1UMA u ya kubuya, Israeli, u tyo uJehova, buyela kimi; uma u susa ebusweni bami izinto zako ezinengekayo, a ku yi kuba ondindayo;
2Kodwa, funga ngokuti, uJehova u ya pila, ngeqiniso, ngomteto, na ngokulunga; izizwe zonke zi ya kuzibusisa ngaye, zi bonge ngaye.
3U tyo uJehova kubantu ba seJuda naba seJerusalema ukuti, limani insimu yenu, ni nga hlwanyeli emeveni.
4Zisokeleni kuJehova, ni suse ijwabu lenhliziyo yenu, nina bantu baka Juda nabake eJerusalema; funa ku pume ulaka lwami njengomlilo, lu tyise, ku nga bi ko o lu cimayo, ngobubi bemisebenzi yenu.
5Memezelani kwaJuda, ni bazise naba seJerusalema, ni kulume, ni tyaye itilongo ezweni, ni memeze ngamandhla, ni ti, Butanani, si ngene emizini evikelweyo.
6Pakamisani isiboniso si bheke eZioni, ni baleke, ni nga libali; ngokuba ngi ya kuleta okubi ku vela enyakato nokucita okukulu.
7Ingonyama i ya puma esihlahleni sayo, nocita izizwe u sukile; u pumile endaweni yake ukuba a cite izwe lako; imizi yako i ya kuciteka, ku nga bi ko muntu kuyo.
8Ngaloku fakani indwangu yamasaka, ni kale, ni bubule: ngokuba ulaka olukulu luka Jehova lu nga buyi kiti.
9Ku ya kuti nga lolosuku, u tyo uJehova; inhliziyo yenkosi i ya kufa, nenhliziyo yezikulu, abapristi betuke, nabaprofeti ba tutumele.
10Nga se ngi ti, Au, Nkosi Jehova, impela u ba kohlisile kakulu lababantu neJerusalema, u ti, Ni ya kuba nokutula, kepa inkemba i finyelele na sempefumlweni.
11Nga lesosikati ku ya kutyiwo kulababantu na seJerusalema ukuti, Umoya otyisayo wezintaba za sehlane u yeza entombini yabantu bami, ku nge siwo owokwela nokuhlambulula.
12Umoya omkulu o vela kona u yeza kimi; na manje ngi ya kubalahla.
13Bheka, u yenyuka njengamafu, izinqola zake zi njengezivunguvungu, amahashi ake a namajubane ku nezinkozi. Nako kitina, si citiwe.
14Jerusalema, hlanza inhliziyo yako, u kipe okubi, ukuba u sindiswe. Izizindhlo zako ezimbi zi ya kuhlala kuwe ku ze ku be nini na?
15Loku izwi lomemezayo li vela eDani, nelobikayo usizi li vela entabeni ka Efraimi.
16Zi tyeleni izizwe, ni bike eJerusalema; abaqameli ba vela ezweni eli kude, ba memeza emizini ka Juda.
17Njengabalinda insimu ba li pahlile, ngokuba li ngi hlubukile, u tyo uJehova.
18Ukuhamba kwako nemisebenzi yako i kwenzele loku; loku ku ukona kwako, impela ku ya baba, impela ku finyelele na senhliziyweni yako.
19Izibilini zami! izibilini zami! ngi nobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami i ya bakuza; ngi nge tule, ngokuba u zwile mpefumlo wami, ukukala kwetilongo, ukuhlaba umkosi wempi.
20Ku ya bikwa ukufa nokufa, izwe lonke li citekile; izindhlu zami zi ya citwa ngokuzumeka, otente bami ngokupazima kweso.
21Ngi ya kubona isiboniso, ngi zwe ukukala kwetilongo ku ze ku be nini na?
22Impela abantu bami ba iziula, a ba ngazi; ba ngabantwana aba izipukupuku, a ba nakuqonda; ba hlakanipela ukwenza okubi, kepa a ba kwazi ukwenza okulungileyo.
23Ngi kangela umhlaba, bheka, u citekile, u ze; ngi kangela nezulu, kepa a kuko ukukanya kwalo.
24Ngi kangela izintaba, bheka, zi ya tutumela, namagquma onke a ya zamazama.
25Ngi kangela, bheka, akuko muntu; nezinyoni zezulu zi mukile.
26Ngi kangela, bheka, izwe elivundileyo se li ugwadule, nemizi yonke yalo i bidhlikile, pambi kuka Jehova, pambi kolaka lwake oluvutayo.
27Ngokuba u tyilo Jehova ukuti, izwe lonke li ya kuciteka, kodwa a ngi yi kuliqeda impela.
28Nga loku umhlaba u ya kulila, izulu li be mnyama; ngokuba ngi tyilo, ngi ku misile, a ngi yi kupenduka, a ngi yi kubuya kuko.
29Umuzi wonke u ya kubaleka ngomsindo wabamahashi nabemicibityolo; ba ya kungena emahlatini, benyukele ematyeni; imizi yonke i ya kushiywa, ku ngaki muntu kuyo.
30U ya kwenzani, wena o za kuciteka? Noma u gqoka okubomvu, noma u vata igolide, noma u huqa amehlo ako ngomuti, u ya kuhloba ngeze; aba ku tandayo ba ya kukudela, ba fune ukuba u fe.
31Ngi zwile izwi kungati elomfazi obeletayo, ukukala kungati okwake ozibulayo; izwi lendodakazi ya seZioni, e hehezela, yelula izandhla zayo, i ti, Nako kimina, umpefumlo wami u pela mandhla ngenxa yababulali.