1UTIXO, o wa shumayela koyise ngabaprofeti endulo, ngezikati eziningi, na ngezindawo eziningi,
2Nga lemihla yokugcina u shumayela kitina ngayo iNdodana yake, a i beka indhlalifa lako konke, iyona a dabula ngayo amazwe;
3Yona, e ngukukazimula kobukosi bake, e m fuza yena uqobo, e gcina konke ngezwi lamandhla ayo, i si hlanzile izono ngokwayo, ya hlala ngakwesokunene soBukulu obupezulu;
4Ya ba mkulu ku nezingelosi, njengegama lake, e nalo ngefa, li kulu ku nelazo.
5Ngokuba i ipi ingelosi a ke a tyo kuyo kuti, U iNdodana yami, ngi ku zele namhla? Nokuti, Ngo ba uYise wake, a be iNdodana yami?
6Nxa e buya a ngenise owamazibulo emhlabeni u ti, A zi kuleke kuye zonke izingelosi zika Tixo.
7U ti ngezingelosi, Owenza izingelosi zake imimoya, nezikonzi zake ilangabi lomlilo.
8Kodwa ngeNdodana u ti, Isihlalo sako, Tixo, si mi pakade napakade; intonga yokulunga i intonga yombuso wako;
9U tandile ukulunga, wa zonda ukona; ngaloku uTixo, uTixo wako u ku gcobile ngamafuta okutokoza ku naba hlangene nawe.
10U tyo nokuti, Wena, Nkosi, ekuqaleni wa u sekela umhlaba; izulu li imisebenzi yezandhla zako;
11Li ya kububa lona; kodwa wena u kona njalo; lona lonke li ya kuguga njengengubo;
12Wo li songa njengesivato, li guqulwe; kodwa wena uwena njalo, iminyaka yako a i yi kukauka.
13Kepa i ipi ingelosi a ke a tyo kuyo ukuti, Hlala ngakwesokunene sami, ngi ze ngenze aba izita kuwe ba be isenabelo sezinyawo zako?
14A zi sibo omoya abakonzayo zonke, be tunyelwa ukukonza ngenxa yaba za kulidhla ifa lokusindiswa na?