1KWENYUKA ingelosi ka Jehova eGilgali, ya ya eBokimi, ya ti, Nga ni kupula Egipite, ngi ni zisile ezweni, enga funga ngalo koyihlo benu, nga ti, A ngi sa yi kwapula isivumelwano sami nani.
2Kepa ni ngenzi isivumelwano nabantu ba lelizwe; a no bidhliza amalati abo; kodwa a ni lalelanga izwi lami. Ku ini loku eni kwenzileyo na?
3Nga buya nga ti, A ngi yi kubaxotya pambi kwenu; kepa ba ya kuba njengameva ezinhlangotini zenu; otixo babo ba ya kuba umgibe kini.
4Kwa ti, ingelosi ka Jehova se i tyilo lawamazwi kubo bonke abaka Israeli, abantu ba dazuluka ba kala.
5Ba qamba igama la leyondawo iBokimi; ba m hlabela uJehova kona.
6uJoshua wa ba mukisa abantu, abaka Israeli bemuka kwa ba ilowo wa ya efeni lake ukuba a fuye izwe.
7Abantu ba konza uJehova izinsuku zonke zika Joshua, nezinsuku zonke zamalunga, uJoshua a wa shiyayo e kona, a e bonile imisebenzi yonke emikulu ka Jehova, a yenzela uIsraeli.
8uJoshua indodana ka Nuni, inceku ka Jehova, wa fa e neminyaka e ikulu neshumi.
9Ba mbela ezweni lefa lake eTimnatsera, ezintabeni za kwa Efraimi, ngasenyakato kwentaba yeGashi.
10Naso sonke lesosizukulwana sa butelwa koyise baso; kwa vela esinye isizukulwana emva kwabo, esi nga m aziyo uJehova, nemisebenzi a be yenzele abakaIsraeli.
11AbakaIsraeli benza okubi pambi kuka Jehova, ba konza oBali;
12Ba m shiya uJehova uTixo wa oyise, owa ba kipa ezweni la sEgipite, ba landela abanye otixo, otixo bezizwe eza zi ngakona kubo, ba kotama pambi kwabo, ba tukutelisa uJehova.
13Yebo ba m shiya uJehova, ba konza uBali noAstarote.
14uJehova wa tukutelela abakaIsraeli, wa ba nikela esandhleni sabapangayo, ba ba panga, wa ba nikela esandhleni sezita zabo eza zi ngakona, aba be be sa ba nakuma pambi kwezita zabo.
15Ezindaweni zonke aba pumela kuzo, isandhla sika Jehova sa si pezu kwabo ukubenzela okubi, njengokutyo kuka Jehova, na njengokufunga kwake kubo, ba hlupeka kakulu.
16uJehova wa ba vusa abahluli, ba ba sindisa esandhleni, saba ba pangayo.
17Kepa a ba lalelanga ababusi babo, ba ya ba pinga nabanye otixo, ba kotama pambi kwabo; ba pambuka masinyane endhleleni, aba hamba ngayo oyise, ngokulalela imiyalo kaJehova; kepa a benze njalo bona.
18Nxa uJehova e ba vusela ababusi, uJehova wa e nomahluli, wa ba sindisa esandhleni sezita zabo izinsuku zonke zomahluli; ngokuba uJehova wa dabuka ngokukala kwabo, ngenxa yababahlupayo nababazingelayo.
19Kepa kwa ti ekufeni komahluli, ba hlubuka ba zonakalisa ku noyise babo ngokulandela abanye otixo, ukuba ba ba konze, ba kotame pambi kwabo; a ba yekanga imisebenzi yabo nendhlela yabo yenkani.
20uJehova wa tukutelela abakaIsraeli, wa ti, Ngokuba lababantu beqile isivumelwano sami, enga ba yala oyise ngaso a ba lalelanga izwi lami;
21Nami a ngi yi kupinda ngi xotye muntu pambi kwenu kulezozizwe a zi shiyayo uJoshua ekufeni kwake;
22Ukuze ngi linge ngabo abakaIsraeli ukuba ba ya kugcina ini indhlela ka Jehova ngokuhamba ngayo, njengoyise ba i gcina, nokuba a ba yi kuigcina.
23uJehova wa zi yeka lezizizwe, ukuba zi nga xotywa masinyane, ka zi nikelanga esandhleni sika Joshua.