1SENGATI u nga dabula amazulu, wehle, nezintaba zi bidhlike ngenxa yobukona bako,
2Njengokutya komlilo oncibilikisayo, umlilo obilisa amanzi, ukuliveza obala igama lako eziteni zako, nezizwe zi tutumele ngobukona bako?
3Lapo wa wenza okusabekayo e be si nga ku bhekile, wehla wena, nezintaba za bidhlika ngobukona bako.
4Ngokuba iloku kwa vela izwe abantu ka bezwanga, na ngendhlebe, neso ka li bonanga, Tixo, uwe wedwa, o bone loko a m lungisele kona o m hlalelayo.
5U ya hlangana naye o jabulayo no wenzayo ukulunga, bona aba ku kumbulayo ezindhleleni zako: bheka, u tukutele; ngokuba sonile: kubona ku hlala njalo, tina si sindiswe.
6Kodwa tina sonke si njengento engcolileyo, nokulunga konke kwetu ku njengeziziba ezingcolileyo; nati sonke si bunisa kwekasi; nezono zetu, njengomoya, zi si mukisile.
7A kuko muntu o biza igama lako, o zivusela ukubambelela kuwe ngokuba u si tukusele ubuso bako, wa si qeda, ngenxa yezono zetu.
8Kodwa, manje, O Jehova, u ngubaba wetu; tina si ibumba, wena u ngumbumbi wetu; nati sonke si ngumsebenzi wesandhla sako.
9U nga tukuteli kakulu, O Jehova, u kumbule ububi njalo njalo: Yebo, bheka, si ya kuncenga, si nga bako sonke.
10Imizi yako e ingcwele i ihlane, iZioni li ihlane, neJerusalema incitakalo.
11Indhlu yetu enhle ne ingcwele, lapo obaba ba be ku dumisa kona, i qediwe ngomlilo: nezinto zetu zonke ezinhle zi citekile.
12U ya kuzibamba ngenxa ya lezizinto kambe, O Jehova na? u ya kusitulela, u si hlupe kakulu na?