1ABANTU ba kwaEfraimi ba ti kuye, Ku ini loku o kwenzileyo kitina, loku a u si bizanga, u ti u za kuya ukulwa namaMidiani? ba pikisana naye ngamandhla.
2Wa ti kubo, Ngenzeni mina uma ku linganiswa nokwenu? ukukotoza kwamaEfraimi a ku lungile ini ku nokuvuna kwamaAbiezeri?
3uJehova u nikele ezandhleni zenu izikulu zamaMidiani, uOrebi noZebi; nga ngi ngenzani uma ku linganiswa nokwenu na? Konake ukumtukutelela kwa bohla, e sa tyo loko.
4uGideoni weza eJordani wa wela, yena nabantu abamakulu amatatu aba be naye, be lambile, be xotya noko.
5Wa ti kubantu ba seSukoti, A ke ni ba pe abantu aba hamba nami izinkwa, ngokuba ba lambile, ngi ya ba xotya oZeba noZalmuna, amakosi amaMidiani.
6Kepa izikulu za seSukoti za ti, Izandhla zika Zeba noZalmuna se zi sesandhleni sako na, ukuba si nike impi yako ukudhla?
7uGideoni wa ti, Ngako nxa uJehova e se ba nikele oZeba noZalmuna esandhleni sami, ngi ya kubula imizimba yenu ngameva a sehlane na ngamabarekani.
8Wa kupuka kona wa ya ePanili, wa kuluma kubo ngokunjalo; abantu ba sePanili ba m pendula njengaloku ba m pendula abantu ba seSukoti.
9Wa kuluma kubantu ba sePanili, wa ti, Nxa ngi buya kahle, ngi ya kubidhliza lenqaba.
10uZeba noZalmuna ba be seKarkori, nempi yabo ya i kona nabo, ku nga ti aba izinkulungwane ezi ishumi nesihlanu, bonke aba be sele empini yaba sempumalanga; kwa ku wile abantu aba hloma inkemba aba izinkulungwane ezi ikulu namashumi amabili.
11uGideoni wa kupuka ngendhlela yabahlala kotente, nga sempumalanga kweNoba neJogbeha, wa nqoba impi, impi i sa ti i gcinekile.
12uZeba noZalmuna ba baleka, kepa wa ba xotya, wa wa bamba amakosi omabili amaMidiani, uZeba noZalmuna, wetusa impi yonke.
13uGideoni indodana ka Joashi wa buya ekulweni nga sekwenyukeni kwelanga.
14Wa bamba umfana wa sebantwini ba seSukoti, wa buza kuye; yena wa m lobela izikulu za seSukoti, namalunga alo, abantu abamashumi a isikombisa nesikombisa.
15Weza kubantu ba seSukoti, wa ti, Namba oZeba noZalmuna, ena ngeisa ngabo, na ti, Isandhla sika Zeba nesika Zalmuna se zi sesandhleni sako, ukuba si ba pe abantu bako abalambileyo ukudhla.
16Wa tabata amalunga omuzi, nameva ehlane, namabarekani, wa ba fundisa ngawo abantu ba seSukoti.
17Wa bidhliza inqaba ya sePanili, wa bulala abantu bomuzi.
18Wa ti kuZeba na kuZalmuna, Ba be njani labobantu ena ba bulala eTabori? Ba ti, Ba be njengawe; kwa ba ilowo wa fana nomntwana wenkosi.
19Wa ti, Ba be ngabafo wetu, amadodana ka mame; Jehova, uma be ni ba gcinile bona ba sinda be ngi nga yi kunibulala.
20Wa ti kuJeteri owamazibulo wake, Suka u ba bulale. Kepa umfana ka hoshanga inkemba yake, ngokuba wa e umfana.
21Kona uZeba noZalmuna ba ti. Suka wena, u si bulale; ngokuba njengendoda a njalo amandhla ayo. Wa se e suka uGideoni wa bulala uZeba noZalmuna, wa tabata izinyangana eza zi sezintanyeni zamakamelo abo.
22Abantu baka Israeli ba ti kuGideoni, Yiba inkosi yetu, wena, nendodana yako, nendodana yendodana yako; ngokuba u si sindisile esandhleni samaMidiani.
23uGideoni wa ti kubo, A ngi yi kuba inkosi yenu, nendodana yami a i yi kuba inkosi yenu; uJehova u ya kuba inkosi yenu.
24uGideoni wa ti kubo, Ma ngi kuleke into kini; ngi nikeni ku be ilowo izindandato zempango yake. (Ba be nezindandato zegolide, loku ba be amaIshmaeli.)
25Ba ti, Si ya kuzinika ngesihle. Ba yeneka ingubo, ba ponsa kona, kwa ba ilowo izindandato zempango yake.
26Insindo yezindandato zegolide, a zi celayo, ya i ngamashekeli egolide a inkulungwane namakulu a isikombisa, ngapandhle kwezinyangana, neziqaza, nezingubo ezibomvu, eza zembetwe amakosi amaMidiani, ngapandhle kwemigexo eya i sezintanyeni zamakamelo.
27uGideoni wa lenza iefodi ngazo, wa li beka emzini wake, eOfra; besuka aba kwaIsraeli bonke ba pinga nalo; la ba umgibe kuGideoni nendhlu yake.
28Kepa amaMidiani a nqotywa pambi kwabaka Israeli; a ba pindanga ba pakamise ikanda labo. Izwe la hlala li tule iminyaka emashumi amane ezinsukwini zika Gideoni.
29uJerubali indodana ka Joashi wa ya wa hlala endhlini yake.
30uGideoni wa e namadodana amashumi a isikombisa, a zalwa uye; ngokuba wa e nabafazi abaningi.
31Isincinzakazi sake esa si eShekemi, naso sa m zalela indodana, wa qamba igama layo uAbimeleki.
32uGideoni indodana ka Joashi wafa e se mdala, wembelwa etuneni lika Joashi uyise, eOfra lamaAbiezeri.
33Kwa ti, e se file uGideoni, abaka Israeli ba buya ba pinga noBali, ba menza uBalberoti a be utixo wabo.
34AbakaIsraeli a ba m kumbulanga uJehova uTixo wabo, owa ba sindisa eziteni zabo inxa zonke;
35A benzanga ubunene kuyo indhlu ka Jerubali, uGideoni, njengako konke ukulunga a be kwenzile kuIsraeli.