1NGI ya kuma endaweni yami yokulinda, ngi zihlalise enqabeni, ngi linde ukubona loku a ya ku ku shumayela kimi, na loku e ngi za ku ku pendula ekujezisweni kwami.
2Lapo uJehova wa pendula, wa ti, Bala isibonakalo, u lobe ezicabeni, ukuze a gijime o si fundayo.
3Ngokuba isibonakalo si se nomzuzu, kanti ekupeleni si ya ku tyetya, si nga kohlisi: nokuba si libala, si hlalele; ngokuba so fika isibili, si nga yi ku puza.
4Bheka okukumelayo umpefumlo wake a u lungile pakati kwake: kepa olungileyo wo pila ngenkolo yake.
5Yebo pela, ngenxa yewaini wonakala umuntu okukumeleyo, a ka hlali; o kulisa ukufisa kwake njengeSheoli, yena u njengokufa, a u nge sute, u ya buta kuye izizwe zonke, e zifumbele abantu bonke:
6Po laba bonke a ba yi ku pata inkulumo nenshumayelo ehlekisayo ngakuye, ba ti, Maye kuye o zandisela o ku ngesiko okwake, ku ya kwenziwa ku ze ku be nini na? naye o qongela pezu kwake impahla yokuqiniswa!
7A ba yi ku suka ngokuzuma aba kulumayo, ba vuke naba ku katazayo, u buye u be izimpango kubo na?
8Ngokuba wona u pangile izizwe eziningi, insalo yonke yabantu u ya kupanga wena; ngenxa yegazi labantu, na ngohlupo lwezwe, nomuzi, nabo bonke a ba hlezi kuwo.
9Maye kuye o zuzela indhlu yake inzuzo embi, ukuze a beke isihleke sake pezulu, a ze a sinde esandhleni sokubi!
10Wena u cebele indhlu yako ihlazo ngokunquma abantu abaningi, wonile nompefumlo wako.
11Ngokuba itye londonga li ya kukala, i li pendule insika emtini.
12Maye kuye o waka inxuluma ngezingazi, e misa umuzi ngokonakala!
13Bheka, a ngi ti ku vela kuJehova wamabandhla na? abantu ba zo kutalela umlilo, abantu ba katale ngeze.
14Ngokuba umhlaba u zo gcwaliswa ukwazi kokukazimula kuka Jehova, njengamanzi a ya sibekela ulwandhle.
15Maye kuye o puzisa umhlobo wake, wena o pungula ukupuza okuvutayo kwako ku be uku m dakisa, ukuze ku bukwe ebunqunwini babo.
16Wena u gcwele ihlazo ku nokukazimula; puza wena nawe ku zibukulwe ijwabu: umkele wesokuponsa kuka Jehova wo pendulelwa pezu kwako, nehlazo elikulu pezu kokukazimla kwako.
17Ngokuba uhlupo lwa seLebanoni lu ya ku sibekela, nokububisa, kwezilo okutusayo ngenxa yegazi labantu, na ngohlupo lwezwe nolomuzi, nabo bonke a ba hlezi kuwo.
18Isitombe esibaziweyo si sizani ngokuba umenzi waso u si bazile; nesitombe esi ncibilikisiweyo, nomfundisi wamanga ngokuba umenzi u yetemba emsebenzini wake, ukwenza izitixo ezi ize ezitulayo na?
19Maye kuye o ti kuwo umuti, Vuka: kulo itye elitulayo, Papama; lona li zo fundisa; Bheka li sibekelwe igolide nesiliva, kodwa a wuko umoya pakati kwalo impela.
20Kepa uJehova u setempelini lake eli ingcwele: tula ebusweni bake lizwe lonke.