1IZWI eleza kuJeremia li vela kuJehova li ti,
2Yima esangweni lendhlu ka Jehova, u memezele kona lelizwe, u ti, Yizwani izwi lika Jehova, nina nonke ba kwaJuda, eni ngenile ngalawamasango ukuba ni m dumise uJehova.
3U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Lungisani ukuhamba kwenu nemisebenzi yenu, kona ngi ya kunakisa ku lendawo.
4Ni nga tembi lawamazwi amanga okuti, Loku ku itempeli lika Jehova, iko itempeli lika Jehova, iko itempeli lika Jehova.
5Kepa uma ni lungisisa ukuhamba kwenu nemisebenzi yenu, uma ni patana ngokomteto,
6Uma ni nga hlupi owezizwe, nentandane, nomfelokazi; ni nga citi igazi eli nge nacala ku lendawo, ni nga landeli abanye otixo ni ze nonakale;
7Kona ngi ya kunakisa ku lendawo, ezweni enga li nika oyihlo benu, ku ze ku be pakade.
8Bheka, ni yetemba amazwi amanga a nge nakusiza.
9Ni ngeba ini, ni bulale, ni pinge, ni funge amanga, ni m tyisele uBali impepo, ni landele abanye otixo eni nga baziyo?
10Ni ze ni me pambi kwami ku lendhlu, e bizwa ngegama lami, ni ti, Si kululekile ukuba senze konke loku okunengekayo?
11Imbala lendhlu e bizwa ngegama lami, se i umhume wabapangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngi bonile, u tyo uJehova.
12Kepa hambani ni ye endaweni yami e seShilo, lapo nga misa kona igama lami kuqala, ni bone engi kwenzileyo kuyo ngenxa yokona kwabantu bami abaIsraeli.
13Kaloku, ngokuba ni yenza yonke lemisebenzi, u tyo uJehova, ngi kulumile kini, nga qinisa, kepa a ni zwanga; nga ni biza, a ni sabelanga.
14Ngako ngi ya kwenza ku lendhlu e bizwa ngegama lami, eni temba kuyo, na ku lendawo enga ni nika nina noyihlo benu, njengaloku ngenza eShilo.
15Ngi ya kunixotya ebusweni bami, njengaloku nga xotya abafo wenu bonke, inzalo yonke ka Efraimi.
16Ngako u nga ba kulekeli lababantu, u nga ba kaleli, u nga ba celeli, u nga nxusi kimi, ngokuba a ngi yi kukuzwa.
17A u boni ini aba kwenzayo emizini ka Juda na sezindhleleni za seJerusalema?
18Abantwana ba teza izinkuni, oyise ba basa umlilo, abafazi ba xova inhlama, benzele inkosikazi yezulu izinkwana, ba telele abanye otixo iminikelo yokupuza, ukuba ba ngi cunule.
19Ba ngi cunula mina na? u tyo uJehova. A ba zicunuli bona ini ba ze ba jabe?
20Ngako iNkosi uJehova u tyo u ti, Bheka, ulaka lwami notukutela kwami ku ya kutelwa ku lendawo, ebantwini, na sezinkomeni, na semitini ya sendhla, na sezitelweni zomhlaba, ku vute ku nga cinywa.
21U tyo uJehova wamabandhla, uTixo ka Israeli, u ti, Tabatani iminikelo yenu yokutya kanye nemihlatyelo yenu, ni dhle inyama.
22Ngokuba a ngi kulumanga noyihlo benu, a ngi ba yalanga ngeminikelo yokutya nemihlatyelo msukwana ngi ba kipa ezweni la sEgipite.
23Kepa nga ba yalela loku, nga ti, Lalelani izwi lami, ngi be uTixo wenu, ni be abantu bami, ni hambe ngezindhlela zonke engi ni yalela zona, ukuze ku be kuhle kini.
24Kepa a ba lalelanga, a ba bekanga indhlebe yabo; ba hamba ngamacebo abo, ngobulukuni benhliziyo embi yabo, ba fulatela be nga bheki pambili.
25Iloku oyihlo ba puma ezweni la sEgipite ku ze ku be namhla ngi tumile izinceku zami zonke, abaprofeti, imihla ngemihla ngokuqinisa.
26Kepa a ba ngi lalelanga, a ba bekanga indhlebe; benza intamo yabo i be lukuni, bona kakulu ku noyise babo.
27Noma u kuluma kubo lawamazwi onke, a ba yi kukuzwa; u nga ba biza, kepa a ba yi kusabela kuwe.
28U ya kutyo kubo u ti, Lesi si isizwe esi nga laliyo izwi lika Jehova, uTixo waso, si nga vumi ukululekwa; iqiniso li nyamalele li nqamukile emlonyeni waso.
29Gunda izinwele zako, Jerusalema, u zi lahle; wenze isililo ezindaweni ezipakemeyo, ngokuba uJehova u si dubile wa si lahla isizukulwane solaka lwake.
30Ngokuba abantwana baka Juda benzile okubi pambi kwami, u tyo uJehova; ba bekile okunengekayo endhlini, e bizwa ngegama lami, ukuba ba ingcolise.
31Bakile izindawo ezipakemeyo za seTofeti, eli sesihlanjeni sika Benhinomi, ukuba ba tyise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo into engi nga ba yalelanga yona, ka i ngenanga enhliziyweni yami.
32Ngako bheka, ku yeza izinsuku, u tyo uJehova oku nga sa yi kutiwa ngazo iTofeti, neSihlambo sika Benhinomi, kodwa ku ya kutiwa iSihlambo sokubulawa; ku ya kumbelwa eTofeti ngokuba ku nge ko enge indawo.
33Izidumbu za lababantu zi ya kuba ukudhla kwezinyoni zomkati nokwezilwane zomhlaba, ku nga bi ko muntu o zetusayo.
34Ngi ya kutulisa emizini ya kwaJuda na sezindhleleni za seJerusalema izwi lokwenama nezwi lokutokoza, izwi lomyeni, nezwi lomlobokazi, ngokuba izwe li ya kuciteka.