1KODWA uJesu wa ya entabeni yemihlwati.
2Kwa ti ngovivi wa buya weza etempelini, abantu bonke beza kuye; wa hlala wa ba fundisa.
3Ababali nabaFarisi bezisa kuye umfazi e banjwe e sa pinga; ba m misa pakati.
4Ba ti kuye, Mfundisi, lomfazi u banjwe e pinga, e soqotyeni lwako.
5uMosi wa si tyela ukuba abanjalo ba kandwe ngamatye; kepa wena u tini na?
6Ba tyo loku be m linga, ukuba ba m tolise icala. Kodwa uJesu wa kotama, wa loba emhlabatini ngomunwe.
7Ba qinisa ba m buza, wa lulama, wa ti kubo, O nge nasono pakati kwenu, ka qale a ponse itye kuye.
8Wa buya wa kotama, wa loba emhlabatini.
9Se be zwile, ba lahlwa izinhliziyo zabo, ba puma ngabanye, ku qala kwabakulu kwa za kwa ba abancinyane; uJesu wa sala yedwa, umfazi e mi pakati.
10uJesu wa lulama, e nga boni umuntu, umfazi kupela; wa ti kuye, Mfazi, bapi lababacebi bako na? a ku ko o ku lahlayo na?
11Wa ti, Ka ko, Nkosi. uJesu wa ti kuye, Nami a ngi ku lahli; hamba, u nga bi u sona.
12Kona uJesu wa buya wa kuluma kubo, e ti, Ngi ukukanya kwezwe; o ngi landelayo ka yi kuhamba ebumnyameni, kodwa wo ba nokukanya kokupila.
13abaFarisi ba ti kuye, U ya ziqinisela wena; ukuqinisa kwako a ku qinisile.
14uJesu wa pendula wa ti kubo, Noma ngi ziqinisela mina ukuqinisa kwami ku qinisile; ngokuba ngi yazi lapa nga vela kona na lapa ngi ya kona; kodwa nina a nazi lapa nga vela kona, na lapa ngi ya kona.
15Nina nahlula ngokwenyama; mina a ngahluli umuntu.
16Uma ngahlula ukwahlula kwami ku qinisile; ngokuba a ngi ngedwa; kepa imina noBaba o ngi tumileyo.
17Ku lotyiwe emtetwini wenu ukuti, Ukuqinisa kwabantu ababili ku qinisile.
18Imina engi ziqiniselayo, nobaba o ngi tumileyo u ya qinisa ngami.
19Ba ti kuye, Uyihlo, upi na? uJesu wa pendula wa ti, A ni ngazi mina, a ni m azi nobaba: uma nazi mina, ni nga m azi noBaba.
20uJesu wa kuluma lamazwi endhlini yemali, e fundisa etempelini; kwa ku nge ko umuntu, owa m bambayo, loku sa si nga ka fiki isikati sake.
21Kona uJesu wa buya wa ti kubo, Ngi yemuka, ni ya kungifuna, kodwa ni ya kufa ezonweni zenu: lapa ngi ya kona ni nge ze nina.
22Ba ti abaJuda, U ya kuzibulala ini? loku e ti, Lapa ngi ya kona ni nge ze nina.
23Wa ti kubo, Nina ni ngabapansi, mina ngi ngowa pezulu: nina ni ngaba lelizwe, mina a ngi ngowa lelizwe.
24Njalo nga ti kini, Ni ya kufa ezonweni zenu: uma ni nga kolwa ukuti, ngi uye, ni ya kufa ezonweni zenu.
25Ba ti kuye, Wena u ngubani na? uJesu wa ti kubo, Uye njalo engi m tyoyo.
26Ngi nokuningi kokushumayela nokwahlula ngani; kodwa o ngi tumileyo u qinisile; loku engi ku zwileyo kuye, ngi ku shumayela ezweni lonke.
27Ba be ngazi ukuba wa shumayela kubo ngoYise.
28uJesu wa ti kubo, Nxa ni i pakamisile iNdodana yomuntu, kona ni ya kwazi ukuti imina, ngi ngenzi luto ngokwami; kodwa ngi shumayela loku njengokuba u ngi fundisile uBaba.
29O ngi tumileyo u nami; uBaba ka ngi shiyanga ngedwa; loku ngenza ngezikati zonke okutandeka kuye.
30E sa shumayela loku, abaningi ba kolwa uye.
31uJesu wa ti kubaJuda aba kolwa uye, Uma ni mi ezwini lami, ni ngabafundi bami isibili.
32Ni ya kulazi iqiniso; iqiniso li ya kunikulula.
33Ba m pendula ba ti, Si inzalo ka Abrahama tina, a si zanga si konze kumuntu napakade. Wena u tyo kanjani ukuti, Ni za kukululwa na?
34uJesu wa ba pendula wa ti, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Owenza isono u isigqili sesono.
35Isigqili a si hlali endhlini pakade, indodana i hlala pakade.
36Njalo uma iNdodana i ni kulula, ni ya kuba abakululekileyo impela.
37Ngi yazi ni inzalo ka Abrahama; kodwa ni funa ukungibulala, ngokuba izwi lami li nge nandawo kini.
38Mina ngi shumayela loko engi ku bonile kuBaba; nina nenza loku eni ku bonile kuyihlo.
39Ba pendula ba ti kuye, Ubaba wetu u nguAbrahama. uJesu wa ti kubo, Uma ni ngabantwana baka Abrahama, nga ni yenza imisebenzi ka Abrahama.
40Kodwa kaloku ni funa ukungibulala, mina umuntu o ni tyela iqiniso, engi li zwe kuTixo. uAbrahama a kenzanga loko.
41Ni yenza imisebenzi ka yihlo. Ba ti kuye, A si zelwe ngokupinga; si noBaba munye, uTixo.
42uJesu wa ti kubo, Uma uTixo e nguyihlo wenu, nga ni tanda mina; ngokuba nga puma kuTixo, ngi fikile; a ngi zizelanga mina, wa ngi tuma yena.
43A ni kwazi ngani ukushumayela kwami? ku ngokuba a ni nakuzwa izwi lami.
44Nina ni ngaboyihlo uSatani ni tanda ukwenza ukufisa kuka yihlo. Lo wa e ngumbulali wabantu ekuqaleni, e ngemi eqinisweni, loku iqiniso li nge ko kuye. Nxa e kuluma amanga, u kuluma ngokwake, e ngo namanga, noyise wawo.
45Kodwa mina, loku ngi kuluma iqiniso, a ni kolwa imi.
46U mupi kini o ngi lahla ngezono na? Kepa uma ngi kuluma iqiniso, a ni kolwa imi ngani na?
47O ngoka Tixo u yezwa amazwi ka Tixo; nga loku a ni zwa nina, a ni sibo abaka Tixo.
48Ba se be pendula abaJuda, ba ti kuye, A si tyo kahle ini ngokuti, wena u ngumSamaria, u nedemone na?
49uJesu wa pendula wa ti, A ngi nademone; ngi dumisa uBaba; nina ni ya ngeisa.
50A ngi zifuneli ukudunyiswa; u kona o funayo nowahlulayo.
51Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, Uma umuntu e gcina izwi lami ka sa yi kubona ukufa.
52Kona abaJuda ba ti kuye, Kaloku si yazi u nedemone. uAbrahama wa fa, nabaprofeti ba fa; wena u ti, uma umuntu e gcina izwi lami, ka sa yi kuzwa ukufa.
53Wena umkulu ini ku nobaba uAbrahama owa fayo na? nabaprofeti se ba fa: u zenza ubani wena na?
54uJesu wa pendula wa ti, Uma ngi zidumisa, ukuzidumisa kwami ku ize; uBaba o ngi dumisayo, eni ti ngaye, uTixo wenu.
55Kepa a ni m azi; ngi ya m azi mina; uma ngi ti, a ngi m azi, ngi nga ba o qamba amanga njengani; kepa ngi ya m azi, ngi gcina izwi lake.
56uAbrahama uyihlo wa jabula ukubona usuku lwami; wa lu bona, wa tokoza.
57Kona abaJuda ba ti kuye, A u ka bi nayo iminyaka emashumi a isihlanu, u su ke wa m bona uAbrahama na?
58uJesu wa ti kubo, Ngi qinisile, ngi qinisile, ngi ti kini, uAbrahama e nga ka bi ko, ngi kona.
59Ba se be tabata amatye, ukuba ba m kande, kepa uJesu wa sitela, wa puma etempelini, e dabula pakati kwabo wa dhlula njalo.