1U TYO uJehova kimi, u ti, hamba, u zitengele ibande lelineni, u li fake ezinkalweni zako, u nga li cwilisi emanzini.
2Nga li zuza ibande njengezwi lika Jehova, nga li faka ezinkalweni zami.
3La buya la fika kimi izwi lika Jehova ngokwesibili, li ti,
4Tabata ibande o li tengileyo, eli sezinkalweni zako, u suke, u ye eUfrate, u li fihle kona ofanteni lwetye.
5Nga ya nga li fihla ngaseUfrate, njengokutyo kuka Jehova kimi.
6Kwa ti emva kwezinsuku eziningi, uJehova wa ti kimi, Suka u ye eUfrate, u suse kona ibande, enga ku yala ukuba u li fihle kona.
7Nga se ngi ya eUfrate, ngemba, nga li susa ibande ku leyondawo lapo be ngi li fihlile kona; kepa bheka, ibande la lonakele, li nga fanele luto.
8Kona izwi lika Jehova la fika kimi li ti,
9U tyo uJehova u ti, Ku njalo ngi ya konakalisa ukuzidhla kuka Juda nokuzidhla okukulu kweJerusalema.
10Lababantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, aba hamba ngobulukuni benhliziyo yabo, ba landela abanye otixo ukuba ba ba konze, ba ba dumise, ba ya kuba njenga lelibande eli nga fanele luto.
11Ngokuba njengebande li namatele ezinkalweni zomuntu, ngi namatelise kimi indhlu yonke ka Israeli, nendhlu yonke ka Juda, u tyo uJehova, ukuba ba be abantu bami, negama, nodumo, nobuhle, kepa a ba lalelanga.
12U ya kutyo kubo lelizwi lokuti, U tyo uJehova, uTixo ka Israeli, u ti, Izimvaba zonke zi ya kugcwaliswa ngewaini. Ba ya kuti kuwe, Impela a sazi ini ukuti, izimvaba zonke zi ya kugcwaliswa ngewaini?
13Kona u ya kutyo kubo u ti, U tyo uJehova u ti, Bheka, bonke abakileyo kulelizwe, namakosi a hlala esihlalweni sobukosi sika Davida, nabapristi, nabaprofeti, nabo bonke abakileyo eJerusalema, ngi ya kubagcwalisa ngokudakwa.
14Ngi ba pohlozanise, umuntu nomfo wabo, oyise nabantwana babo ndawonye, u tyo uJehova. A ngi yi kuba namusa, a ngi yi kubahaukela, a ngi yi kubadabukela, ukuba ngi nga ba citi.
15Yizwani ni lalele, ni nga zidhli, ngokuba uJehova u tyilo.
16Dumisani uJehova uTixo wenu, e nga kenzi ubumnyama, izinyawo zenu zi nga ka kubeki ezintabeni zobumnyama, ni sa hlalela ukukanya, a ku pendule ku be itunzi lokufa, a kwenze ku be ubumnyama obunzima.
17Kepa uma ni nga laleli, umpefumlo wami u ya kukala ngasese ngokuzidhla kwenu; iso lami li ya kulila li hlengezele izinyembezi, ngokuba ku tunjwa umhlambi ka Jehova.
18Yityo kuyo inkosi na kuyo inkosikazi, ni ti, Hlalani pansi ni zitobe, ngokuba se ku wile emakanda enu umqele wodumo lwenu.
19Imizi ya seningizimu i valiwe, ku nga vuli muntu, iJuda li tunjiwe lonkana, la tunjwa la za la pela.
20Bhekani ni bone abezayo be vela enyakato. U pi umhlambi owa piwa wona, umhlambi wako omuhle?
21U ya kutini nxa e ku hambela, ngokuba u ba fundisile ba be amakosi ako, ba ku buse; a u yi kukwehlelwa ubuhlungu njengobomfazi o beletayo na?
22Nxa u ti enhliziyweni yako Ngehlelwe i lezizinto ngani na? Ngokona kwako okukulu izingubo zako zi penywe, nezitende zako zambulwe.
23UmKushi a nga pendula umzimba wake na, ingwe i nga pendula amabala ayo na? kona ni ngenza okuhle nani, eni jwayele ukwenza okubi.
24Ngi ya kubahlakaza njengamakona a muka nomoya wehlane.
25Iloku ku isabelo sako, okwako o ku linganiselwe imi, u tyo uJehova, ngokuba wa kohlwa imi, wa temba amanga.
26Ngako nami ngi penyile izingubo zako ngapambili kwako, ukuba ku bonakale ihlazo lako.
27Ngi bonile ukupinga kwako, nokukonya kwako, nokona kobufebe bako, amanyala ako ezintabeni endhle. Nako kuwe, Jerusalema, A ku yi kuhlambuluka ini, ko za ku be nini?