1U TYO loku uJehova kogcotyiweyo wake, kuKurosi, isandhla sake sokunene ngi si qinisile, sokunqoba izizwe pambi kwake; ngi ya kuxekisa izinkalo zamakosi, ukumvulela iminyango e nezicaba ezibili; neminyango i nga bi sa i valwa;
2Ngi ya kuhamba ngapambili kwako, ngenze okunsongesonge ku qonde ntse: ngi ya kwapula izivalo zetusi, ngi nqume imivalo yensimbi:
3Ngi ya kunika amagugu a sebumnyameni, nemfuyo e fihliwe ezindaweni ezisitekileyo, ukuze wazi ukuba mina, Jehova, e ngi ku biza ngegama lako, ngi nguTixo ka Israeli.
4Ngaye uJakobe inceku yami, ngoIsraeli oketiweyo wami, ngi ku bizile ngegama lako: ngi ku bize ngegama elihle, nokuba u nga ka ngazi.
5Ngi nguJehova, a kuko omunye, a muko uTixo ngapandhle kwami: nga ku bincisa mina, nokuba u nga ka ngazi:
6Ukuba bazi aba sempumalanga, nabasentyonalanga, ukuba a kuko ngapandhle kwami. Ngi nguJehova a muko omunye.
7Ngi yenza ukukanya, ngenze nobumnyama: ngenze ukutula, ngenze nokubi: Mina Jehova ngi kwenze konke loko.
8Yehlisani nina mazulu, namafu ma ku ne ukulunga: umhlaba ma u vuleke ku ze ku vele ukusindisa nokulunga ku mile ndawonye; mina Jehova ngi kwenzile loku.
9Wo kuyena o melana noMenzi wake! Udengezi ma lu melane nezindengezi za lomhlaba. Ibumba li ya kutyo ini kolibumbayo ukuti, Wenzani na? nomsebenzi wako u tyo, U nezandhla na?
10Wo kuye o tyo kuyise ukuti, U zalani na? noma kumfazi ukuti, U beleteni na?
11U tyo loku uJehova, o ingcwele ka Israeli, uMenzi wake, ukuti, Ngi buze ngezinto ezizayo ngamadodana ami, ni ngi yaleze ngomsebenzi wezandhla zami.
12Ngi wenzile umhlaba, nomuntu pezu kwawo: izulu lelulwe imina, ngezandhla zami, namabandhla onke alo ngi wa yalezile.
13Ngi m kulisile ngokulunga, ngi ya kuhlela zonke izindhlela zake: yena u ya waka umuzi wami, a kulule izibotywa zami, ku nga bi ngenxa yenkokelo nenzuzo, u tyo uJehova wamabandhla.
14U tyo loku uJehova, umsebenzi wa sEgipite, nentengo ya sEtiopia ne yamaSabea, abantu aba zimukileyo, ba ya kuza kuwe, ba be ngabako: ba ku landele; ba fike be botywe ngamaketanga ba ku kotamela, ba kuleke kuwe, be ti, Ku qinisile uTixo u nawe; a muko omunye, uTixo a muko.
15Impela wena u nguTixo o zitukusayo, O Tixo ka Israeli o ngumsindisi.
16Ba ya kujaba, ba dinge bonke: nabenze izitombe ba nyakazele kanye kanye.
17Kepa uIsraeli u ya kusindiswa kuJehova ngokusindisa okupakade: a ni yi kujaba a ni yi kuhlazeka ku ze ku be pakade.
18Ngokuba u tyo loku uJehova o wenza amazulu; uTixo yena owa lungisa umhlaba wa wenza; wa u misa yena, a ka wenzelanga ize, wa u lungisela ukuba ku hlalwe kona: mina ngi nguJehova: akako omunye.
19A ngi kulumile mina ngasese, endaweni emnyama yomhlaba: A ngi tyongo kuyo inzalo ka Jakobe ukuti, Ngi fumene ngeze: Mina uJehova ngi kuluma ukulunga, ngi yaleza izinto ezifaneleyo.
20Butanani ni ze, ni hlangane ndawonye, nina e ni punyuke ezizweni: a ba nakwazi bona aba misa umuti wezitombe zabo ezibaziweyo, be tandaza kuso isitixo e si nge nakusindisa.
21Ba tyeleni, ni ba sondezi: yebo, ma ba kulume bodwa: ubani o ku tyilo loku kwa pakade na? ubani o ku kulumileyo ku suke ku lesosikati na? a ngi uye mina uJehova na? e ngeko omunye uTixo ngapandhle kwami na; uTixo olungileyo nomsindisi; a kako omunye ngapandhle kwami.
22Bhekani kimina, ni sindiswe nina, zinhlangoti zonke zomhlaba; ngokuba mina ngi nguTixo, a kako omunye.
23Ngi zifungile mina, izwi li pumile emlonyeni wami ngokulunga, a li i ku buya, Ukuba bonke ma ba kotamele mina, nezilimi zonke zi funge.
24Impela, omunye u ya kuti, amandhla nokulunga ngi wa tola kuJehova: nabo bonke ba fikele yena; nabo aba m cunukelayo ba jabe.
25Inzalo yonke ya kwaIsraeli i ya kulungiswa kuJehova, i be nodumo.