1IZWI ela bonwa uIsaya indodana ka Amozi ngoJuda neJerusalema.
2Ko ti ngezinsuku zokugcina, intaba yendhlu ka Jehova i ya kumiswa ezicongweni zezintaba i pakame ngapezu kwezintatyana; nezizwe zonke zi butane kona.
3Nabantu abaningi ba ya kuya, ba ti, Wozani ma si kupukele entabeni ka Jehova, endhlini ka Tixo ka Jakobe; a si fundise ngezindhlela zake; si ya kuhamba emendweni yake; ngokuba umteto u ya kupuma eZioni, nezwi lika Jehova eJerusalema.
4Naye u ya kunqamula imiteto ezizweni, a kuze abantu abaningi; ba ya kukanda izinkemba zabo, zi be imilomo yamageja, nemikonto yabo i be oncelemba; isizwe a si yi ku i vusa inkemba kwesinye, ba nga be be sa kufunda ukulwa futi.
5Au, Ndhlu ka Jakobe, wozani, ma si hambe ekukanyeni kuka Jehova.
6Ngako u ba delile abantu bako, indhlu ka Jakobe, ngokuba bandile ngasempumalanga, ba izanusi njengamaFilisti, nabo ba zijabulisa ngabantwana bezihambi.
7Izwe labo li gcwele nesiliva negolide, a kuko nokugcina kuwo amagugu abo; izwe labo li gcwele namahashi, a kuko nokugcina kobuningi bezincwele zabo;
8Izwe labo futi li gcwele nezitombe; ba dumisa umsebenzi wezandhla zabo, wona o wenziwe iminwe yabo.
9Nomuntu omubi u ya kotama, nomuntu omkulu u ya zitobisa; ngako u nga ba yekeli.
10Ngena etyeni, u zitukuse otulini, ngenxa yokwesaba uJehova, na ngobungcwele bobukosi bake.
11Ukuziqenya komuntu ku ya kutobiswa, nokuzimisa kwabantu ku ya kukotamiswa, uJehova yedwa u ya kuba ngopakemeyo ngalolusuku.
12Ngokuba usuku luka Jehova wamabandhla lu ya kuba ngapezu kwabo bonke aba ziqenyayo nabazipakamisayo, na kubo bonke abapakemeyo; naye u ya kutobiswa.
13Na kuwo onke amasedare eLebanoni amade, napakemeyo, na kuwo onke amaterebinte a seBashane.
14Na kuzo zonke izintaba ezinde, na kuzo zonke izintatyana ezipakemeyo.
15Na kuzo zonke izinqaba ezipakemeyo, na kuzo zonke izindonga ezibiyiweyo.
16Na kuyo yonke imikumbi ya seTarshishi, na kuyo yonke imifanekiso emihle.
17Nobukulu babantu bu ya kutambiswa, nokuziqenya kwabantu ku ya kutobiswa; uJehova yedwa u ya kuba ngopakemeyo ngalolosuku.
18Nezitombe u ya kuziqeda nya.
19Ba ya kungena emigodini yamatye, na kuyo imihume yomhlaba ngenxa yokumesaba uJehova, na ngobungcwele bobukosi bake, lapo e vukayo ukuzamazamisa ngokwesabekayo umhlaba.
20Ngalolusuku umuntu u ya kuponsa izitombe zake zesiliva, nezegolide, a zenzileyo ukuzidumisa yena kuwo amavukuzi na kuwo amalulwane;
21Ukungena emigodini yamatye, na nga pezu kwamatye a iziwa, ngokumesaba uJehova, na ngobungcwele bobukosi bake, lapo e vukayo ukuzamazamisa umhlaba ngokwesabekayo.
22Pezani kubantu, aba mpefumlo wabo u semakaleni abo, ngokuba ku ya kutiwa u yini yena na?