1ULUNGILE wena, Jehova, nxa ngi pikisana nawe; ngi ya kukuluma nawe ngokwahlula kodwa. Ukuhamba kwababi ku nenhlanhla ngani na? bonke ondimimbili ba hlezi kahle ngani na?
2U ba tyalile, ba gxilile; ba ya kula, ba ya tela izitelo; u seduze nemilomo yabo, kepa u kude nemibilini.
3Wena, Jehova, u ya ngazi; u ngi bonile; u ngi lingile inhliziyo yami ukuba i njani kuwe; ba kipe njengezimvu zokuhlatywa, u ba lungisele usuku lokuhlatywa
4Izwe li ya kudabuka ku ze ku be nini, ku bune okuluhlaza kwamasimu onke? ngenxa yokona kwabakileyo kulo, izinkomo nezinyoni zi ya qedwa; ngokuba be ti, a ka yi kubona ukupela kwetu.
5Uma u gijimile nabezinyawo, ba ku kataza, u ya kuncintisana kanjani namahashi? na sezweni elitulileyo wa hlala kahle, kepa u ya kwenza njani ekukukumaleni kweJordani?
6Ngokuba nabafo wenu nabendhlu ka yihlo, nabo ba ku pete ngobundimimbili; ba ku landele ngezwi elikulu: u nga betembi, noma be kuluma okuhle kuwe.
7Ngi shiyile indhlu yami, ngi lahlile ifa lami, ngi nikile otandwa umpefumlo wami eziteni zake.
8Ifa lami li njengengonyama e sehlatini kimi; li ngi konyele, ngako ngi li zondile.
9Ifa lami li inyoni e maqapaqapa kimi, izinyoni ezi kona zi ya i vukela; hambani, ni bute izilo zonke za sendhle, ni zi lete ukuba zi dhle.
10Abalusi abaningi ba qedile isivini sami, ba nyatele isabelo sami, benzile isabelo sami esihle si be ugwadule olu nge naluto.
11Ba si citile; si kala kimi, si citekile, Izwe lonke li citekile ngokuba ku nge ko o nakekelayo ngenhliziyo.
12Abapangi ba fikile ezintabeni zonke za sehlane, ngokuba inkemba ka Jehova i ya qeda izwe lonke, ku suka komunye umkaulo ku ze ku fike komunye, ku nga bi ko mutu otulayo.
13Ba tyalile amabele, kodwa ba ya kuvuna ameva; ba zikatazile, kodwa a ba yi kusizwa ngaluto; ni ya kujaba ngenzuzo yenu ngenxa yolaka olufutayo luka Jehova.
14U tyo uJehova ngabo bonke abakelene nami, ababi, aba hlasela ifa, enga li nika abantu bami, abaIsraeli, u ti, Bheka, ngi ya kubakipa ezweni la kubo, naba kwa Juda ngi ya kubakipa ngapakati kwabo.
15Ku ya kuti, se ngi ba kipile, ngi ya kubuya, ngi ba haukela, ngi ba buyisele, ku be ilowo efeni lake na sezweni la kubo.
16Ku ya kuti, uma be fundisisa indhlela yabantu bami, ba funge igama lami, be ti, uJehova u ya pila, njengaloku be fundisile abantu bami ukufunga uBali, kona ba ya kubekwa pakati kwabantu bami.
17Kepa uma be ngezwa, ngi ya kusikipa impela lesosizwe, ngi si qede; u tyo uJehova.