1U TYO loke uJehova, Ipi incwadi yesahlukaniso sika nyoko, e ngi m lahlileyo na? Umupi e ngi necala kuyena e ngi m tengisele wena na? Bheka, ni zi tengisele nina ngenxa yezono zenu, na ngenxa yobubi benu unyoko u susiwe.
2Ngako, ekufikeni kwami, kwa ku ngeko ndoda na? ekubizeni kwami, wa e ngeko opendulayo na? Isandhla sami se si futyane, si nge kulule na? a ngi se namandhla ukusindisa na? bheka, ngezwi lami ulwandhle lu ya tya, ngenze imifula i be ugwadule: izinhlanzi zayo zi ya nuka, ngokuba a kuko manzi, zi ya fa ukoma.
3Ngi gqokisa amazulu ngobumnyama, ngenze isibekelo sawo ngendwangu yamasaka.
4uJehova uTixo u ngi nikile ulimi lwabafundileyo, ukuba ngi ze ngi kulume izwi ngesikati esifaneleyo kuye okateleyo: u vuka kusasa njalo, u vusa indhlebe yami ukuba ngi zwe njengofundileyo.
5uJehova uTixo u i vulile indhlebe yami, nami a ngi hlubukanga, ngi buyela emva.
6Abatyayi nga ba vezela umhlana wami, nezihlati zami kubo aba ngi hlwita izinwele: a ngi bu tukusanga ubuso bami kulo ihlazo namate.
7Ngokuba uJehova uTixo u ya kungi siza; ngako a ngi i kujaba: ngako ubuso bami ngi bu mise njengetye, ngi yazi ukuba a ngi i ku jaba.
8U seduze yena o ngi melayo; ubani o ngalwa nami na? ma si me ndawonye: ubani o ngi mangalelayo? ma ka sondele kimina.
9Bheka, uJehova uTixo wo ngi siza; ubani o nga ngi lahlayo na? yebo, ba ya kuguga bonke njengengubo; ba dhliwe izinyundu.
10Ubani kinina omesabayo uJehova, o lalela izwi lenceku yake, o hamba ebumnyameni, e nge nakukanya na? ma ka tembe egameni lika Jehova; a zisekele kuTixo wake.
11Bhekani, nina nonke aba pemba umlilo, na ba zihaqa ngezinhlansi: hambani ekukanyeni komlilo wenu, nokwezinhlansi eni zi pembileyo. Loku ni ya kukwamukela kwe sami isandhla; ni ya kulala pansi ngenhlupeko.