1KWA ti, abantu be qala ukwanda emhlabeni, be zala amadodakazi,
2Amadodana ka Tixo a bona amadodakazi abantu ukuti, mahle; a tabata abafazi kuwo onke a wa tandayo.
3Wa ti uJehova, Umoya wami a u yi kuhlala ku bantu njalo ngenxa yezono zabo; ba inyama nje; izinsuku zabo zi ya kuba iminyaka e ikulu namashumi amabili.
4Iziqwaka za zi kona ezweni ngalesosikati, nangasemva, lapo amadodana ka Tixo a ngena kumadodakazi abantu, a wa zalela abantwana, labo ba ba abantu aba namandhla ba sendulo, abadumileyo.
5uTixo wa ku bona ukona kwabantu ku kulu emhlabeni, nokucabanga konke kwezizindhlo zenhliziyo yake ukuba kubi impela njalo njalo.
6uJehova wa guquka ngokuba wa e benzile abantu emhlabeni, wa dabuka enhliziyweni yake.
7Wa ti uJehova, Ngi za kububisa abantu engi benzileyo ba nga bi ko ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwane, nezinyoni zezulu, ngokuba ngi zisolile ukuba ngi benzile.
8Kepa uNoa wa zuza umusa emehlweni ka Jehova.
9Lezi zi yizindaba zika Noa: uNoa wa e ngumuntu olungileyo, e nge nacala esizukulwaneni sake; uNoa wa hamba noTixo.
10uNoa wa zala amadodana amatatu, uShemi, noHamu, noJafete.
11Izwe la lonakele ebusweni buka Jehova, izwe la li gcwele ukupanga.
12uTixo wa bona izwe, bheka, la lonakele; ngokuba abantu bonke ba be hamba kabi emhlabeni.
13Wa ti uJehova kuNoa, Se ku fikile pambi kwami ukupela kwabantu bonke, ngokuba izwe li gcwele ukupanga ngenxa yabo; bheka ngi za kubabubisa kanye nezwe.
14Wake umkumbi ngemiti e nenhlaka; wenze izindhlu emkunjini, u u huqe ngenhlaka ngapakati nangapandhle.
15Iko loku o za kukwenza: Ubude bomkumbi bu izingalo ezi makulu matatu, ububanzi bawo bu izingalo ezi mashumi amahlanu, ubude bawo ukuya pezulu bu izingalo ezi mashumi matatu.
16Wenze isibuko emkunjini, u si gcine ngapezulu ngengalo i benye; u beke umnyango womkumbi ecaleni lawo; wenze izindhlu ngapansi, nezesibili nezesitatu pezulu.
17Bheka, ngi ya kuleta uzamcolo wamanzi emhlabeni; ukuba a bubise inyama yonke e nemipefumlo e pilayo, e ngapansi kwezulu; konke oku semhlabeni ku za kufa.
18Kodwa ngi ya kuqinisa kuwe isivumelwano sami; u ya kungena emkunjini, wena, namadodana ako, nomkako, nomka madodana ako nawe.
19Na kuzo zonke izinto ezizwayo zenyama yonke, u ya kutabata ngambili kuzo zonke izinhlobo, u zi ngenise emkunjini ukuba uzisindise nawe, zi be induna nensikazi.
20Izinyoni izinhlobo ngezinhlobo, nezinkomo izinhlobo ngezinhlobo, nazo zonke izilwane zomhlaba, izinhlobo ngezinhlobo; ngambili kuzo zonke izinhlobo, zi ya kuza kuwe, zi sinde.
21U tabate kuko konke ukudhla okudhliwayo, u ku butele kuwe; ku be ukudhla kwako nokwazo.
22Wenza njalo uNoa; njengaloko konke uTixo a be m yalile ngako, wenza okunje.