ISAHLUKO 4
1KO ti ngalolosuku abesifazana abaisikombisa ba ya kubamba indoda i benye, ba ti, Si ya kudhla okwetu, si gqoke okwetu; kodwa ma si bizwe ngalako igama kupela, ku suke ihlazo kiti.
2Ngalolusuku igatya lika Jehova li ya kuba lihle li be ingcwele, nezitelo zomhlaba zi ya kuba lungela kakulu abapunyukileyo baka Israeli.
3Ko ti yena oshiyiweyo eZioni naye osalayo eJerusalema, u ya kubizwa ngokuti, u ingcwele, na kubo bonke abalotyiweyo kwabapilayo eJerusalema.
4Lapo uJehova e se i hlanzile inxenye yensila yamadodana a seZioni, na lapo e se li gezile igazi la seJerusalema ngapakati kwalo ngenhliziyo yokunqamula na ngonhliziyo yokutyisa.
5uJehova u ya kwenza kuzo zonke izindhlu ezi sentabeni eZioni, na kuyo imihlangano yabo, ifu nomusi emini, nokukanya komlilo ovutayo ebusuku; ngokuba napezu kwesibusiso sonke ku ya kuba kona isivikelo.
6Ku ya kuba kona indhlu i be umtunzi ekutyiseni kwemini nedawo yokubalekela kona, nesivikelo sesivunguvungu nemvula.
Bible Society of South Africa 1893