1KALA kakulu, u nga nqamuli, vusa izwi lako njengetilongo, u bonise abantu bami ukona kwabo. Nendhlu ka Jakobe izono zabo.
2Noko ba ngi funa onke amalanga, be jabula ukuzazi izindhlela zami njengesizwe e senza ukulunga, si nga delanga umteto ka Tixo wabo: ba zi buza kimi na izimiso zokulunga; ba ya jabula ngokusondela kuTixo.
3Ba ti, si ku zilelani ukudhla na, u nga boni wena na? inhliziyo yetu si i hlupeleni, u nga qapeli wena na? Bheka, osukwini lwako lokuzila ni tola injabulo, ni qeda yonke imisebenzi yenu.
4Bheka, ni zilela inkani nokupikisana, nokutyaya ngesandhla esibi: a ni yi kuzila njenga namuhla, ukuzwakalisa izwi lenu pezulu.
5I kona lokukuzila e ngi ku ketileyo na? usuku lokuba umuntu a hlupe umpefumlo wake na? ku iko ukuba umuntu a kotamise ikanda lake njengomhlanga, nokwendhlalisa ngapansi kwake indwangu yamasaka nomlota na? loku u nga ku biza ngokuti ukuzila, nosuku olutandekayo kuJehova na?
6A siko loku ukuzila e ngi ku ketileyo na? ukuxegisa izibopo zobubi, ukuyetula imitwalo esindayo, nokumdedela ohlutyiweyo, nokuba napule onke amajokwe?
7A siko ukuba nabele abalambileyo isinkwa senu, nokuba ni buyise abampofu aba kityiweyo ezindhlini zenu na? na lapo u m bonayo ohambaze u m gqokise; nokuba u nga zi tukusi kwa benyama yako na?
8I konake ukukanya kwako ko puma njengokusa, nokupila kwako kwande masinyane: nokulunga kwako ku hambe pambi kwako; nodumo luka Jehova lu be ngemva kwako.
9U bizeke wena, a pendule uJehova; u kale, naye a ti, Ngi lapa. Uma u ya li susa pakati kwako ijokwe, ukuveza komunwe, nokukuluma oku ize;
10Noma u kipela abalambileyo umpefumlo wako, u delisa umpefumlo ohlutyiweyo; njaloke ukukanya kwako ko puma ekufipaleni, nobumnyama bako bu be njengemini:
11NoJehova a ku hole njalo, a gcwalise umpefumlo wako ngendhlala, a kulupalise amatambo ako: u be njengensimu ematileyo, na njengomtombo wamanzi, omanzi awo e nga peli.
12Naba vela kuwe ba ya kuwaka amanxiwa: u ya kuvusa izisekelo zezizukulwane eziningi; u bizwe ngokutiwa, Uvimbisikeu, Nomlungisi wezindhlela ku hlalwe kona.
13Uma u lu susa unyawo lwako kulo isabata, ekwenzeni okutandayo ngosuku lwami olu ingcwele: u jabuliswe isabata ubungcwele buka Jehova, obudumisekayo; u m konze, u nga hambi ngezindhlela zako, u funa okutandayo wena, u kuluma namazwi ako wedwa:
14U zijabuliseke ngoJehova; ngenze ukuba u kwele ezindaweni ezipakemeyo zomhlaba, ngi ku pe u dhle ifa lika Jakobe uyihlo: ngokuba umlomo ka Jehova u ku tyilo.