1HLABELELA, wena nyumbakazi, o wa u nga zali, zi bidhlize izihlabelelo, u kale ngamandhla, wena o nga mitanga: ngokuba baningi abantwana bomhlupeki, ku na besifazana esiganileyo, u tyo uJehova.
2Kulisa indawo yendhlu yako, ma ba zelule izindwangu zezindhlu zenu: ni ngesabi, yandisani izintambo zenu, ni qinise izinkonkwane zenu;
3Ngokuba u ya kudabula ngalapa na ngalapa; nenzalo yako i ya kudhla ifa labezizwe, yenze ukuba imizi e citekileyo yakiwe.
4U ngesabi; ngokuba ku yi ku jaba: u nga deli, ngokuba ku yi ku jabiswa: ngokuba u ya kukohla ihlazo lobutya bako, u nga be u sa i kumbula nakanye inhlupeko yobudikazi bako.
5Ngokuba umenzi wako u indoda yako; igama layo li nguJehova wamabandhla: nomkululi wako ingcwele ka Israeli; u bizwa ngokutiwa uTixo womhlaba wonke.
6Ngokuba uJehova u ku bize njengowesifazana e deliwe e hlupeka enhliziyweni, nomfazi wobutya, u su waliwe wena, u tyo uTixo wako.
7Si ncane isikati sokukukohla kwami; kodwa ngo ku buta ngomusa omkulu.
8Ngolaka oluncane nga bu tukusa ubuso bami kuwena isikatyana; kodwa ngo ku haukela ngomusa ongapeliyo, u tyo uJehova umkululi wako.
9Ngokuba loku ku njengamanzi ka Noa kimina: na njengokufunga kwami ukuba amanzi ka Noa ka sa yi ku sibekela umhlaba futi; njalo ngi fungile ukuba a ngi sa yi ku ku tukutelela, noku ku kuza.
10Ngokuba izintaba zo hamba, nezintatyana zi suswe; kodwa umusa wami u nga suki kuwena, nesivumelwano sami sokutula si nga suswa, u tyo uJehova o nomusa kuwena.
11O wena o hlupekileyo, u xukuzwa isivunguvungu, u nga duduzeki, bheka, ngo ku sekela ngamatye amahle, ngi mise izisekelo zako ngamasafeiro.
12Ngenze izibuko zako ngamashevu, namasango ako ngamatye akanyayo, nemincele yonke yako ngamatye amahle.
13Nabantwana bonke bako ba fundiswe ngoJehova; ku be kukulu ukutula kwabantwana bako.
14U miswe ngokulunga wena: u be kude nenhlupeko; ngokuba a u i kwesaba: u tutumele; ngokuba a ku i ku sondela kuwena.
15Bheka, ba ya kubutana nempela, kodwa ku nge ngami: yena njalo o butanela wena u ya kuwa ngenxa yako.
16Bheka, ngi menzile mina umkandi o vutelayo amalahle emilweni, no kandayo into yomsebenzi wake; nami ngi menzile umciti ukuba a cite.
17A ziko izikali ezenzelwa wena ezi ya kubusiswa; nazo zonke izilimi ezi vukela wena ekwahluleni u ya kuzicita. Loku ku ifa lezinceku zika Jehova, nokulunga kwabo ku kimina, u tyo uJehova.