ISAHLUKO 3
1UJEHOVA wa buya wa ti kimi hamba futi u tande umfazi o tandwe umhlobo wake, e isipingi noko, ngokotando luka Jehova kubantwana ba seIsraeli, aba naka otixo abanye, ba tanda izigaxa zezinwazi.
2Lapo nga zitengela yena ngezinhlamvu ezi ishumi nesihlanu zesiliva, na ngehoma lebale na ngenxenye yehoma lebale.
3Nga se ngi ti kuye, Wo hlala kimi izinsuku eziningi, u nga pingi, u nga bi o wendoda enye nami ngo ba kuwe belu.
4Ngokuba amadodana a seIsraeli a ya kuhlala izinsuku eziningi, ku ngeko inkosi, ku ngeko isikulu, ku ngeko umnikelo wokuhlatywa, ku ngeko nesitombe, ku ngeko iefodi, neterafimi.
5Emva kwaloku amadodana a seIsraeli a ya kubuya, a fune uJehova uTixo wabo, noDavida inkosi yabo, a m esabe uJehova, nokulunga kwake ngezinsuku ezilandelayo.
Bible Society of South Africa 1893