1NGAKO, loko tina si haqiwe isixuku esingaka sofakazi, a si lahle konke oku sindayo, kakulu ukona oku si tiyayo, si qinise, si gijime ibanga esi li bekelweyo,
2Si m bheke uJesu, umqalisi nomfezi wokukolwa kwetu; yena, ngokutokoza a ku bekelweyo, wa twala isipambano, e nga naki ihlazo laso, wa ya wa hlala ngokwesokunene sesihlalo sika Tixo.
3M qondeni yena o wa kutazelayo izoni se zi m vukele kangaka, funa ni katale, ni pelamandhla.
4A ni ka qinisi ku ze ku be segazini ngokulwa nokona.
5Ni kohliwe ini umyalo, o shunyayelwa kinina njenga kubantwana, wokuti, Ndodana yami, u nga deli ukujezisa kweNkosi, u pelamandhla, nxa u tetiswa iyo;
6Ngokuba iNkosi i ya m jezisa e m tandayo, i ba tyaye abantwana bonke e bamkelayo.
7Uma ni kutazela ekujezisweni, uTixo u ya ni patisa okwabantwana; ngokuba upi umntwana o nga jeziswa uyise na?
8Kepa uma ni nge nakujeziswa, oku kubo bonke, kona ni ngabokupingwa, a ni sibo abantwana.
9Futi, sa si nobaba benyama yetu, aba si jezisayo, sa ba hlonipa; kakulu, a si yi kumlalela ubaba wemipefumlo yetu, si pile na?
10Ngokuba bona ba si jezisa isikatyana, njengokutanda kwabo, kepa yena ngokulunga kwetu, si ze sabelwe ubungcwele bake.
11A ku ko ukujezisa okutokozisayo, ku se kona, ku lusizi; kepa ngasemva, ku ya ba telela abajeziswayo isitelo esihle, sokulunga.
12Ngako qinisani izandhla ezidangeleyo namadolo a xegayo;
13Nenzele izinyawo zenu izindhlela eziqondileyo, ukuba abaxugayo ba ngedukiswa, kepa a ba sindiswe,
14Zamani ni hlale kahle nabantu bonke, ni be nobungcwele, a nge i bone iNkosi noyedwa e nge nabo;
15Ni bhekisise, ukuba ku nga bi ko o nga zuziyo umusa ka Tixo; ku nga mili isitombo esibabayo, si ni kataze, bonakale abaningi ngaso;
16A ku nga bi ko o isifebe, o tukayo, njengoEsau; o wa tenga ukudhlana ngefa lobuzibulo bake.
17Ngokuba ni yazi, ngasemva e sa tanda ukwamkeliswa ukubusiswa, waliwa; ka i tolanga indawo yokupenduka, noma wa e funisisa ngezinyembezi.
18A ni zanga entabeni e patekayo, na semlilweni ovutileyo, na sofasimbeni, na sebumnyameni, na sesivunguvungwini,
19Na sekukaleni kwetilongo, na sekuzwakaleni kwemiyalo, aba i zwayo ba nqaba, ba ti, ku ngenezelwa izwi;
20Ngokuba bahluleka ngomyalo wokuti, Noma isilo si tinta intaba, si ya kukandwa ngamatye.
21Kwa ku sabeka kangaka okwabonakalayo, naye uMosi wa ti, Ngi novalo, ngi yesaba;
22Kodwa ni ze entabeni iZioni; na semzini ka Tixo o pilayo, iJerusalema elipezulu; na kwaba izigidi,
23Umhlangano wezingelosi; na sebandhleni lamazibulo, a baliwe ezulwini, na kuMahluleli, uTixo wabo bonke, na kuyo imimoya yabalungileyo abapeleleyo;
24Na kuJesu umLamuli wesivumelwano esitya; na segazini lokufafaza, eli kuluma okuhle ku nelika Abela.
25Bhekani, ni nga m nqabi oshumayelayo; ngokuba, uma be nga pepanga labo, aba m nqabayo yena o wa shumayela emhlabeni, kakulu tina uma si m fulatela o shumayela ezulwini;
26Izwi lake la zamazamisa umhlaba nga lesosikati, kepa manje u tembisile, wa ti, Ngi ya kupinda futi, a ngi yi kuzamazamisa umhlaba wodwa kepa nezulu.
27Lelizwi lokuti, Ngi ya kupinda futi, li ti, ku ya kususwa okuzanyazanyiswayo, kungati okwenziweyo, ku ze ku me okungazanyazanyiswayo.
28Ngako, loku si zuzile umbuso o nge nakuzanyazanyiswa, a si be nokubonga, (esi nga m konza uTixo ngako, si tokozise), kanye nokuhlonipa nokwesaba,
29Ngokuba uTixo wetu u ngumlilo otyisayo.