1U NGA jabuli Israeli, ngokwetaba njengabantu; ngokuba u dedile kuTixo wako ngokupinga, u tandile isipiwo ezibuyeni zonke zokolweni.
2Isibuya nompongolo wezinwazi a si yi ku ba funza, ko ti iwaini elitya li pute pakati kwake.
3A ba yi ku hlala ezweni lika Jehova; kepa uEfraimi wo buyela Egipite: bona ba ya kudhla okungcolileyo eAsiria.
4A ba yi ku telela uJehova iwaini, a ba yi ku ba abahle kuye; ukuhlatywa ko ba kubo njengesinkwa sabalilayo; bonke a ba dhla kuso ba ya kungcoliswa, ngokuba isinkwa sabo sompefumlo wabo a si yi ku za endhlini ika Jehova.
5Ni ya kwenzani ngomhla omisiweyo, na ngosuku lombuto ka Jehova na?
6Ngokuba bheka ba mukile ngenxa yokucitwa: iEgipite lo ba buta, iMemfisi lo ba mbela; izindawo ezitandiweyo zesiliva labo, izimbabazani za ya kuzibamba; nameva a ya kuba ematenteni abo.
7Izinsuku zokupindisa zi fikile izinsuku zokupindisela zi fikile; uIsraeli u ya ku kwazi; umazisi u isiula, umuntu ngokomoya u ngohlanyayo, ngenxa yobuningi bokonakalisa kwako, na ngokuningi kokucita kwako.
8Umlindi ka Efraimi u noTixo wami; umazisi u isibata somtiyi ezindhleleni zonke zake, isifu endhlini ka Tixo wake.
9Ba zona nokuzona ba citile njengasezinsukwini zika Gibea; u ya kukumbula ukonakalisa kwabo, wo pinda izono zabo.
10Nga m fumana uIsraeli njengezinwazi ehlane; nga bona oyihlo njengenhlamvu e andulelayo emkiwaneni, ngesikati sawo sokuqala. Ba ya eBaalpeori, ba zihlukanisela kulo ihlazo lelo, kwa ti ukunengeka kwabo kwa ku njengokutanda kwabo.
11AbakaEfraimi ukukazimula kwabo ko ndiza ku muke njengenyoni e muka ekuzalweni, na sesiswini, na sekumitweni.
12Ngokuba ba kulisa abantwana babo, ngi ya kwenza ba felwe, ku nga biko muntu: yebo, maye kubo na sekumukeni kwami kubo!
13uEfraimi njengaloku nga bona ngeTire, u tyaliwe ekupumuzweni; kepa uEfraimi wo pumisela umbulali wabantwana bake.
14Ba nike Jehova; Wo ba nikani na? ba nike isisu esipunzayo, namabele apusileyo.
15Konke okubi kwabo ku seGilgali: ngokuba kona lapo nga ba zonda; ngobubi bokwenza kwabo ngo ba xotya endhlini yami, a ngi yi ku pinda ngi ba tande; izikulu zonke zabo zi ngabahlubuki.
16uEfraimi u tyayiwe, impande yabo yomile, a ba yi ku veza isitelo; noma pela ba zala, ngo bulala izintokoziso zesisu sabo.
17uTixo wami wo ba dela, ngokuba a ba lalelanga kuye; bona ba ya kuba abandindayo ezizweni.