1YIZWANI izwi lika Jehova bantwana ba seIsraeli; ngokuba ku kona kuJehova ukupikisana nabahleziyo bezwe, ngokuba a kuko iqiniso, a kuko nomusa, a kuko nokwazi ngoTixo ezweni.
2Ukutuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokupinga, ku ya vuka; zi ti izingazi zi ya namatana nezingazi.
3Ngako izwe li ya kulila, ba dangale nabo bonke aba hlezi kulo, kanye nezilo zomhlabati, nezinyoni zezulu; futi izinhlanzi zolwandhle zo kitywa.
4Kanti ma ka nga piki muntu, ma ka nga yali namuntu, ngokuba abantu bako ba njengabo aba pikisana nomteteleli.
5Wena u ya kuwa emini, nomazisi futi u ya kuwa kanye nawe ebusuku, ngo cita nonyoko.
6Abantu bami ba citiwe ngokuntula ukwazi: ngokuba wena u nqabile ukwazi, ngo nqabela wena ukuze u nga bi umteteleli kimi; njengokuba wena wa kohlwa umteto ka Tixo wako, nami ngo kohlwa abantwana bako.
7Njengokwanda kwabo njalo ba ngona; ngako ngi ya kupendula ubukosi babo bu be ihlazo.
8Ba ya si dhla isono sabantu bami, ba beka inhliziyo yabo kuko ukonakala kwabo.
9Ku ya kuti ku be, njengabantu ku njalo umteteleli; ko ti ngi pinde pezu kwabo izindhlela zabo, ngi buyise pezu kwabo ukwenza kwabo.
10Ba ya kudhla bona be ngasuti, ba pinge be ngandi; ngokuba ba yekile ukulalela kuJehova.
11Ukupinga, newaini, newaini elitya ku ya susa inhliziyo.
12Abantu bami ba ya buza emtini, ukuti intonga yabo i ya ba bonisa; ngokuba umoya wokupinga u bedukisile, bona ba pingile be suka pansi kuka Tixo wabo.
13Ba ya hlaba iminikelo eziqongweni zezintaba, ba tyise impepo emimangweni, pansi kwemialoni nemilibena nemiyelo, ngokuba itunzi lawo lihle: ngenxa yaloku amadodakazi enu a ya kupinga, nabalobokazi benu ba ya kuhexeza.
14A ngi yi ku pinda pezu kwamadodakazi enu nxa e pinga, nabalobokazi benu nxa be hexeza; ngokuba bona ba ya cezukela izipingi, ba hlaba iminikelo kanye nezifebe; bona abantu a ba nga qondiyo ba ya kuwa.
15Ngokuba wena Israeli u ya pinga, ma ka nga pambeki uJuda: ma ni nge zi kuGilgali, ni nga kupukeli kuBetaveni, ni nga fungi, Kupila kuka Jehova.
16Ngokuba uIsraeli u ya pamba njengetokazi elipambayo: kaloku uJehova wo ba lusa njengempongo endaweni ebanzi.
17uEfraimi u hlangene nezitombe; m shiye.
18Ukupuza kwabo ku dhlulile, ba pingile ngokupinga, ababusi bake ba ya tanda ihlazo.
19Umoya u m bopile emapikweni awo, bona ba ya kujaba ngamalati abo eminikelo yokutyiswa.