1WA ti uJehova kuNoa, Ngena emkunjini, wena nayo yonke indhlu yako; ngokuba ngi ku bonile u lungile wena ebusweni bami esizukulwaneni lesi.
2Kuzo zonke izilwane ezidhliwayo u ya kutabata ngakombisa, induna nensikazi yayo; na kuzo izilwane ezingadhliwayo u ya kutabata ngambili, induna nensikazi yayo.
3Na kuzo izinyoni zezulu ngakombisa, induna nensikazi; ukuba u londoloze imbeu ebusweni bomhlaba wonke.
4Ngokuba ngasemva kwezinsuku ezikombisa ngi ya kunisa imvula emhlabeni amalanga amashumi amane; konke okupilayo engi kwenzileyo ngi za ku kububisa ebusweni bomhlaba.
5uNoa wenza njengako konke uJehova a be m yalele kona.
6uNoa wa e neminyaka e makulu a tatisitupa, msukwana uzamcolo wamanzi e fika emhlabeni.
7uNoa wa ngena emkunjini, namadodana ake, nomkake, nomka madodana ake naye, ngenxa yamanzi ka zamcolo.
8Izilwane ezidhliwayo, nezilwane ezingadhliwayo nezinyoni, nezinto zonke ezihambayo emhlabeni,
9Za ngena ngambili kuNoa emkunjini, induna nensikazi, njengaloku uTixo a be m yalile uNoa.
10Kwa ti ngasemva kwezinsuku ezikombisa amanzi ka zamcolo a fika emhlabeni.
11Ngomnyaka wamakulu a tatisitupa wokuhamba kuka Noa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikombisa lwenyanga, ngalolosuku imitombo yonke yolwandhle ya boboka, nezintuba zezulu za vuleka.
12La na emhlabeni amalanga a ba mashumi mane nobusuku ba ba mashumi mane.
13Ngalolosuku wa ngena emkunjini uNoa, noShemi, noHamu, noJafete, amadodana ka Noa, nomka Noa, nomka madodana ake abatatu nabo.
14Bona, nezilo zonke izinhlobo ngezinhlobo, nezinkomo zonke izinhlobo ngezinhlobo, nezilwane zonke ezihambayo emhlabeni izinhlobo ngezinhlobo, nezinyoni zonke izinhlobo ngezinhlobo, izinyonyana zonke zamapiko onke.
15Za ngena kuNoa emkunjini, zimbili ngezimbili kwenyama yonke e nemipefumlo ezwayo.
16Ezangenayo za ngena induna nensikazi zenyama yonke, njengaloko a be yalile uTixo; uJehova wa m valela pakati.
17La na, lenza uzamcolo emhlabeni izinsuku za ba mashumi mane: amanzi anda, a pakamisa umkumbi, wa pakama pezu komhlaba.
18Amanzi anda, a kula, kakulu emhlabeni: umkumbi wa hamba ebusweni bamanzi.
19Amanzi anda kakulu emhlabeni; za gutyuzelwa izintaba ezinde zonke, ezi pansi kwezulu lonke.
20Amanzi anda, enyuka, a ya pezulu izingalo ezi ishumi nanhlanu; izintaba za gutyuzelwa.
21Ya fa inyama yonke eya i hamba emhlabeni, izinyoni, nezinkomo, nezilwane, nezinto zonke ezihambayo emhlabeni, nabantu bonke.
22Izinto zonke ezi nemipefumlo yomoya ozwayo, zonke ezi semhlabatini omileyo, za fa.
23Kwa bujiswa konke okuzwayo okwa ku sebusweni bomhlaba, nabantu nezinkomo, nezilwane, nezinyoni zezulu; kwa bujiswa emhlabeni; wa sala uNoa yedwa nabo aba be kona naye emkunjini.
24Amanzi a e kulile emhlabeni izinsuku za ba ikulu namashumi amahlanu.