1WO kubantwana abahlubukileyo, u tyo uJehova, aba mkela indaba i nga pumi kimi; na bambete isambato, ku nge iso somoya wami, ukuze bandise isono pezu kwesono:
2Na behlela Egipite, be nga celanga ko wami umlomo; ba ziqinisa emandhleni kaFaro, be temba isitunzi sa sEgipite:
3Ngako amandhla ka Faro a ya kuba ihlazo lenu nesetembiso kuso isitunzi sa sEgipite si be incitakalo yenu.
4Ngokuba izikulu zake za zi seZoani, nezigijimi zake za fika eHanesi.
5Ba be jabile bonke ngabantu aba nge nakubasiza ngaluto, nokwelekelana nokuba inzuzo, kodwa be ihlazo, be hlebekile.
6Izwi lezilwane za seningizimu; ezweni lenhlupeko nokukala, lapo ku puma kona ibubesi elitya nelidala, nebululu nenyoka yomlilo endizayo, ba twale imfuyo yabo pezu kwezimbongolo ezintya, namagugu abo pezu kwamalunda amakemelo, ba yise kubantu aba nga i ku ba siza.
7Ngokuba aba sEgipite a ba i kusiza ngaluto: ngako nga kala ngenxa yaloku, Amandhla abo a ukuhlala pansi.
8Hambake u lobe loku ngapambi kwabo esitebeni, u ku fake na sencwadini, ku be okwesikati esizayo ku ze ku be ngunakade.
9Loba ukuti, labantwana ba hlubukile, ba namanga, abantwana aba nga u zwayo umteto ka Jehova.
10Aba ti ezanusini, ni nga be ni sa bona; na kubaprofeti, ni nga si bonisi okulungileyo; kulumani kitina okulula, yityoni amanga.
11Pumani endhleleni ni cezuke kuyo, nenze o ingcwele ka Israeli ukuba a pele ngapambi kwetu.
12Ngako u ti o ingcwele ka Israeli, Ngokuba a ni li laleli lelizwi, netemba enhlupekweni na sesipambukweni, ni namatele ku kona;
13Ngako lobububi bu ya kuba pezu kwenu njengogange se lu za kuwa, lu kukumele njengodonga olude, nokwapuka kwalo ku pela ngesikatyana.
14A lwapule njengesitya sombumbi esapukileyo; a ngesabi, ku ngabe ku sa tolakala nocezwana no lokutata umlilo eziko, no lokutata amanzi na semgodini
15Ngokuba u tyo uJehova uTixo, o ingcwele ka Israeli, ni ya kusindiswa ngokupenduka nokupumula; ngokutula na ngokwetemba ku ya kuba amandhla enu: Noko a ni vumanga.
16Kodwa na ti, qa: ngokuba si ya kubaleka ngamahashi; nga loku no baleka; futi si ya kuhamba ngejubane; ngako bona aba ni landelayo ba ya kuba nejubane.
17Inkulungwane i ya kubalekela ukukuluma komunye nje: na sekukuzeni kwaba isihlanu ni ya kubaleka, ni ze ni be njengesibonakaliso ngapezu kwentaba na njengendwangu pezu kwentatyana.
18Ngako uJehova u ya kuhlala, ukuze a be nomusa kinina: ngokuba uJehova u nguTixo wokwahlulela: ba busisiwe bonke abamlindayo.
19Ngokuba abantu ba ya kuhlala eZioni eJerusalema: ka u sa yi kukala wena; u ya kuba nomusa omkulu kuwena nxa u kalayo; lapo e ku zwayo u ya kukupendula.
20Noko uJehova e nika isinkwa sosizi! namanzi enhlupeko, noko abafundisi benu a ba sa i kutukuswa, kodwa amehlo enu a ya kuba bona abafundisi benu:
21Nezindhlebe zenu zi ya kulizwa izwi ngasemva kwenu, li ti, nansi indhlela, hambani kuyona, lapo ni pendukela ngalapa na ngalapa.
22Nonakalise futi ingubo yezitombe zenu ezibaziweyo zesiliva; nezivunulo zenu zezitombe zenu zegolide, ni zilahle njengengubo ebincwayo; ni ya kuti kuyona suka lapa.
23A ni nikeke imvula yembeu yenu ni hlwanyele emhlabatini, nesinkwa senzuzo yomhlaba, nawo u vunde u tele kakulu: na ngalolosuku izinkomo zenu zi ya kudhla emadhlelweni amakulu.
24Nezinkabi nezimbongolo ezintya ezi lima umhlaba zi dhle ukudhla okumnandi, okweliweyo ngefosholo nangeqoma.
25Ku be kona ngapezu kwentaba enkulu, na ngapezu kwentatyana enkulu imifula yamanzi ngosuku lokuhlaba okukulu, lapo ku dilika izindonga.
26Nokukanya kwenyanga ku be njengelanga, nokukanya kwelanga kwandiswe ka kombisa, njengokukanya kwezinsuku ezi isikombisa, ngosuku lokubopa kuka Jehova umkati wabantu bake, e polisa nemidwa yezingozi zabo.
27Bheka, igama lika Jehova li puma kude, li tyisa ngolaka lwake nokutyisa ku sinde, izindebe zake zi gcwele ngokutukutela, nolimi lwake lu njengomlilo oqedayo.
28Nomoya wake, njengomfulana oweqayo, u ya kufika entanyeni, u nyakazise izizwe ngento yokuziqenya: ku be kona itomu ezihlatini zabantu, li bedukise bona.
29Ni ya kuba nesihlabelelo, njengasebusuku lapo ku kulekwa ngako o ingcwele; nenjabulo yenhliziyo, njengokuhambela komuntu entabeni ka Jehova e pete itilongo konamandhla ka Israeli.
30uJehova enza ukuba izwi lake eli ingcwele li zwakale, a veze unyazi engalwini yake, ngokutukutela kolaka lwake.
31Ngokuba ngezwi lika Jehova o wa seAsiria a tyawe pansi yena o wa e tyaya ngenduku.
32Na sezindaweni zonke lapo ku dhlula kona induku ka Jehova eqinileyo, a ya kumtyaya ngayo, kwenalwe ngokutyaywa kwezingumbu namatilongo, alwe ngayo ngokuzamazamisa isandhla.
33Ngokuba iTofeti li miswe kade yebo li miselwe inkosi, u lenze la lide likulu futi, inqwaba yalo i ngumlilo nezinkuni eziningi nomoya ka Jehova njengomfulana wesolufa u ya li vutisa.