1INHLIZIYO yenu ma i nga katazeki: kolwani uTixo, ni kolwe imi.
2Ekaya lika Baba ku kona izindhlu eziningi: uma ku nge njalo, nga be nga ni tyela. Ngi ya ukunilungisela indawo.
3Uma ngi ya, ngi ni lungisele indawo, ngo buya ngi ze ngi namukele, ni be nami, ukuba lapa ngi kona, ni be kona nani.
4Na lapa ngi ya kona, ni ya kwazi, nendhlela ni ya yazi.
5uTomasi wa ti kuye, Nkosi, a sazi lapa u ya kona, si nga yazi indhlela kanjani na?
6uJesu wa ti kuye, Mina ngi indhlela, neqiniso, nokupila, akuko umuntu o za kuBaba, uma e ngezi ngami.
7Uma be ni ngazi, nga ni m azi noBaba; kepa kaloku se ni m azi, ni m bonile.
8uFilipu wa ti kuye, Nkosi, si bonise uYihlo, ku sanele.
9uJesu wa ti kuye, Be ngi nani isikati esingaka, a u ka ngazi, Filipu, na? o ngi bonile, u bonile noBaba; u tyo ngani ukuti, Si bonise uYihlo, na?
10A u kolwa ukuba ngi kuBaba, noBaba u kimi na? Lamazwi engi wa kuluma kini, a ngi zikulumeli mina; kepa uBaba o hlala kimi, uyena owenza imisebenzi.
11Kolwani imi ukuti, ngi kuBaba, noBaba u kimi: uma ku nge njalo, kolwani imi nga lemisebenzi.
12Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, O kolwa imi, imisebenzi engi yenzayo wo yenza; nemikulu ku na le u ya kuyenza, ngokuba ngi ya kuBaba.
13Loko eni ku cela ngegama lami ngo kwenza, ukuba uYise a dunyiswe ngeNdodana.
14Uma ni cela uto ngegama lami, ngo lwenza.
15Uma ni ngi tanda, gcinani imiyalo yami.
16Ngi ya kucela kuBaba, a ni pe omunye uMtokozisi wokuba a hlale nani ku ze ku be pakade;
17Ngi tyo uMoya weqiniso, eli nge m amkele izwe ngokuba li nga m boni, li nga m azi; kodwa nina ni ya m azi; ngokuba e hlala nani, wo ba pakati kwenu.
18A ngi yi ku ni shiya ni izinkedama; ngo buya ngi ze kini.
19Ku se isikatyana, izwe li nga bi li sa ngi bona; kodwa ni ya ngi bona nina; loku ngi pila, ni ya kupila nani.
20Nga lolosuku ni ya kwazi ukuba ngi kuBaba, nani ni kimi, nami ngi kini.
21O nemiyalo yami, a i gcine, uyena o ngi tandayo; o ngi tandayo u ya kutandwa uBaba, nami ngi ya kumtanda, ngi zibonakalise kuye.
22uJuda (e nge siye uIskarioti) wa ti kuye, Nkosi, ku ngani, u za kuzibonakalisa kitina, u nga zibonakalisi na sezweni, na?
23uJesu wa pendula, wa ti kuye, Uma umuntu e ngi tanda, u ya kugcina izwi lami uBaba u ya kumtanda, si ze kuye, si hlale naye.
24O nga ngi tandiyo, ka gcini amazwi ami; nezwi eni li zwayo, a silo elami, elika Baba o ngi tumileyo.
25Ngi shumayele loku kini, ngi sa hlezi nani.
26Kepa uMtokozisi, uMoya o ingcwele, a ya kumtuma uBaba ngegama lami, uyena o ya kunifundisa konke, a ni kumbuze konke, engi ku tyilo kini.
27Ngi shiya ukutula kini, ukutula kwami ngi ni nika kona; a ngi ni nika njengokupa kwezwe. Izihliziyo yenu ma i nga katazeki, yesabe.
28Se ni ngi zwile ngi tyo kini ukuti, Ngi yemuka, ngo buya ngi ze kini. Uma be ni ngi tanda, nga ni jabula, ngokuba ngi ya kuBaba, loku uBaba mkulu ku nami.
29Se ngi ni tyelile ku nga kenzeki, ukuba ni kolwe se kwenzekile.
30A ngi se zi kukuluma kakulu nani: i yeza inkosi yezwe, kepa a i naluto kimi.
31Kodwa ku njalo ukuze izwe lazi ukuba ngi ya tanda uBaba, ngenze njengokungiyala kuka Baba. Sukani, si muke lapa.