusa: Se si ya kuhlupa wena kakulu ku nabo. Ba ni cindezela lowo muntu, uLoti, ba sondela ukwapula umyango.
10Kona amadoda a zelula izandhla zawo, a ngenisa uLoti kuwo endhlini, a vala umnyango.
11A ba tyaya abantu aba semnyango wendhlu abancinyane nabakulu ngobumpumputi; ba katazeka ngokufuna umnyango.
12A ti amadoda kuLoti, U nobani futi lapa na? umkwenyana, namadodana ako, namadodakazi ako, nabo bonke abako, aba kona ba pumese ku lendawo:
13Ngokuba si ya kububisa lendawo, ngokuba ukukala kwabo ku kulu ebusweni buka Jehova; uJehova u si tumile ukuba si i bubise.
14uLoti wa puma, wa kuluma nabakwenyana bake aba be tabatile amadodakazi ake, wa ti, Sukani, ni pume ku lendawo: ngokuba uJehova u ya kububisa lomuzi. Wa e njengoqangayo emehlweni abakwenyana bake.
15Se ku sile izitunywa za m tyetyisa uLoti, za ti, Suka, u tabate umkako, namadodakazi ako amabili, a funyanisiwe, funa u bujiswe ebubini bomuzi.
16E sa libala, amadoda a bamba isandhla sake, nesandhla somkake, nesandhla samadodakazi amabili ake; uJehova e m haukela a m pumesa a m beka ngapandhle komuzi.
17A ti e se ba pumisile ngapandhle, wa ti, Baleka u sinde: u nga bheki emva kwako, u ngemi etafeni lonke; balekela entabeni, funa u bujiswe.
18Wa ti kuwo uLoti, A ke ku nga bi njalo, Nkosi yami.
19A ku bheke, inceku yako i zuze umusa emehlweni ako, u kulisile ububele bako, o ngenzele bona ngokungisindisa; ngi nge balekele entabeni, funa ngehlelwe ububi ngi fe.
20Bhekake, lomuzi u seduze ukuba ngi balekele kuwo, mcinyane: a ke ngi catye kona, ngi sinde; a umcinyane na?
21Wa ti kuye, Bheka, ngi ku vumela ngalento, a ngi yi kububisa lomuzi o kulume ngawo.
22Tyetya, u balekele kuwo, ngokuba ngi ngenze luto u nga ka fiki kona. Ngaloko igama lomuzi la tiwa iZora.
23Ilanga la se li pumile ezweni lapo uLoti wa ngena eZora.
24Kona uJehova wa nisa pezu kweSodoma na pezu kweGomora usolufa nomlilo, ku vela kuJehova ezulwini:
25Wa cita leyomizi netafa lonke, nabo bonke abakile emizini, naloko okuhlumayo emhlabatini.
26Kepa umkake wa bheka emva kwake, wa ba insika ka sawoti.
27uAbrahama wesuka ekuseni, wa ya ku lendawo lapo wema kona ebusweni buka Jehova:
28Wa bheka ngaseSodoma neGomora, na ngasezweni lonke letafa, wa buka, bheka, senyuka isisi sezwe njengesisi seziko.
29Kwa ti, msukwana uTixo e bubisa imizi yetafa, uTixo wa kumbula uAbrahama, wa mukisa uLoti ekucitekeni msukwana e bubisa imizi a be hlezi kuyo uLoti.
30uLoti wa kupuka eZora, wa hlala entabeni, namadodakazi ake amabili naye; ngokuba wesaba ukuhlala eZora, wa hlala emhumeni, yena namadodakazi ake amabili.
31Ya ti inkosazana koyelamayo, ubaba u se mdala, a i ko indoda ezweni yokungena kitina njengemikuba yezwe lonke:
32A ke si m puzise ubaba iwaini, si lale naye ukuba si londe imbeu e vela kubaba.
33Ngalobobusuku ba m puzisa uyise iwaini; omkulu wa ngena, wa lala noyise; wa e ngazi ukulala kwake nokuvuka kwake.
34Kwa ti ngangomso omkulu wa ti komcinyane, Bheka, nga lala nobaba izolo: a si buye si m puzise iwaini ngalobubusuku; ngena wena, u lale naye, ukuba si londe imbeu e vela kubaba.
35Ba m puzisa uyise iwaini na ngalobobusuku: we suka omcinyane wa lala naye; wa e ngazi ukulala kwake nokuvuka kwake
36Njaloke amadodakazi ka Loti omabili a kuleliswa uyise.
37Enkulu ya zala indodana ya qamba igama layo uMoabi: lowo u nguyise wabaMoabi ku ze ku be namhla.
38Nayo encinyane ya zala indodana, ya qamba igama layo ngokuti uBenami: lo u nguyise wabantwana baka Amoni ku ze ku be namhla.