1KU velapi ukulwa nokupikisana oku pakati kwenu na? a ku veli ezinkanukweni zenu ezilwayo ezitweni zenu na?
2Ni ya fisa, a ni nanto; ni ya bulala, ni nomona, kepa a ni zuzi luto; ni ya pikisana, ni lwe, kodwa a ni nanto, ngokuba ni nga celi.
3Ni ya cela, a namkeliswa, ngokuba ni cela kabi, ukuze ni ku cite ezinkanukweni zenu.
4Nina zipingi nezipingikazi, a nazi ini ukuti, ukutanda umhlaba ku ukumzonda uTixo? Ngako yena o tanda ukuba a be umhlobo womhlaba, u isita kuTixo.
5Ni ya cabanga ini ni ti, umbalo u tyo ngeze wokuti, Umoya o pakati kwetu u ya vama umona?
6Kodwa u yenezela umusa ngako ku tyiwo ukuti, uTixo u ya vukela abazidhlayo, kepa u nomusa kwabatobekileyo.
7Ngako m laleleni uTixo. Ni m dele uSatani; u ya kusuka kini.
8Sondelani kuTixo; u ya kusondela kinina. Gezani izandhla zenu, nina zoni; hlanzani izinhliziyo zenu, nina eni nokuzindhla okubili.
9Dabukani, ni kale, ni lile; ukuhleka kwenu a ku pendulwe ku be ukukala, nokutokoza kwenu a ku be ukujaba.
10Zitobeni ebusweni beNkosi, i ya kunipakamisa.
11Ni nga hlebani, bazalwane, O m hlebayo umzalwane wake, a m ahlulele umzalwane wake, u ya hleba umteto, ahlulele umteto, Kepa uma wahlulela umteto, a u siye o gcinayo umteto, u ngumahluli.
12Munye o misa umteto nomahluli, uyena o namandhla okusindisa nokububisa; u ngubani wena o m ahlulela omunye na?
13Minani, nina eni ti Namhla na ngomso si ya kuya emzini otile si hlale kona umnyaka, si tenge, si tengise, si fuye;
14Ni tyo nina eni nga kwaziyo okwa ngomso; ngokuba ku ini ukupila kwenu na? ku inkungu, ebonakalayo isikatyana, i buye i nyamalale;
15Nga ni tyo, ni ti, Uma i tanda iNkosi, si ya kupila, senze ukuti nokuti.
16Kepa kaloku ni zincoma ngokuzidhla kwenu; kubi ukuzincoma konke okunje.
17Owaziyo ukwenza okulungileyo, e nga kwenzi, u nesono yena.