1UMTWALO wehlane lolwandhle. Njengokudhlula kwezivunguvungu za se ningizimu; njalo ku puma ehlane, ezweni elesabekayo.
2Isibonakaliso esilukuni si bonakalisiwe kimina; umkohlisi u sebenza ngokukohlisa, nompangi u ya panga. Kupuka wena Elami; u haqe wena Media; konke ukukala ngi ku pezisile.
3Ngako ukalo lwami, lu gcwele ubuhlungu; ubuhlungu bu ngi pete, kwangati umfazi e beleta; nga gotyiswa ekuzweni loko; nga jaba ekuboneni loko.
4Inhliziyo yami ya pikazela, nga tyaywa uvalo, ubusuku benjabulo yami u bu pendukezele ngokwesabeka.
5Lungisani itafula, ni linde emaxibeni, ku dhliwe ku puzwe; vukani, nina makosi, ni gcobe isihlangu.
6Ngokuba uJehova u ngi tyelile wa ti, hamba u mise umlindi, a ze a ku tyo a ku bonayo.
7Wa bona incwele nabamahashi ababili, nencwele yezimbongolo, nencwele yamakamelo; wa lalela ngokulalela okukulu;
8Wa memeza ngokukonya kwebubesi, wa ti nkosi yami ngi ma njalo embonisweni emini, nasebusuku bonke ngi ya linda njalo;
9Bhekake, nansi incwele yamadoda amahashi ababili, wa pendula wa ti iBabulona li wile, li wile, nezitombe zonke zezitixo zalo, u za pulele pansi.
10Au ukubula kwami namabele esibuya sami: loko e ngi ku zwileyo ngoJehova wamabandhla, uTixo weIsraeli, ngi ni tyelile kona.
11Umtwalo weDuma. U ya ngi memeza e seSira, e ti, mlindi u tini ngobusuku na, mlindi, u tini ngobusuku na?
12Umlindi wa ti, ku yeza ukusa, nobusuku futi, uma ni ya buza, buzani; buyani, ni ze.
13Umtwalo pezu kweArabia. Ni ya kulala ehlatini la seArabia, nina zihambi za seDedanimi.
14Abezwe la seTema ba m letela owomileyo amanzi, ba nqanda yena obalekayo ngezinkwa zabo.
15Ngokuba ba be balekela izinkemba, inkemba e hotyiweyo, nomcibityelo ogotyiweyo, nobunzima bokulwa.
16Ngokuba, uJehova u tyilo loku kimina, Ngapakati komnyaka, njengeminyaka yokokelwayo lu ya kupila lonke udumo lwa seKeda.
17Nensali yabemicibityelo, iziqwaga zabantwana beKeda, zi ya ku ncityiswa; ngokuba uJehova uTixo weIsraeli u ku tyilo.