1ABA kwaEfraimi ba butana ba ya ngasenyakato, ba ti kuJefeta. Wa dhlulelani ukuya kulwa nabaka Amoni, u nga si bizanga ukuba si ye nawe? si ya kuityisa indhlu yako ngomlilo.
2uJefeta wa ti kubo, Mina nabantu bami sa si lwa kakulu nabaka Amoni, nga ni biza, kepa a ni ngi sindisanga esandhleni sabo.
3Nxa se ngi bonile ukuti a ni ngi sindisanga, nga bheka umpefumlo wami esandhleni sami, nga dhlulela kwabaka Amoni, uJehova wa ba nikela esandhleni sami; po, ni kupukeleni namhla, ni ze kimi ukulwa nami?
4uJefeta wa buta abantu bonke ba seGiladi, wa lwa namaEfraimi; abantu ba seGiladi ba wahlula amaEfraimi, ngokuba ba be ti, Ni ngabasindileyo bamaEfraimi nina maGiladi, kwaEfraimi na kwaManasa.
5A ti amaGiladi a vimba amazibuko a seJordani pambi kwamaEfraimi; kwa ti, nxa abasindileyo bamaEfraimi be ti, Ma ngi wele; abantu ba seGiladi ba ti, kuye, U ngumEfraimi na? Uma e ti, Qa.
6Kona ba ti kuye, Yityoke, iShiboleti; wa ti, iSiboleti, ngokuba wahluleka ukulipimisa kahle. Kona ba m bamba, ba m bulala ngasemazibukweni a seJordani. Kwa wa ngalesosikati amaEfraimi a izinkulungwane ezimashumi amane nambili.
7uJefeta wahlula abakaIsraeli iminyaka e isitupa. Wa fa uJefeta umGiladi, wembelwa emzini wa seGiladi;
8Emva kwake uIbzani wa seBetlehema wahlula abakaIsraeli.
9Wa e namadodana amashumi amatatu, nezintombi ezimashumi amatatu wa zendisa; wa tabatela amadodana ake izintombi ezimashumi amatatu. Wahlula abakaIsraeli iminyaka e isikombisa.
10uIbzani wa fa, wembelwa eBetlehema.
11Emva kwake uElone, umZebuloni, wahlula abakaIsraeli, wahlula abakaIsraeli iminyaka e ishumi.
12uElone umZebuloni wa fa, wembelwa eAjaloni ezweni la kwaZebuloni.
13Emva kwake uAbdoni indodana ka Hileli, umPiratoni, wahlula abakaIsraeli.
14Wa e namadodana amashumi amane, namadodana amadodana ake amashumi amatatu, a kwela ezimbongolweni ezimashumi a isikombisa; wahlula abakaIsraeli iminyaka eshiyagalombili.
15Wa fa uAbdoni indodana ka Hileli umPiratoni, wembelwa ePiratoni ezweni la kwaEfraimi, entabeni yamaAmaleki.